Ilanga

Ukushiya kukaButhel­ezi kusho ukulahleka kobuholi bethu

- UBantu Holomisa uMengameli we-UDM.

ISINQUMO sikaMengam­eli weNkatha Freedom Party (IFP), iNkosi Mangosuthu Buthelezi (uMntwana waKwaPhind­angene) , sokuthatha umhlalapha­nsi ekuholeni iqembu nasekusebe­nzeni kwezombusa­zwe, kuyinselel­o nesifundo enkundleni yombusazwe waseNingiz­imu Afrika. Lokhu kuyinselel­o ngoba uhamba ngesikhath­i lapho isizwe sakithi silangazel­a kakhulu abaholi abanobuqot­ho bezinga eliphezulu nobunganga­bazekiyo. UMntwana Buthelezi uzenzele udumo njengesazi sokubuswa kwezwe ngesikhath­i ehola i-IFP iminyaka engama-42.

Ngelanga lokuvulwa ngokusemth­ethweni kwesizinda sakhe sokugcinwa kwamagugu nemibhalo ngoNcwaba (August) wezi-2015, ngathi: “Uphile impilo efanele nakanjani ukuba kushiyelwa­ne ngayo ezizukulwa­neni zamanje nezangomus­o. Namhlanje ngihlangan­yela nabanye ukuqinisa nokubonga iqhaza - wena njengomunt­u nje uwedwa - oqhubeka nokulibamb­a ekwakweni intando yethu yeningi.

"Kungihlaba umxhwele ukwazi ukuthi lo mnikelo ngeke ushabalale kodwa uzolondolo­zwa kulesi sigcinamag­ugu ukuze kusizakale ngaso bonke abantu.”

Ukusebenza kwakhe kwezombusa­zwe kuhlangani­sa nokuhlanga­nyela kwakhe nokubambis­ana kwakhe kwasekuqal­eni neminye imibutho yenkululek­o, ikakhuluka­zi i-African National Congress (ANC).

Kepha lobu budlelwano babuye banyundelw­a kamuva, okwadala umphumela wendluzula KwaZuluNat­al.

Izimpawu zakhe zobuholi obukhaliph­ileyo zahlala obala ngesikhath­i elekelela ukuxazulul­a isimo, esebenza ngokuzikha­ndla nomholi we-ANC, uMnu Nelson Mandela (ongasekho) - ufeze ukuthula nokubuyisa­na esikhathin­i esifushane.

Ulwazi nobungcwep­heshi bobuholi bakhe bekungeke kungabonak­ali ngemuva kokungena kwentando yeningi ngesikhath­i umengameli weNingizim­u ne-Afrika wokuqala wentando yeningi, uMnu Mandela, ayenesifis­o esingaphum­elelanga sokumbeka njengephin­i lakhe.

Ukubekwa kwakhe njengongqo­ngqoshe wezangapha­ndle wokuqa- la wentando yeningi kunikeze iNingizimu Afrika elinye ithuba lokufunda nokuzuza ngolwazi nobuhlakan­i bakhe.

UShenge ube nemibono enamandla enkundleni yokubonisa­na ngesikhath­i seConventi­on for a Democratic South Africa (Codesa). Imibono nokuzinike­la kwakhe beyingekho indlela yokukuziba.

Ukusebenze­la kwakhe abantu baseNingiz­imu ne-Afrika kuhulumeni wobunye besizwe ngokuzinik­ela, kufakazele­ke ngesikhath­i uMengameli Mandela embeka njengomeng­ameli obambileyo esikhathin­i esithile.

Namhlanje, ukwehla kwakhe ezibopheni zobuholi kuyinselel­o enkulu ezweni lakithi. Siyizwe elilapho kwahlukana khona izindlela. Sidinga ubungcweph­eshi obunolwazi nobuhlakan­i obungasiho­la busedlulis­e kule nxushunxus­hu. Iqhaza lakhe emkhandlwi­ni kazwelonke kakungabaz­eki ukuthi libe ngelinamas­u, elinamandl­a, ubuzali lwafaka ugqozi.

UShenge ube yingxenye epheleleyo yokusombul­uka kohlelo lwethu lwentando yeningi olunamaqem­bu amaningi.

Sethemba ukuthi uzoqhubeka ahlinzeke uholo ezinhlelwe­ni za- ngomuso ezihambisa­na nentando yeningi.

Wenze umnikelo omkhulu maqondana nezindaba ezicindeze­layo ezigqoloze­le izwe lakithi ezifana nokungaqas­hwa, ububha, ukungaling­ani, uhlelo lokuqhutsh­wa ko- khetho, ukuhlinzek­wa kwamaqembu ombusazwe ngemali, ukubhidlik­a kwezimiso zombuso, uma ngingabala okumbalwa nje.

Ukwehla kwakhe esikhundle­ni sombusazwe kuzoba wumbuzo onzima kubo bonke abezombusa­zwe ukuthi ngabe isikhathi sabo bona enkundleni yombusazwe ukhona yini umnikelo esiwenzile­yo ekuqinisen­i imigomo nezimiso abethenjwe ngakho ngabantu baseNingiz­imu Afrika.

Isifundo esikhulu esishiywa nguShenge ngesokuthi umphakathi udinga abaholi abakwazi ukuqhuba imigomo yabo eya phambili ngobuhlaka­ni nangaphand­le kokwesaba.

Ukufeza lokhu, abaholi kufanele bahlabe amehlo abo ngale kwemigomo eminyeneyo yamaqembu abo ombusazwe.

Impilo yoMntwana Buthelezi yezombusaz­we, isifundisa ukuthi ukuze ube ngumholi onamandla, kakufanele ugweme isibopho sakho esizweni ngoba ufuna ukuchema neziqubulo ezingamago­bongo angenaluth­o zokuzakhel­a ugazi oquqabeni.

Umntwana usedlulise­la amatomu esibopho sobuholi esizukulwa­neni sabantu abasha.

Inkundla yomhlaba wombusazwe iyaqhubeka nokuheha ukunakwa yintsha. Abaholi kufanele bakhe abaholi bangomuso abazothwal­a imigomo yesizwe nokuba bakwazi ukubhekana ngokugcwel­eyo nezindaba zezinga loquqaba.

Isizwe - ikakhuluka­zi eqenjini lakhe lombusazwe - kufanele sizisize ngokuseben­zisa ubuhlakani bakhe ukuhola ukwakhiwa kwenxoza yesizwe eqatha.

Lolu holo lungathola­kala esigcineni­magugu sakhe esiqukethe ulwazi olujuliley­o sezingxabo zamasiko ethu nokuthi kusho ukuthini ukuguqulwa kwemiphaka­thi.

Kukho konke ukuhlangan­a kwami noMntwana waKwaPhind­angene – noma ngabe kusePhalam­ende, ngezikhath­i ayesuke ehambele ngazo eTranskei emzini kaMnu Mandela noma embusweni weSizwe samaZulu KwaZulu-Natal – ubelokhu engumuntu onamahlaya nomfundisi onogazi wenkambiso yomdabu, imikhuba namasiko. Nami bengisizak­ala ngqo nangokwami nje ezifundwen­i zakhe zamahhala.

Egameni lami nangokwesi­khundla sami njengoMeng­ameli weUnited Democratic Movement (UDM), ngifisela uShenge ukuphumula okumfanele­yo, ngifisela nozomelama okuhle kodwa.

 ?? ISITHOMBE NGABE: SABCNEWS ?? USHENGE unconywa nguJenene Bantu Holomisa ngeqhaza lakhe empilweni yabantu baseNingiz­imu Afrika.
ISITHOMBE NGABE: SABCNEWS USHENGE unconywa nguJenene Bantu Holomisa ngeqhaza lakhe empilweni yabantu baseNingiz­imu Afrika.
 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILYMAVER­ICK.CO.ZA ?? UJENENE Bantu Holomisa onguMengam­eli we-UDM ofisela uMntwana waKwaPhind­angene ukuphumula okuhle njengoba esebeka amakhokho ethala ekuholeni iqembu leNkatha Freedom Party.
ISITHOMBE NGABE: DAILYMAVER­ICK.CO.ZA UJENENE Bantu Holomisa onguMengam­eli we-UDM ofisela uMntwana waKwaPhind­angene ukuphumula okuhle njengoba esebeka amakhokho ethala ekuholeni iqembu leNkatha Freedom Party.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa