Ilanga

I-Iron Duke ihlela ukulanda uMkhwanazi

Ifuna ukuqinisa udonga lwayo

- SENZO SOKHELA

USIHLALO we-Orlando Pirates u-Irvin “Iron Duke” Khoza uhlela ukuqinisa udonga lwakhe lwasemuva ngesitobha seBidvest Wits okuthiwa uzimisele ngokushaya indesheni kubaphathi bayo ukuze bamudedele­le sona.

IBucs izobhekana neLamontvi­lle Golden Arrows kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto.

IBucs iya kulo mdlalo nje umqeqeshi wayo uMilutin “Micho” Sredojevic usanda kuphumela obala ukuthi udinga izitobha ngoba udonga lwakhe lwasemuva luyaxega.

Njengoba sekusele amasonto ambalwa kuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali, leli phephandab­a lithole ukuthi uKhoza uhlela ukuhlangan­a nabaphathi beWits ukuze imdedelele uBuhle Mkhwanazi odlala emuva oke wahlala isikhathi eside elimele.

Kuthiwa uKhoza ukholwa wukuthi uMkhwanazi angaba yisisombul­ulo emuva njengoba bexega.

Imithombo yeLANGA engaphakat­hi kwiBucs ithi uKhoza njengoba ethule nje amakhadi akhe uwadlalela esifubeni.

"Uma sekuvulwe iwindi lokuda- yiselana ngabadlali angase asayinise abadlali abathathu abavutha bhe.

"Kubona kukhona ababili bangaphand­le aseqalile ukuxoxa nabo.

"Ngakolunye uhlangothi uBernard Morrison liyamfimfa ikusasa lakhe futhi angase axoshwe ukuze kuvuleke uphawini wabadlali bangaphand­le.

"Kuleli uhlela ukushela iWits imdedelele uMkhwanazi.

"UKhoza umthanda ukufa uMkhwanazi ubona engaba yisixazulu­lo odongeni lwabo olubukeka luvuza.

"Kodwa-ke sizobona kugcina kanjani ngoba iwindi selizovulw­a,” kusho umthombo waleli phephandab­a ozazi zonke ezithinta iBucs.

Imizamo yokuthola uKhoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belulokhu lukhale njalo kodwa engalubamb­i.

UJose Ferreira isikhulu esiphezulu kwiWits, uthi okwamanje abakahleli ukumdayisa uMkhwanazi.

“Kwathina sisenezink­inga emuva silinyalel­wa njalo.

"Sisebhizin­isini nathi ngeke sikwazi ukudayisa umdlali wethu omqoka,” kusho uFerreira.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUBUHLE Mkhwanazi weBidvest Wits okuvela ezithi ukhokhobel­wa yi-Orlando Pirates.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUBUHLE Mkhwanazi weBidvest Wits okuvela ezithi ukhokhobel­wa yi-Orlando Pirates.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa