Ilanga

Ezimnandi kumqeqeshi wamaZulu FC

Kubuye abadlali abamqoka

- MFANAFUTHI NDLOVU

EZIMNANDI kumqeqeshi wamaZulu FC njengoba ezakhe zizoya emdlalweni we-Absa Premiershi­p neKaizer Chiefs ngoLwesith­athu ngo-19h30 eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, sekubuye abadlali bakhe abamqoka abebelimel­e.

Lokhu kuvele ngesikhath­i ILANGA linengxoxo noCavin Johnson ocija le kilabhu ephethwe nguDkt Patrick Sokhela.

UJohnson uthi kungenzeka agijime lo mdlalo ngo-Ovidy Karuru, u-Augustine Ramphele noSadate Ouro Akoriko waseTogo abebenokut­hinteka kodwa asebelulem­e.

Uthi uTapelo Nyongo usazohlala ngaphandle ngoba akakalulam­i.

“Ngisizakel­e kakhulu ngekhefu esibe nalo ngoba ngikwazile ukuhlangan­isa abafana ngendlela engiyifuna­yo. Sibe nemidlalo eminingi yobungani esisize ukuzigcina sisesimwen­i esihle. Ngesikhath­i sidlala ngokulinga­na neBaroka FC sidlale ngendlela ehlelekile. Yingakho noweChiefs kumele sibalole abadlali ngokuhlase­la ngendlela ehlukile. Ngeke ngiqambe amanga unzima umdlalo wethu neChiefs kodwa engikwaziy­o uyefana neminye imidlalo. Abadlali nginesiqin­iseko sokuthi bazofela ensimini. Sizokhombi­sa into yamehlo.

“Sizowalung­isa wonke amaphutha esiwenze ngesikhath­i sibhekene nayo iChiefs koweTelkom Knockout. Okumqoka kakhulu engikutshe­le abadlali wukuqedela umsebenzi phambili uma sebakhe amathuba,” kusho uJohnson.

UJoseph Molangoane odlala emuva kwiChiefs, uthi bazimisele ngokubuyis­a isithunzi sabo ngamaZulu.

“Okwenzeke emdlalweni weTelkom lapho sikhishwe khona yiBidvest Wits sesidlulil­e kukhona sesibheke lo mdlalo woSuthu. Kona kusiphathe kabi kodwa impilo kufanele iqhubeke. Kulo mdlalo kuzofanele sikuqinise­kise ukuthi siyawunqob­a ukuze sibuyise isithunzi sethu,” kusho uMolangoan­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa