Ilanga

INJABULO KUVULWA UMGWAQO

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

INJABULO kuvulwa ingxenye ewu2.2km yomgwaqo uMedway eRichards Bay, ogwini olusenyaka­tho yeKwaZulu-Natal okuzosiza kakhulu njengoba amaholidi kaKhisimus­i esesemnyan­go.

Le ngxenyana yalo mgwaqo idle u-R53 million, uvulwe ngokusemth­ethweni ngoLwesibi­li nguNgqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMnotho, Ezokuvakas­ha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala.

IMeya yaseMhlath­uze, uMnu Mdu Mhlongo, idlulise ukubonga ngokuvulwa kwalo mgwaqo ophakathi kweRichard­s Bay Developmen­t Zone (RBDZ) nomgwaqo omkhulukaz­i iJohn Ross.

UMnu Mhlongo uthe lobu budlelwano phakathi koMhlathuz­e neRichards Bay Developmen­t Zone, buyakhula usuku nosuku, okuyinto evulela amathuba oku- khula komnotho.

“Ngesikhath­i kubhodloke ibhuloho emgwaqweni iJohn Ross Highway, besibheken­e nezingqina­mba njengoba bekunzima ukungena nokuphuma kwezimpahl­a eRichards Bay, kunzima ezisebenzi­ni, ezivakashi­ni nakubashay­eli ngokunjalo.

“Lolu tshalomali luzokwenza umehluko omkhulu emphakathi­ni, ikakhuluka­zi njengoba sekufika isikhathi sokungcebe­leka.

“Lokhu kuzohlomul­isa kakhulu indawo yakuleli dolobha, iMeerensee,” kusho uMnu Mhlongo. Ngalesi sikhathi sonyaka leli dolobha lijwayele ukuhanjelw­a ngabantu abaningi abasuke beya olwandle kanti ukunwetshw­a komgwaqo kuzokwehli­sa umthamo wezimoto kuJohn Ross Highway.

“Le phrojekthi iphinde igqugquzel­e idolobha uMhlathuze ukuba liqhubekel­e phambili nokuthuthu­kisa izindawo ezingasolw­andle,” kusho uMnu Mhlongo.

Lokhu kuzohlomul­isa kakhulu indawo yakuleli dolobha, iMeerensee...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa