UBUMBANO ABAKWAMKHWANAZI BEHAMBISA IZIKHALO
BABEKE eceleni ukungaboni ngasolinye ngokufanele aqhoqhobale isikhundla sobukhosi abantwana basendlunkulu yesizwe sakwaMkhwanazi KwaMpukunyoni, eMtubatuba, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal, bangenela imashi enokuthula yamalunga omphakathi waseDukuduku (khona eMtubatuba) ngoLwesihlanu.
Umphakathi waseDukuduku umashe usuka kule ndawo walibangisa ehholo lomphakathi eSt Lucia okuyilapho ubuyokwethula uhlu lwezikhalo mayelana nezimo zenhlalo ophila ngaphansi kwazo.
Kunomsindo ngesikhundla sobukhosi njengoba amanye amalunga omndeni noMnyango wezokuBusa ngokubambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal beqhwakelise uMzokhulayo Mkhwanazi kwesobukhosi kanti abanye abaKhwanazi bathi nguKhethukuthula Mkhwanazi ofanelwe yisihlalo.
Abeseka uKhethukuthula bavunwe yinkantolo emasontweni amabili edlule. Kule mashi ebihlelwe nguMnu Mzonjani Gumede, kube nokuphazamisela okuncane ezitolo zaseSt Lucia ngesikhathi amalunga omphakathi edlula kuleli dolobha.
NgoMsombuluko nangoLwesine ILANGA libike kabanzi ngokushuba kwesimo eDukuduku ngenxa yombango wobunikazi bendawo oshisa phansi phakathi kwesizwe sakwaMkhwanazi - esiholwa yiNkosi Mzokhulayo esanda kubuyisela icala enkantolo emuva kokuba enikwe umyalelo wokuba angaphinde azibize ngenkosi - nesizwe sakwaMthethwa KwaMbonambi esiholwa yiNkosi Ntemba Mthethwa.
Ohlwini lwezikhalo ezifundwe nguMnu Gumede, kuvele ukuthi abakwaMkhwanazi kabenelisekile ngabakwaMthethwa okuthiwa baqhwaga iDukuduku, wukubiywa kwesiqiwu iSmangaliso Wetland Park abathi sibavalele ngaphakathi, bakhala ngokuthi kuvaleleke nehlathi labo eliyigugu kwizakhamizi zaseDukuduku ngoba kuningi okwenziwa kulona njengokuhlambuluka uma kukhona okudinga inhlambuluko ngokwesintu, wuku- valeleka kwamadlelo, wukugqoza kwezidingo zentuthuko. Bafuna kuvinjwe indodana yenkosi yakwaMthethwa, uMntwana uVini Mthethwa ukuba ilubhade kule ndawo ngoba ixova isizwe.
UVini usolwa ngokusebenzisa budlabha amandla okuba yindlalifa yenkosi ngokufuna ukubeka izinduna kule ndawo. Ezikhalweni eziningi kusolwa uMnu Walter Nsele oyisisebenzi soMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa nguNkk Nomusa Dube-Ncube.
UMnu Nsele oqashwe yilo mnyango ukuba abe yiso lawo ekuhanjisweni kwezidingo zomphakathi, usolwa ngokuchema. Usolwa ngokulanda abeSimangaliso ukuba bayovula isiqiwu kule ndawo nangokungawuhloniphi umphakathi uma ubeka izikhalo zawo.
Ngaphandle kukaMnu Nsele, kusolwe umphathi-siteshi wamaphoyisa aseMtubatuba, uColonel Mhluleli Mngomezulu ngokuchema nohlangothi lwabakwaMthethwa uma kufanele asingathe lolu daba. UCol Mngomezulu uvuselwe nenkulumo okuthiwa uyikhulume eminyakeni emithathu eyedlule yokuthi uma kukhona abaphikisana nokwenziwa eDukuduku, bazokwenza ukuthi kuqopheke umlando ofana nowaseMarikana lapho amaphoyisa ebhubhise izisebenzi zasemayini iLonmin ngenhlamvu ngesikhathi zitelekile zifuna ukwenyuselwa amaholo.
“Namuhla sizoletha lolu hlu lwezikhalo zethu okokuqala, sikhathele wukubukelwa phansi nguMnu Nsele noMngomezulu. Bobabili laba bafike kule ndawo ngokuzoqinisekisa ukuthi siphephile futhi sikuthola kunjengoba kunjalo esikudingayo kodwa bona basisongela ngokusibulala.
“UMngomezulu siyamsola ngokufa kwabantu abadutshulelwa kulesi siqiwu. Lokhu sikulandelisa enkulumeni yakhe ayenze emhlanganweni womphakathi obumhla zili-19 kuZibandlela (December) wezi-2015. Sizocela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu uyalele abakwaMthethwa ukuba bangaphinde balubhade lapha.
“Lokho sikusho singananazi ukuthi uma benganxuswa ukuhlukana nazo zonke lezi zinto zabo, sizozibambela thina sibasuse. Umphathisiteshi uma ningamkhiphi, sizomkhipha. UNsele uma ningamkhiphi sizomkhipha thina. Ucingo sizoluqaqa lonke, kasikwazi ukuhlala singahlambulukile ngenxa yokubiywa kwehlathi lethu.
Kwayona leyo madlana abayaye bathi izosiza umphakathi kasiyazi,” kusho uMnu Gumede. Konke lokhu kushiwo phambi kwakhe uCol Mngomezulu obehola ithimba lamaphoyisa abephuma ngaphansi kweziteshi ezahlukahlekene zasenyakatho-mpumalanga.
Uhlu lwezikhalo lwemukelwe nguNkk Snenhlanhla Khanyile oyisisebenzi soMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal. Uthembise ukuthi uzolwedlulisa lunjengoba lunjalo uhla lwezikhalo zomphakathi.
UMntwana Luke Mqolowemfene Mkhwanazi waKwaMpukunyoni, uthe nabo beyindlunkulu sekufike lapho bekhathala khona ngezenzo zalezi zikhulu ngoba ukuba zona ziwenza ngendlela umsebenzi wazo ngabe abakwaMthethwa kabadlaleli kule ndawo.
“IDukuduku ngeyakwaMkhwanazi, uma kukhona oyidingayo makayobika ekomidini laseNdlunkulu kaZulu ukuze sihlanganiswe sikhulume. Thina sesibeke izinduna ezingaphezu kwe-10 lapha. Manje ekugcineni sekungena indodana yenkosi yesizwe sakwaMthethwa izothi ngeyakubo le ndawo.
“Okubuhlungu kakhulu uyise kaVini siyamazi futhi siyahloniphana naye, kodwa indodana yakhe isifuna ukuqeda ngalobu budlelwano obuhle phakathi kwethu. Lokhu kubi ngoba umlando usengaziphinda.
“Laphaya eMgeza kwabambana impi kaZibhebhu kwachitheka igazi eladlula nemiphefumulo eminingi. Namanje sinovalo lokuthi kusengenzeka lokho. Siyacela ukuba uNsele abone afike ngayo, kanjalo noMngomezulu siyamnxusa ukuba aqoqe amasakana akhe abuyele kwelakubo. Kubuhlungu ukuthi uhulumeni ukhiphe imali uqashe abantu abeze ukuzosicindezela ngalolu hlobo,” kusho uMnu Mkhwanazi.
Ethintwa ukuba aziphendulele ngezinsolo ezibhekiswe kuye uMnu Nsele, uchaze ababhikishi njengezelelesi ezisebenzisa budlabha ilungelo lokumasha ngoba zifuna ukudukisa abangenalwazi. Uthe iDukuduku kayinabo ubunikazi. Uthe noma ngabe kukhona ababangisana ngayo kodwa kakuyona eyabo, ngeyombuso.
“Indawo yaseDukuduku kayinaye umnikazi, iningi lalaba bantu lithengisa ngomhlaba kahulumeni, okuyinto engalungile ngoba abenza lokho bangazithola sebeboshwa nokuboshwa. Kwayena uMzonjani obehola le mashi uzoboshwa ngoba ungomunye wabathengisa umhlaba kahulumeni.
“Le mashi yabo kasinankinga nayo kodwa sibona ukuthi bayenza ngoba befuna ukufeza izinhloso zabo nokuzibonakalisa kubantu. Mina kangihlangene nakancane nokubangwa kwendawo.
“Kakulona iqiniso ukuthi ngicheme nohlangothi lwakwaMthethwa ngoba nalo kakuyona eyalo le ndawo. Uma kukhona odinga ukuphatha le ndawo kufanele ayofaka isicelo sokubuyiselwa umhlaba emnyangweni ofanele.,” kusho uMnu Nsele.