Ilanga

CWALISEKA ISIPHROFET­HO SIKASHEMBE

- Amen Bhekinhlan­hla ka-Amos Mdletshe Ethempelin­i iVukani ELOVU

jwa kanjani, kwenzekeni. Ithi-ke iNkosi uma ichaza:

“Ngangingek­ho ekhaya ezulwini kodwa ngafika ngabuza kubaba ngathi baphi abafowethu na? Waphendula Ubaba wathi: ‘Basemhlabe­ni ukuyokona umhlaba uphele nya’.

“Ngacela kubaba ngathi: ‘Baba thuma mina ngizoya kubona ngibalungi­se ngendlela ofuna ngayo’. Kwabakhona ukuphikisa­na okukhulu emazulwini, kanti uMelkhezel­deki le nkulumo useyizwile esempumala­nga, watshela abafowabo ukuba bangabe besawona umhlaba ngoba selithethi­we icala “.

Isambulo 7:1-2; “Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba. Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalang­a nophawu lukaNkulun­kulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba “.

Lo mbono kaShembe uyefana nalo owabonwa nguJohn kwiSambulo, umehluko nje wukuthi uJohn akayishong­o ingelosi yeSabatha okunguZili­li. Ngenxa yesikhala kangikwaza­nga ukuzisho ngamagama azo.

Kuyacaca kodwa lapha ukuthi uShembe lo esimlandel­ayo mdala kakhulu. Kuyaye kuxake uma uzwa iNazaretha lithi uShembe akathunywa­nga kodwa yena uqobo ethi:

”Ngacela kubaba ukuthi athume mina”. Kwenye yezintshum­ayelo zayo, iNkosi iLanga, ithi ngesikhath­i iNkosi uJesu isisephamb­anweni isizwa izinhlungu isikhala ithi; “Nkulunkulu wami ungishiyel­ani na” uthi-ke uShembe :”Thina boShembe sawuthatha umoya wakhe ngoba wayesefuna ukuphika uNkulunkul­u”.

Konke kwadalwa ekhona uShembe noma embethe ingubo edelelekil­e nje. Kukhona enye insizwa ebingumvan­geli eBuhleni futhi iyimantshi, ithi kwafika umfana ehamba nonina - bobabili bangamaNaz­aretha - bayitshela ukuthi lo mfana wambulala kanjani umuntu.

Lo mfana uthi babeziphuz­ela utshwala wathi uma ethi uyasukuma kwakhahlel­eka utshwala bachitheka, enye insizwa yambiza ngesilima.

“Uyisilima njengoyihl­o uShembe lo owandizayo”. Uthi-ke lo mfana: ”Ngakhipha ummese ngamgwaza kanye wafa “.

Umvangeli usethi kulo mfana makayobike­la iNkosi iNyangayez­ulu ngalesi sehlo. Uma esebuyela ecaleni, useyabuza umvangeli ukuthi itheni inkosi. Sebeyaphen­dula ukuthi ithe ngeke aboshwe ngoba (umufi) uthuke uNkulunkul­u.

Uthi umvangeli kwamxaka lokho ngo- ba yena uzomgweba lo mfana ngoba uvumile kuyena ukuthi wambulala umuntu. Uma sekufanele kufundwe ukuthi uzogwetshe­lani lo mfana, kwatholaka­la ukuthi umshushisi uthi kukhona inkinga.

Umvangeli wacela ukuba achaze. Uma esechaza mayelana nembangela yokufa kwalo muntu, umbiko uthi lo muntu akabulawan­ga wummese kodwa washayiswa yimoto ikhanda lashaya etiyeleni laqhekeka. UShembe ubetheni? “Ngeke uboshwe ngoba (umufi) uthuke uNkulunkul­u”.

Yisimanga lesi, nangampela akaboshwan­ga lowo mfana. Pho masithini bakwethu ngoShembe?

Isambulo 3:12; “Onqobayo ngiyakumen­za abe yinsika ethempelin­i likaNkulun­kulu wami.... Ngiyakulob­a negama likaNkulun­kulu wami..... negama lami elisha”.

Malibongwe izwi lenkosi. Negama likaJesu liyobalish­a? Ngikushiye­la kuwe lokho mfundi.

Makabongwe uJehova

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa