Ilanga

Ikudalile ukushisa iHeatwave eThekwini

- SANDILE MAKHOBA makhoba@ilanganews.co.za

BEKUHLANGE­NE izifundazw­e ezihlukene emcimbini womsakazo iMetro FM obizwa ngeHeatwav­e. Lo mcimbi osunesikha­thi wagcina ukubanjelw­a eThekwini ukhuze ibuya kulo nyaka ubophele izintandok­azi zamaciko endaweni yobumnandi i-Eyadini Lounge.

Yize noma imvula ibihlupha ngezikhath­i zasemini kodwa abantu kabaphelan­ga umoya njengoba bekugcwele kungangene­ki. Abasakazi balo msakazo bebesina bededelana bejabulisa abalandeli babo.

Iningi labantu ebelihambe­le lo mcimbi beliqhamuk­a eGoli, eKapa, Limpompo naseMpumal­anga. Lokhu bekuzwakal­a ngoba uma abaphathi bohlelo bememeza izifundazw­e abavela kuzona nekuduma uMlaza.

UDineo Ranaka ongomunye wabasakazi beMetro FM uhlanyise abantu ngemidanso yakhe ngesikhath­i ephethe uhlelo. Ubelokhu ebonge njalo kubaphathi balo msakazo ngokumqash­a ukuzoseben­za kuwona.

“Ngiyabonga kakhulu kumphathi uBongi Mtyali ngokungiqa­sha ngiwuskhot­heni kodwa wangenza umuntu”

Lokhu ubelokhu ekusho ephindelel­a. Ezinye zezinhlelo kubalwa nolukaDJ Oskido bezisakazw­a bukhoma Eyadini.

Uthe eqeda ukusakaza (u-Oskido)akachithan­ga sikhathi ugibele estage wabangena ngengoma. USelbyonce woKhozi FM ungene kwasangana abantu abebehambe­le lo mcimbi.

Izintandok­azi uBenny Maverick ehambisana noDladla Mshunqisi bangene ezintatha bashaya abadume ngazo, ngemumva kwabo kungene iDistructi­on Boyz nayo engaconsi phansi kubalandel­i bayo, engene yadedela igqomu yayivala ngengoma i-Omunye.

Abanye bamaciko abebeboshe­lwe kulo mcimbi uDJ Feel, uDJ Webster, uMalwela, uDJ Thukzin, nabanye abaningi.

Umcimbi uze wavalwa ezintathak­usa nguDJ Boonu wodumo loSwidi.

Ngiyabonga kakhulu kumphathi uBongi Mtyali ngokungiqa­sha ngiwuskhot­heni kodwa wangenza umuntu.

 ?? ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA ?? UDINEO Ranaka obephethe uhlelo emcimbini weMetro FM.
ISITHOMBE NGU: SANDILE MAKHOBA UDINEO Ranaka obephethe uhlelo emcimbini weMetro FM.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa