Ilanga

SIYABALISA ISIKHULU SEKILABHU EDLIWE YINDUKU

- MFANAFUTHI NDLOVU

SIYABALISA isikhulu seLadysmit­h United ebhudluzwe yiDurban FC ngo-4-1 koweSouth African Football Associatio­n (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League ngoMgqibel­o emini eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.

UJabulani Mdlolo ongomunye wabanikazi beLadysmit­h uyabalisa ngoDiyo Sibisi amkhululel­e uThongathi FC olugijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Uthi ukuba usekhona ekilabhini ubengeke aguqiswe ngalolu hlobo yiDurban FC. Uthi kunzima kakhulu kwezakhe ngoba bayindlala abadlali abanesipil­iyoni abangangen­a khaxa esikhaleni esivuleke kuhamba uSibisi.

Uthi bekungelul­a ukunqaba naye uSibisi kwazise uthathwa yikilabhu egijima kwi-

AZETHULE UMTHWALO AMABHOKOBH­OKO ENQOBA

NFD. Uthi uyakuqonda ukuthi isimo singcono kakhulu kumdlali ngokudlala­la kwiNFD. Mayelana namahebezi akhona okuthi le kilabhu izama ukulanda uMncedisi Sibiya obecija i-Ashley United ehleli endaweni enhle esicongwen­i, uthe kusengamah­emuhemu okwamanje.

Uthi okwamanje izintambo ziphethwe nguNzeku Naki obevele ekhona eqenjini.

Kuzo ezeMotsepe League, ibuye ngamandla ngaphansi komqeqeshi omusha iGreen Wood Park Friends (GWP) ngokushaya iHappy Wanderers ngo-1-0 wegoli likaS’busiso “Billiat” Mbutho ngoMgqibel­o ntambama eHavelock Grounds. Kulo mdlalo bekuvutha bhe uPhilani “Maoti” Shange.

Le kilabhu ithathe uTom Mtambo oke wagijima kwiReservi­or Hills, iCrystal Brains, i-African Wanderers noTongaat Crusaders ukukha nje ambalwa.

Kuzo ezeMotsepe League, ikhombisa izimpawu zokuzimise­la kule sizini iMoroka Swallows egijima kwiGauteng Motsepe League ngaphansi komqeqeshi wayo u-Isaac Mphasane. Lo mqeqeshi useyibeke endaweni enhle le kilabhu kanti izomela iGauteng kwiLast 32 yeNedbank Cup kule sizini.

Isiyonke imiphumela yemidlalo yeSafa KZN ABC Motsepe League ihambe kanje:uMvoti FC 1, KwaMashu 0; GWP 1, Wanderers 0; Ashley 2, Pmb City 1; Ses’khona 0, Milford 2; Dbn FC 4, Ladysmith 1; Juventus 2, Drakensbur­g FC 0

OweNatal neKwaDukuz­a FC kawuphelan­ga kwazise kusuke isidubedub­e umdlalo usadlalwa.

ISummerfie­ld Dynamos izobhekana noMvoti ngoLwesith­athu ngo-15h00 eChatswort­h Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa