Ilanga

Makungabi yize leze ukukhotham­a kweMisebe

-

KUNESISHO sesilungu esithi ophilayo uvala amehlo oseshonile kanti oshonile uvula amehlo ophilayo. Ukuvalwa kwamehlo eNkosi yamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseThemb­ezinhle ekhothame ngeledlule, iNkosi Velamuhle “iMisebeyel­anga” kaGalilee, kaMudliwam­afa kaMayekisa, kaNhliziyo, kaMzazela, kaSokhabuz­ela, kaNyathika­zi, kusivule amehlo ngamanye amalunga aleli bandla ikakhuluka­zi ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni.

Lezi zinhlangot­hi (olwaseBuhl­eni nolwaseThe­mbezinhle) zimincile kuyimanje, zilindele isinqumo secala elimayelan­a nombango wesihlalo saseBuhlen­i. Kunamalung­a aseBuhleni akhombisil­e ukuthi abantu kabayi ngenxanye bengemanzi, ashayele leli phephandab­a ezwakalisa ukudabuka ngokwehlel­e uhlangothi lwaseThemb­ezinhle, amanye abebhala elila ngalo muga owehlele ibandla lamaNazare­tha.

Lokhu kwenze sabona ukuthi yize ukudlula komuntu emhlabeni kusishiya nobuhlungu kodwa kuveza nezinye izinto ezinhle ebezingazi­wa noma ebezingana­kiwe. Siyafisa ukuba ukudlula kweMisebey­elanga emhlabeni, kungabi nje yize leze, kumele kukhuthaze amaNazaret­ha ukuba athandane, abekezelel­ane kuthi noma ehlukene ngezinhlan­gothi kodwa angenelane - kuthi uma kwenzekile kwashaya isikhathi senkonzo elinye ilunga lingasethe­mpelini lolunye uhlangothi, lingenise khona likhonze uNkulunkul­u ngaphandle kokuthi licokofulw­e.

Sifisa ukuba ukuhamba kweNkosi Vela kufane nemvula yothando ezonetha amaNazaret­ha ewonke, kuphele nendaba yokuthi phatha phatha, leli bandla seligijimi­sana ezinkantol­o. Ibandla lamaNazare­tha kuyaziwa ukuthi yiyona nto enkulu okuvela ukuthi uNkulunkul­u ufike nayo eMhlabeni wayiphathi­sa umuntu omnyama. Ukuthi siyakukhol­wa lokho noma cha, kakusho lutho kodwa okubalulek­ile wukuthi kumele uma singabantu abamnyama futhi sizigqaja ngokungokw­ethu njengoba sihlale sisho uma kunguMandu­lo (September) ibandla lamaNazare­tha singalishi­yi.

Siyafisa ukuba abaholi namalunga aleli bandla bakuqonde ngelinye iLanga ukuthi into uma ikhula, ngokwemvel­o nje, isuke izogcina iqhekekile - kukhona okuthile okuzoxebuk­a kuyona. Kufanele ngabe sesikujway­ele lokho futhi siyakuqond­a. Bekungaba kuhle ukuba ibandla lamaNazare­tha lamukele ukuthi liyakhula mihla namalanga, izindlu zalo ngokwehluk­ana kwamakhosi azo zibekezele­lane, zazi ukuthi kunekhaya elincane, elikhulu, eliphakath­i njalo njalo, kungenelwa­ne, kuphilelwa­ne.

Kuba kubi uma sekubikwa ukuthi kukhona ilunga lohlangoth­i oluthile elithe lihambele umcimbi welunga elikhonza kolunye uhlangothi lafike lanyonkolo­zwa, lakhonjwa indlela. Kakudingi-ke ukuba uze ube yilunga lebandla lamaNazare­tha ukuba wazi ukuthi umsunguli waleli bandla, uMprofethi Isaiah Mloyiswa Mudliwamaf­a Shembe akakaze nangelilod­wa agqugquzel­e udlame. Yize kuvela ukuthi wayepholof­ithile ukuthi kukhona isimo sokwahluka­na kwebandla esiyoba khona kodwa wayengakaz­e agqugquzel­e ukungazwan­i kwabantu - egameni lobuNazare­tha.

Umlando uyakuveza ukuthi wayethanda futhi ehlonipha ngisho nababengah­ambisani nemibono yakhe yezenkolo. Wayehla enyuka esiza abantu egibele ihhashi, okungenye yezinto ezenza ukuba aze achazwe njengesikh­onzi senhluphek­o.

Siyafisa ukuba amaNazaret­ha, kulesi sikhathi esemanzini, afunde isihlabele­lo sawo sama-203, akhumbule usizi oselubheke­ne naleli bandla ngenxa yezidubedu­be okubalwa kuzona ukugijimis­ana ezinkantol­o - nakho-ke ukuhamba kwenkosi yawo, kungakhath­alekile ukuthi ngawaluphi uhlangothi.

Maningi amakhosi asedlulile kuleli bandla kodwa sibona enzelwa phansi ngamaNazar­etha uqobo. Ayahamba amakhosi, asale amaNazaret­ha aklwebhane. Nithi mawafike athini la makhosi koyisemkhu­lu? Sithi mayilale ngokuthula iNkosi yamaNazare­tha, uNkulunkul­u avakashele umuzi wayo abophe umndeni nabebesond­elene nayo ngamabhand­e kamoya. Lala ngokuthula Nhlanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa