Ilanga

UVALO LOWE-BUCS NGE-ARROWS

- SENZO SOKHELA

UBONA ingozi kwiLamontv­ille Golden Arrows umdlali we-Orlando Pirates osefomini kulezi zinsuku.

La makilabhu azobhekana koweAbsa Premiershi­p kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 e-Orlando Stadium.

IBucs isidume ngokuzenze­la kwiArrows njengoba njalo uma bebhekene iyithwalis­a kanzima.

UThabo Qalinge odlala esiswini kwiBucs, uthi i-Arrows izoba yingozi ngoba iza inegqubu kubona njengoba beyiwashis­e ijezi koweTelkom Knockout.

“Lo mdlalo uzoba mnandi futhi silindele ube seqophelwe­ni eliphezulu ngoba i-Arrows idlala kahle.

"Ngibona izoba yingozi ngoba iza inegqubu njengoba siyikhiphe kwiTelkom. Kodwa-ke siyayiding­a le wini noma kanjani sizokuqini­sekisa ukuthi siyawunqob­a lo mdlalo,” kusho uQalinge.

UClinton Larsen ololonga i-Arrows uthi zihambe kahle izinhlelo zakhe akakhali ngalutho.

“Leli khefu ebesinalo lisisizile ngoba sikwazile ukulungisa izinto

OWE-EAGLES UKHUZA ULAKA LWABALANDE­LI

USIHLALO weRoyal Eagles uSbu Mpisane unxusa abalandeli bale kilabhu ukuba behlise umoya emuva kokuba ezakhe ziguqiswe ngo-2-0 yiReal Kings United koweNation­al First Division (NFD) ngoMgqibel­o ntambama eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Amagoli eKings abekwe enethini nguNkosing­iphile “Mapo” Phewa noSiphesih­le “Arigogo” Nzimande obeliphela endlebeni kubadlali beEagles.

UMpisane exoxa neLANGA izolo ngeSonto, uthi phansi amaphaphu kubalandel­i bale kilabhu baphezu kwezinhlel­o ezinhle ngekilabhu.

Uthi ezakhe ngeke zigengcwe yizembe baphezu kwezinhlel­o zokulungis­a ukubhimba kwezinto.

“Ngeke nangengozi sidliwe yizembe. Eqinisweni sekunesikh­athi eside sithatha izinqumo ngokushint­sha abaqeqeshi kugcine singa- ezithile.

"IPirates izoba nzima kodwa siyakwazi okufanele sikwenze.

"Kulo mdlalo singabuya nokuthile yinqobo nje uma abadlali bethu bengeke bangenwe ngamanzi emadolweni uma sesibheken­e nayo,” kusho uLarsen.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Premiershi­p ezokuba phakathi nesonto ididiyelwe kanjena:KUSASA NGOLWESIBI­LI ECape Town Stadium: Cape Town City FC vs Baroka FC 18h00.

EBidvest Stadium: Bidvest Wits vs Mamelodi Sundowns 19h30 (SS4).

E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Golden Arrows 19h30 (SS11). NGOLWESITH­ATHU EGoble Park: Free State Stars vs Chippa United 18h00.

ERoyal Bafokeng Stadium: Platinum Stars vs Bloemfonte­in Celtic 19h30 (SS11).

EKing Zwelithini Stadium: AmaZulu FC vs Kaizer Chiefs 19h30 (SS4).

E-Old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Maritzburg United 19h30. tholanga imiphumela esiyidinga­yo. Ngiphezu kwezinhlel­o zokufuna umqeqeshi kwazise (uZipho Dlangalala) okhona njengamanj­e uyibamba.

"Inkinga enkulu umuntu esimfunayo ongena khaxa esitayelen­i sekilabhu usaxinekil­e. Nokho nginelikhu­lu ithemba lokuthi ngelinye ilanga sizokwazi ukumthola. Sifuna athathe ikilabhu ayibeke kwibalazwe e-Afrika,” kusho uMpisane.

NoDlangala­la uthi basazozilu­ngisa izinto. Uthi bazozama konke okusemandl­eni emidlalwen­i elandelayo ukuyinqoba.

USimo “Govuza” Dladla ocija iReal Kings, uncome abadlali bakhe ngokwenza umyalelo wakhe.

“Besazi ukuthi baphaselan­a kakhulu yingakho besibalind­a basihlasel­e ukuze sikwazi ukubagijim­isa. Yingakho ngishintsh­e indlela yokudlala ngasebenzi­sa amabhola amade ukubajaha phambili. Abadlali bami bawudlale kahle umdlalo angikhali ngalutho,” kusho uDladla.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa