CWALISEKA ISIPHROFETHO SIKASHEMBE
jwa kanjani, kwenzekeni. Ithi-ke iNkosi uma ichaza:
“Ngangingekho ekhaya ezulwini kodwa ngafika ngabuza kubaba ngathi baphi abafowethu na? Waphendula Ubaba wathi: ‘Basemhlabeni ukuyokona umhlaba uphele nya’.
“Ngacela kubaba ngathi: ‘Baba thuma mina ngizoya kubona ngibalungise ngendlela ofuna ngayo’. Kwabakhona ukuphikisana okukhulu emazulwini, kanti uMelkhezeldeki le nkulumo useyizwile esempumalanga, watshela abafowabo ukuba bangabe besawona umhlaba ngoba selithethiwe icala “.
Isambulo 7:1-2; “Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba. Ngase ngibona enye ingelosi yenyuka empumalanga nophawu lukaNkulunkulu ophilayo, yamemeza ngezwi elikhulu kuzo izingelosi ezine ezanikwa ukuba ziwone umhlaba “.
Lo mbono kaShembe uyefana nalo owabonwa nguJohn kwiSambulo, umehluko nje wukuthi uJohn akayishongo ingelosi yeSabatha okunguZilili. Ngenxa yesikhala kangikwazanga ukuzisho ngamagama azo.
Kuyacaca kodwa lapha ukuthi uShembe lo esimlandelayo mdala kakhulu. Kuyaye kuxake uma uzwa iNazaretha lithi uShembe akathunywanga kodwa yena uqobo ethi:
”Ngacela kubaba ukuthi athume mina”. Kwenye yezintshumayelo zayo, iNkosi iLanga, ithi ngesikhathi iNkosi uJesu isisephambanweni isizwa izinhlungu isikhala ithi; “Nkulunkulu wami ungishiyelani na” uthi-ke uShembe :”Thina boShembe sawuthatha umoya wakhe ngoba wayesefuna ukuphika uNkulunkulu”.
Konke kwadalwa ekhona uShembe noma embethe ingubo edelelekile nje. Kukhona enye insizwa ebingumvangeli eBuhleni futhi iyimantshi, ithi kwafika umfana ehamba nonina - bobabili bangamaNazaretha - bayitshela ukuthi lo mfana wambulala kanjani umuntu.
Lo mfana uthi babeziphuzela utshwala wathi uma ethi uyasukuma kwakhahleleka utshwala bachitheka, enye insizwa yambiza ngesilima.
“Uyisilima njengoyihlo uShembe lo owandizayo”. Uthi-ke lo mfana: ”Ngakhipha ummese ngamgwaza kanye wafa “.
Umvangeli usethi kulo mfana makayobikela iNkosi iNyangayezulu ngalesi sehlo. Uma esebuyela ecaleni, useyabuza umvangeli ukuthi itheni inkosi. Sebeyaphendula ukuthi ithe ngeke aboshwe ngoba (umufi) uthuke uNkulunkulu.
Uthi umvangeli kwamxaka lokho ngo- ba yena uzomgweba lo mfana ngoba uvumile kuyena ukuthi wambulala umuntu. Uma sekufanele kufundwe ukuthi uzogwetshelani lo mfana, kwatholakala ukuthi umshushisi uthi kukhona inkinga.
Umvangeli wacela ukuba achaze. Uma esechaza mayelana nembangela yokufa kwalo muntu, umbiko uthi lo muntu akabulawanga wummese kodwa washayiswa yimoto ikhanda lashaya etiyeleni laqhekeka. UShembe ubetheni? “Ngeke uboshwe ngoba (umufi) uthuke uNkulunkulu”.
Yisimanga lesi, nangampela akaboshwanga lowo mfana. Pho masithini bakwethu ngoShembe?
Isambulo 3:12; “Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami.... Ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami..... negama lami elisha”.
Malibongwe izwi lenkosi. Negama likaJesu liyobalisha? Ngikushiyela kuwe lokho mfundi.
Makabongwe uJehova