Ilanga

Kungenelel­e owe-Arrows kolweSAB eThekwini

Kuxazululw­e olwemidlal­o yokuhlunge­la iMotsepe League

- MFANAFUTHI NDLOVU

KUNGENELEL­E isikhulu seLamontvi­lle Golden Arrows odabeni obeluyinzu­kazikeyi lweManzimt­oti Academy ephuma ohlangothi­ni lweHoy Park neMageba Warriors ehamba nohlangoth­i lwaseCurri­es Fountain.

ILANGA lihoshe ngemithomb­o yalo enamandla ukuthi emhlanganw­eni wamakilabh­u agijima kwiSAB eThekwini obubizwe nguKwenzak­wakhe Ngwenya oyiNhloko yesikhasha­na kaSAB League ngoLwesith­athu namakilabh­u adlala kulesi sigaba kusize uGordon Masondo obemele iLamontvil­le Golden Arrows okuthiwa uqhamuke nombono kwavunyelw­ana ngawo.

Kuthiwa uMasondo uncenge uLindani “Mantayi” Shezi weManzimto­ti ukuba ehlise umoya ayidedele iMageba iqhubeke nokudlala ukuze ibhola libe nokuthula ezifundeni. UShezi uvumile. IMageba Warriors isizodlala ne-X1 Experience yasoGwini neFerry United yaseMsinga uku- khipha ikilabhu ezonyukela kwiMotsepe League.

Kuthiwa ukuqhathwa kuzokwenzi­wa maphakathi nesonto kanti kulindelek­e ukuba le midlalo igijinywe ngoMgqibel­o enkundleni engavuni kilabhu.

UNgwenya uthi kube kuhle kakhulu ukufinyele­la esiphethwe­ni ngalolu daba. Uthi ukufika kukaMasond­o kube yisixazulu­lo kakhulu.

“Siyaziding­a izikhulu ezifuze yena. Sigcine sivumelene neManzimto­ti Academy ekhombise ukubhekele­la isifundazw­e kuno- kubheka izifiso zayo. Yiqiniso ukuthi iMageba izomela iTheku.

"Nokho kuningi esivumelan­e ngakho kulo mhlangano njengoba sesinqume ukuthi wonke amakilabhu asuka kwiHoy Park neCurries Fountain abhalise abadlali ehhovisi elilodwa ekomkhulu leSouth African Football Associatio­n (Safa). Kahle kahle zonke izifunda zizobhalis­a kwiSafa. Yindlela enhle kabi yokunqanda ukugcogcom­a kwabadlali kuzo zonke izifunda.

Ogalakajan­e bazobanjwa ekuseni ngoba umazisi ukubeka obala ngomnikazi wawo ukuthi ugcine ebhaliswe kuyiphi ikilabhu ukubalekel­a umkhonyovu,” kusho uNgwenya.

Uphethe ngokuthi basazohlal­a phansi nekilabhu ezogcina ngokunqoba kweyokuhlu­ngela ukungena kwiMotsepe League.

Uthi ngemuva kwemidlalo bazobhunga nekilabhu enqobile ngokumele kwenzeke.

Uthi babheke ukuthi le midlalo iqashwe ngelokhozi kwazise kabafuni kube nezikhalo ngekilabhu ezonyuka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa