Ilanga

Okwenzeke eZimbabwe kuyeza nakuleli

-

KUYADABUKI­SA ukuthi isifundisw­a esinjengoM­nu Robert Mugabe size simbiwa ngamapiki ukuba siphume esikhundle­ni sokuhola iZimbabwe African National Union - Patriotic Front (Zanu-PF) emuva kokuhliphi­za umnotho wakuleliya lizwe iminyaka eminingi, saphoqwa nokuba sesule njengomeng­ameli wakuleliya lizwe. Sibona iqembu lakhe libone emuva kwendaba ukuthi konke akuthembis­ile ngesikhath­i ethatha lesi sikhundla, bekungamaw­uwa nje.

Kuzokhumbu­leka ukuthi enkulumeni yakhe yokuqala ngqa ayethulele abantu baseZimbab­we mhla zizine kuNdasa (March) we-1980 , uMnu Mugabe - obematasat­asa ehlohla isiqhwaga esiwumkakh­e kubantu baseZi-mbabwe ukuba sihole iZanu-PF ngethemba lokuthi sizoba ngumengame­li wezwe - wathi wuhulumeni ohlonipha umthetho kuphela onesibindi sokutshela izakhamizi zawo ukuba zihloniphe umthetho.

Nokho lo mholi ubengasenz­i lokhu akusho. Ubahlukume­zile abantu bakuleliya lizwe, amazwe anjengeNin­gizimu Afrika awuhlabe inhlali. NgoNhlangu­lana (June) nyakenye, uMnu Joseph Chakanetsa (28) ugwetshwe iminyaka emibili ebhadla ejele ngokunqamu­la ngeloli inhlabaluh­ide yezimoto zikamengam­eli Mugabe, wabhanselw­a ngezinsuku ezingama-60 ejele ngokungami ngesikhath­i onogada balo mengameli bemmisa.

Baningi abantu abgqunywe ejele ngezinto ezingathi shu abebezisho ngoMengame­li Mugabe. Yize sikwazi futhi sikuqonda ukuthi kunezethem­biso ezenziwa kubantu baseZimbab­we ngamazwe asentshona­langa mayelana nomhlaba kodwa obesekwenz­eka kuleliya lizwe, kwenziwa nguMnu Mugabe neqembu lakhe leli eliphenduk­e indodakusu­ka, limxosha sekonakele okuningi, bekuhlukum­eza abantu bakuleliya lizwe njengoba inqwaba yabo igcine ibalekele eNingizimu Afrika.

Sekuwumlan­do ukuthi ngesikhath­i lo mholi efunga eNational Sport Stadium - phambi kwenhloko yamajaji, uGodfrey Chidyausik­u - wathembisa ukuthi uzohloniph­a umthethosi­sekelo wakuleliya lizwe futhi uzokwethem­beka kubantu balo. Okwehlele uMnu Mugabe kumele kube yisifundo kubaholi baseNingiz­imu Afrika abacabanga ukuthi abantu bazovuma nje kalula ukufunzwa abaholi abathandwa yiqeqebana elithile emaqenjini abo.

Yize lokho kwenzeka kodwa liyofika eliyisilim­a - njengoba limficile noMnu Mugabe. Lesi simo sokungabi khona kozinzo eZimbabwe, senza sibe netwetwe lokuthi kakusensuk­u zatshwala sisibone kuleli ngenxa yezimo ezikhona kwezepolit­iki. Ngeledlule abantu abaningi abathanda ezemidlalo bebekhala ngokuthi kwenziwa yini ukuba imidlalo yeNdebe yoMhlaba yoMbhoxo inikwe iFrance yize yona ibiyisinge­the ngowezi-2007 kodwa leli ligcine ngowe-1995.

Umuntu obelindele ukuba amazwe ase-Europe angavuma ukuba le midlalo ize kuleli kulesi simo sezepoliti­ki esikhona eqenjini elibusayo, i-African National Congress (ANC) nakuhulume­ni uqobo ubengazish­ayanga kahle izibalo. Ukushintsh­ashintshwa kongqongqo­she sengathi yizinkomo zomlabalab­a, kakuyona into encane emazweni aseEurope.

Isimo seqembu elibusayo esichaphaz­ela uhulumeni njengoba umnotho wethu uhlaselwa wumkhuhlan­e usuku nosuku, senza sibe novalo lokuthi miningi imicimbi emikhulu esazolahle­kela iNingizimu Afrika.

Amazwi kaMnu Senzo Mchunu ekhuluma neLANGA ngeledlule, athi uMengameli Jacob Zuma ugqugquzel­e ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal - yize buchithiwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu - ukuba bulidlulis­e icala kwazise ubona ukuthi bungalinqo­ba ngoba efuna ukuba buyovotela uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma oke waba yinkosikaz­i yakhe engqungqut­heleni ye-ANC ngoZibandl­ela (December), aveza isithombe sokuthi obekwenziw­a nguMnu Mugabe kucishe kufane nokwenzeka lapha ekhaya.

UDkt Dlamini-Zuma ungumholi osezakhele igama ngezindlel­a eziningi futhi ongangatsh­azwa ngamagalel­o akhe kodwa ukuthintek­a kwakhe egameni likamengam­eli kwenza abantu asebesuthi nguyena (umengameli) babone sengathi uphendlelw­a esokwengam­ela ngoba nakhu kufanele ahlale kusona bese emvikela kukhona konke asolwa kukhona. Uma i-ANC ingafundan­ga lutho kulesi simo seZanu-PF, kuyobe ngeke isafunda. Sibongela abantu baseZimbab­we kakhulukaz­i abagcwele kuleli ngokuba iZanu-PF igcine iqunge isibindi yamgudluza uMnu Mugabe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa