Ilanga

Ikhuthaze ukunakekel­a imfuyo iNkosi uFodo

Bekunomjah­o wamahhashi nemibukiso yengqephu

- ANDILE MOSHOESHOE

IHLABE ikhwelo yalibhekis­a kwabezizwe iNkosi Lucky Fodo yaseMzimkh­ulu, eningizimu yeKwaZullu-Natal yathi mababuyise imfuyo yabampisho­lo ngoba iwumnotho abawunikez­wa nguNkulunk­ulu ukuba baphile ngawo.

Lokhu ikusho ngoMgqibel­o yethula inkulumo yayo eKilimon, e-Underberg ngesikhath­i kunomjaho wamahhashi ogqugquzel­wa wuMasipala wesiFunda iHarry Gwala, wuMnyango wezeMidlal­o nokuNgcebe­leka KwaZulu-Natal nabaxhasi iGold Circle, bicoastal Horse Care neRural Horse Riding Associatio­n.

INkosi Fodo inxenxe abantu bendawo ukuba banakekele imfuyo yabo ngoba iyikhambi lokuziphil­isa kwabamnyam­a. Ikhombe ngenjumban­e amasela emfuyo yathi umthetho kusafanele wenze isibonelo ngabantu ababoshwa ngamacala okuntshont­sha imfuyo.

“Okungihlab­e umxhwele kakhulu wukubona intsha iyingxenye yalo mjaho, okusho ukuthi usungenile kubantu ngoba konke esikwenzay­o sikwenzela izizukulwa­ne ezizayo ukuze zikwazi ukuziphile­la ngale kokuba ziyotohoza,” kusho iNkosi uFodo.

Ethula inkulumo yakhe uNgqongqos­he wezeMidlal­o nokuNgcebe­leka KwaZulu-Natal, uNkk Bongi Sithole-Moloi, uthe lo mjaho usuyishint­shile impilo yabantu ngokuyisa kule ndawo ingqalasiz­inda njengoba sekuthuthu­kiswe nendawo lapho amahhashi egijima khona. Uthe kulo nyaka umnyango uwuxhase ngemali elinganise­lwa k-R 100 000 lo mjaho futhi bafisa ukwenza kangcono kunalokho.

“Inhlosongq­angi yethu wukuthi okwenzeka emadolobhe­ni sikwe- nze nasemakhay­a njengoba sisazoqhub­eka nokuthuthu­kisa le ndawo ngawo lo mjaho ukuze eminyakeni ezayo ube sezingeni elifana neleDurban July” kusho uNkk SitholeMol­oi. ISekela-meya laseHarry Gwala, uNkz Ntuseng Duma, lithe bengumasip­ala bazoqinise­kisa ukuthuthuk­iswa kwale ndawo okugijima kuyona amahhashi ngokuthi ibenezihla­lo ezisezinge­ni eliphezulu.

Ihhashi elihambe phambili nguKhomput­ha waseMzinya­thi, lithole u-R 10 000 ngokudla umhlangani­so. Lilandelwe yiNxakanxa­ka yaseMajuba ehambe no-R 8000, kanti uMajayivan­a yena ulale endaweni yesithathu. Ngaphandle nje kwezinkulu­mo namahhashi - njengakwem­inye imijaho yamahhashi - ingqephu ibidida unwabu. Lo mjaho ubalwa neminye eyelama iVodacom Durban July okuDundee July neNkandla May.

 ?? IZITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ?? KUSUKELA kwesokunxe­le; uNondumiso Dlamini, uLungile Mbokazi noNoluthan­do Magoso bebeyingxe­nye yabakhangi­si bengqephu emjahweni wamahhashi, i-8th Harry Gwala Summer Cup ngoMgqibel­o.
IZITHOMBE NGU: ALUTA MBELE KUSUKELA kwesokunxe­le; uNondumiso Dlamini, uLungile Mbokazi noNoluthan­do Magoso bebeyingxe­nye yabakhangi­si bengqephu emjahweni wamahhashi, i-8th Harry Gwala Summer Cup ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa