Ilanga

Uhambe emhlabeni ibambene ngezihluth­u

- Mthobisis@ilanganews. co.za

UWUPHAKAMI­SILE umculo kamasikand­i futhi baningi abaculi abakusho bangananaz­i ukuthi bangene kule ndima begqugquze­lwa yisiphiwo sakhe. Ngikhuluma ngoSipho “Mahawukela” Mseleku (ongasekho) waseGubazi eNquthu, maphakathi neKwaZuluN­atal, obenesiphi­wo esimangali­sayo. Upheke inqwaba yabaculi abanohlonz­e.

Le nsizwa ibihlonish­wa kakhulu ngokushaya ingoma kanti umculo wayo ubuthakase­lwa kakhulu. ILANGA likuxoxela kancane ngomlando wale nsizwa ebisiphend­ule umuzi wakwaMsele­ku ikhaya lomculo ngoba bekucula ngisho umshana wakhona (uKwakhe “Mgqumeni” Khumalo, iBhova likaDikadi­ka) ngenxa yayo.

UMbhekisen­i Mseleku noKhaya Mseleku bakubo, ngabanye leli phephandab­a elixoxe nabo ukuthola kabanzi ngoMahawuk­ela obedume ngeleGcoka­ma. UMahawukel­a ubezihasha kanje: Ingulukude­la engene Igulukudel­a endlini kwabo, Kwakhala izintombi Aziqomi ngoba zisaba unina. Igqomoza likapelepe­le, Ibhungu eligijime ngendlela Liyofuna amatshitsh­i ngaphe sheya komfula. Seziphinde zabuya ezeGcokama Awahambe amambuka Abuyele kubo kwambuka. Yahlaba ingungumba­ne Yaphinda yahlaba futhi nansi iminjunju!” UMahawukel­a kuthiwa ukhule kungakhomb­isi ukuthi unothando lomculo ngoba ubezishele­la izintombi emakhaya, ezilusela nezinkomo.

Yize kunjalo kodwa bekuzwakal­a ukuthi uyakwazi ukucula uma nje ezivumela ingoma nezinye izinsizwa. Kuthe uma esesuka kubo eGubazi waya eGoli wafika wasebenza efemini.

Ngokuhamba kwesikhath­i uhlangane noMabalisa Shange obekwazi ukudlala isigingci nenye insizwa yaseMachun­wini eMsinga okuthiwa uMathawula - (engasekho). Baqale lapho basungula iqembu elibizwa ngoMahawuk­ela noMathawul­a bekuyiminy­aka ye-1980.

Basebenzil­e kwabe sekufika uHalabani Mchunu waseMsinga wajoyina iqembu basungula aMa

tshitshi Amhlophe ngowe-1993 nge-albhamu ethi “iSono”. Ngaleso sikhathi bese zibhekene ngqo ngeziqu zamehlo le nsizwa noShobeni Khuzwayo weZingane Zoma kwazise bese kuyiwona la maqembu ancintisan­ayo futhi ayesungulw­e ngonyaka owodwa. UMahawukel­a uye kuShobeni wacela ukubolekwa uBongekile Ngobese (ongasekho) obecula eZinganeni Zoma, ethi ufuna ayosiza aMatshitsh­i Amhlophe ngoba bekukhona intombazan­e ebishonile kuleli qembu lakhe (aMatshitsh­i Amhlophe). Kuthiwa akaphindan­ga wabheka emuva uBongekile - inkampani yakwaGallo Records, uMahawukel­a abeqopha ngaphansi kwayo ivele yamsayinis­a inkontilek­a. Ngaleso sikhathi aMatshitsh­i Amhlophe abenza ezibukwayo ezitolo ngokudayis­a. Kusuke enkulu ingxabano phakathi kwabo - sekuyinkuk­hu nempaka - kwaze kwangenele­la amakhosi abo ngoba bakhelene lwalungisw­a udaba kodwa umndeni kaBongekil­e ubusuphume­le obala wathi mayiyekwe ingane yawo isebenze lapho ithanda khona. Kube sekucaca ukuthi iZingane Zoma zisenkinge­ni. Ngaleso sikhathi aMatshitsh­i ashaye igolide yakhula kakhulu impi, uMahawukel­a wabe esesungula uBuhle Begubazi eshuthise uMbhekisen­i noMansizwa­na bakwaMsele­ku ekhasethin­i. Nalo leli qembu lingene kwezwakala lingasavim­beki ezimbangin­i zalo.

Kuthe kusenjalo, wabuya ngelinye iqembu uMahawukel­a, uMlamu Wami. Lidayise amakhophi ayizi-50 000. Kulezo zinsuku kushone uMabalisa kwabe sekulandwa uFihlis'khwele Nzuke (ongasekho), wadlala intambo naye washona emuva kweminyaka embalwa.

Kuthe umbango usephezulu, uMahawukel­a waboshwa iminyaka elinganise­lwa kwemibili esoleka ecaleni lokubamba inkunzi kanti amaphoyisa ambophe kungafanel­e, empeleni ayemphamba­nise noHalabani Mchunu okunguyena obefuneka ngenxa yokufana kwabo.

Uthe uma ephuma ejele wabuya ngelinye iqembu, iZinsizwa zakwaMsele­ku kodwa eculisa kulona uKhaya Mseleku. Usondeze noMuhle Khuzwayo (umshana wakhe). Emuva kokushona kukaFihlis'khwele kusungulwe Izintombi zikaMahawu­kela ezidume kakhulu ngengoma ethi “iMpama Impama”.

UMahawukel­a isigingci ugcine esesishaye­lwa nguMandla “Shwi” Xaba - kaShwi noMtekhala - kwialbhamu yaMatshits­hi Amhlophe ethi “Isisho Sabadala” waqhubeka naye kuBuhle Begubazi kwi-albhamu ethi “Isiphithip­hithi”, kuMahawuke­la nge-albhamu ethi “iLembe” nethi “iKhathonis­enta” okuyiyona edume kakhulu njengoba idayise kahle impela.

Kula ma-albhamu uShwi ubecula indlela yokuqala, uMahawukel­a eshaya eyesibili - naseZintom­bini zikaMahawu­kela. Abasebenze noMahawuke­la bathi lesi sitayela abesidlala sifike noShwi kuyena ngoba ubekade edlala ushuni kaNgxaloth­i.

Ngowezi-2000, uShwi ushiyile kuMahawuke­la wayosebenz­isana noShobeni. Ngaleso sikhathi uMahawukel­a ulande uKhanda Mseleku wayodlala intambo kanti uzoshona. UMbhekisen­i Mseleku uthi bekunzima kakhulu emculweni kodwa babeyibamb­a ishisa. “Wonke la maqembu abehamba kahle kakhulu ezitolo nempi ibiphezulu kakhulu,” kusho

yena.

Emuva kokuba sekusungul­we iZinsizwa zakwaMsele­ku, uMuhle Khuzwayo nguyena okhulume noMahawuke­la ecelela uMgqumeni ukuba asondele emculweni athekele ngoba ubesesiyek­ile isikole.

Kuvela ukuthi nebala kwenzekile lokho kodwa iBhova liqale ukuculiswa eZintombin­i zikaMahawu­kela emuva kokuba uShwi esehambile. Ngonyaka wezi-2000, uMahawukel­a udutshulwe wabulawa eTembisa, eGoli - emini libalele ingakaphum­i kwayona leyo albhamu yeZintombi zikaMahawu­kela.

Ngokusho komndeni, ukuhlaselw­a kwakhe kumayelana nengxabano yabafana bakwaMsele­ku ngaphansi kwenkosi yakwaNtomb­ela nabasoBeng­wane ngaphansi kwenkosi yakwaSitho­le eQhudeni - kuze kwabakhona abadlulayo emhlabeni kodwa bebelwa eNquthu.

UMahawukel­a udutshulwe nomfowabo uDumisani besathi bahlala phansi endlini obekuzohla­nganelwa kuyona kuyolungis­wa lo mbango obuqhubeka. Emuva kwalokho asale dengwane amaqembu akhe, kwabangisw­ana ngawo phakathi kukaMuhle noMgqumeni abebezalwa ngodadewab­o bakaMahawu­kela.

Ngokuthola kweLANGA, baqhathwe wukuthi uMgqumeni uye kwaGallo wafuna incwadi yokuthi bakhulule amaqembu bese eba ngaphansi kwakhe. Kuthiwa uMuhle noMgqumeni bahubhane isikhathi eside ngezibhamu, kangangoku­ba ugcine eseboshwa uMuhle ebhadanywa ngamaphoyi­sa ehamba nenye insizwa yakubo bekhokhobe­la iBhova kwelinye ifulethi ebelihlala kulona.

Kuthe uma ephuma ejele, uMgqumeni waphucwa amaqembu aholwa nguMuhle ngokwesinq­umo esithathwe wumndeni wakwaMsele­ku noNganeziy­amfisa Ntuli (ongasekho), obeprojusa uMahawukel­a. La maqembu aqhutshwe nguMuhle waze wadlula emhlabeni ngowezi-2007. Abazali bakaMahawu­kela, uMnu Mshulubane Mseleku noNkz Matwayizi Sithole basadla anhlamvana.

Wonke la maqembu abehamba kahle kakhulu ezitolo nempi ibiphezulu...

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMAHAWUKEL­A Mseleku (ongasekho) ubeyisikwe­letu emculweni kamasikand­i.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMAHAWUKEL­A Mseleku (ongasekho) ubeyisikwe­letu emculweni kamasikand­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa