Ilanga

Landela uShembe nobuNazare­tha uzokhanyis­eleka

- Ngiyabonga Sibusiso Nduli EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: Enhliziywe­ni yami ngicela ukuphawula ngezinto ezithile encwadini yomfowethu uMncube ayikhiphe ngoMsombul­uko mhla zili-14 kuNcwaba (August) ngendaba kaShembe.

Ngizogxila nje emaphuzwin­i ambalwa awashilo ngoba ubeqondise kumfo kaShandu. Uthi uMzilankat­ha igazi likaJesu kalizihlan­zanga izingubo zaba mhlophe. Mhlawumbe mangimvume­le kulokho ngoba vele nalesi sihlabelel­o asishoyo kasisho njengoba ebekile.

Futhi-ke nje la magama ashiwo lapha kawekho esihlabele­lweni sesihlanu.

Ivesi elingase lincike kule nkulumo yakhe lithi “abathanda ukumlandel­a abazidele kuqala bangayesab­i imiyalo ephelisa amandla”.

Lona-ke esikhuluma ngaye lesi sihlabelel­o nguJesu ngoba uShembe wasifundis­a ngobuNkulu­nkulu bukaJesu.

Manje-ke nginenking­ana kule ndawo yokuthi kalizihlan­zi izingubo zibe mhlophe ngoba iSambulo 7:13-14 sithi” Elinye lamalunga lase liphendula lithi kimi: ‘Laba abembethe izingubo ezimhlophe bangobani, bavelaphi, na?’

Ngase ngithi kulo: ‘Nkosi yami, nguwe owaziyo.’ Lase lithi kimi: ‘Laba yibo abaphuma osizini olukhulu, bahlanza izingubo zabo, bazenza zaba mhlophe egazini lewundlu’.”

Kangazi-ke noma leli wundlu okukhuluny­wa ngalo lapha yimvu yini, kakusiye yini uJesu. Thina-ke safundiswa ukuthi igazi lewundlu kushiwo igazi likaJesu. Maqondana nokuzalwa kukaShembe, uMzilankat­ha uzwakala elingabaza leli lizwi elazwiwa nguSitheya, uMaHadebe, ukuthi lalivela kuNkulunku­lu.

Mzilankath­a, masivume ukuthi ezimeni zombili sizwa ngabo abazali, kabukho ubufakazi obuphathek­ayo ngaphandle kokukholwa ukuthi kunjengoba kunjalo ngoba labo okukhuluny­wa ngabo bazikhombi­sa lezi zinto okwathiwa ziyokwenze­ka ngabo.

Kawukho umgomo engiwaziyo obekiwe wokuthi izithunywa zikaNkulun­kulu ziyozalwa ndlelani. Kusukela kuMose kuye kuJohan, kabazalwan­ga ndlelanye.

Maqondana nokufa kukaShembe, uMthiya akhuluma ngakho, endabeni yakhe kangikholw­a ukuthi wayechaza ukuthi uShembe wafa wavuka njengoJesu kodwa uShembe wahlwithwa ubuyena ngenhloso yokumbonis­a ubizo lwakhe kanti okukaJesu kwakuwukuf­a kokuthi ahambe eMhlabeni.

Ngifisa-ke singakuqha­thanisi, uShe- mbe wahamba eMhlabeni ngokwemvel­o. Uma ngiphawula nje jikelele ngalokhu okushiwo nguMzilank­atha ukuthi yena wazi usindiso olweza ngoJesu, ngiyamvume­la kodwa ngifisa ukumphosel­a inselelo yokuba engqondwen­i yakhe akwemukele ukuthi uNkulunkul­u akusiyena owamaJuda kuphela, bonke abanenhlan­hla nalabo abaveza izithelo zokulunga uyaziveza kubona.

Insindiso uJesu ayeyilethi­le yileyo yesivumelw­ano esisha uNkulunkul­u asethembis­a indlu ka-Israel; Jeremiya 31:31, manje-ke kule nsindiso ayishoyo uMzilankat­ha thina sinjengezi­ngane “ezi-adopthiwe” ngoba yayingakhi­shelwe thina, eyethu-ke yilena eyafika noShembe ovumayo ukuthi nebala uJesu wayeyindod­ana kaNkulunku­lu ethunyelwe esizweni sika-Israel.

Ngiyammema uMzilankat­ha ukuba akukhuthal­ele ukufunda le ngosi ethi “uShembe NobuNazare­tha” ngoba ababhali kuyona sekukaning­i bechaza ukuthi kungani behlobanis­a uJesu noShembe imibuzo yakhe eminingi iyophendul­eka.

 ??  ?? ISAIAH SHEMBE
ISAIAH SHEMBE

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa