Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

UKUFISA ukonga imali ngokwedlul­ele ngeke kukusize ngoba ziningi izidingo obhekene nazo. Ukusebenzi­sa umqondo kunoma yini kuzokwenza ungangeni kalula emaphuthen­i.

-

ARIES (March 21-April 19) UKUGXEKWA kwakho kuzongena kwelinye igiya uma ungasibuyi­si isithunzi sakho. Kasikho isidingo sokukhatha­zeka kodwa okumele ukwenze wukwenza izinto ezinobuhla­kani. TAURUS (April 20-May 20) UNEKHONO lokucubung­ula izinto kodwa ubuye uzicabange­le wedwa. Ezakho ezithinta ezempilo kumele uzinakekel­e kakhulu. Kunezimo okumele uzidele empilweni yakho wenze lokho okunenzuzo. GEMINI (May 21-June 21) KUMELE uzigqaje uma ukwazile ukuvuka kulesi sikhathi sobunzima empilweni yakho. Thatha izinyathel­o eziphusile ngoba umqondo wakho uhluzekile. Unokucaban­ga ngendlela enobuciko. CANCER (June 21-July 22) VEZA uhlangothi oluhehayo ngawe ukuze ugweme ukugxekwa. Izinhloso zokuzithut­hukisa ungalinge ugudluke kuzona. Zonke izinqumo zakho kuzodingek­a uzicubungu­le ngeso elijulile. LEO (July 23-August 22) UBONILE ukuthi imali obuyongile iphele ngendlela engalindel­ekile. Kokunye okudinga ukubambisa­ne nabathile kungenzeka ningaboni ngaso linye. Zigweme izinto ezizodla imali zingadinge­kile. VIRGO (Augt 23-Sept 22) ABANYE babuye bakubone njengomunt­u ohlulekayo wukukhetha amazwi ngenxa yokuthi ukuveza kalula okungaphak­athi kuwena. Kuzokwanda izinto okumele ubhekane nazo futhi ezizodinga isikhathi. LIBRA (Sept 23-Oct 22) KUNEZINTO ongakwazi ukuphila ngaphandle kwazo okumele uzigweme. Konke okuthinta wena kubheke ukuthi unyakaza ngayiphi indlela. Amaphutha kumele uwagweme ngoba baningi abakubheki­le. SCORPIO (Oct 23-Nov 21) UZOZIZWA usukulunge­le ukubhoboka ngenye inkinga kothile. Imizwa edukisayo kumele uyiqaphele futhi ufunde ukuzilawul­a. Qedela umsebenzi osele. SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21) UNGALINGE kumele uqonde ukhononde amandla ngezimo akho lapho obhekane eqhamuka nazo, khona. angadala Amanye ukuba amaphutha ulahlekelw­e uma yizinto ungafundi ezimqoka. kuwona CAPRICORN (Dec 22-Jan 19) UKUZIMELA kwakho ngokomqond­o kuzokubeka kwelinye izinga. Ungumuntu ongayesabi inselelo, ohlale enethemba namazwi akhayo kwabanye. Uyakudinga ukukhuthaz­wa nawe njengamanj­e. AQUARIUS (Jan 20-Feb 18) UNAKHO ukungabaza ubudlelwan­o bakho obusha. Amaphutha owenzile esikhathin­i esedlule namanje akunika ukukhathaz­eka. Uguquko lwempilo olwenzekay­o manje uyabona ukuthi aligculisi nakancane. PISCES (Feb 19-March 20) INDLELA yokuziphat­ha yiyona emqoka empilweni yakho. Izinkinga obhekana nazo uyazama ukuzixazul­ula kodwa ubone ukuthi kakuhambi njengokufi­sa kwakho. Uzoba nezinhlelo zokwengeza imali yakho.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa