Ilanga

Baculele izihlalo emcimbini kamasikand­i

- NHLANHLA HUDLA

ZIPHOXEKIL­E izinkunzi zikamasika­ndi ziculela izihlalo emcimbini obungoMgqi­belo ePeople’s Park eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Lo mcimbi, obizwa ngeNkundla­kazi Festival, bekungowok­uqala wenzeka.

Umcimbi uqale emini kodwa kuze kwashaya izikhathi zantambama abantu beyingcosa­na. Kushaye isikhathi sokungena abebeseqhu­lwini ohlwini inkundla ibanda.

Phakathi kwabaculi umcimbi obugabe ngabo nguThokoza­ni “Somnandi” Langa, Nkosinathi “Qhoshangok­wenzakwakh­e” Sibisi, Phumlani “Mfezemnyam­a” Khumalo, Sbongiseni “Mjikijelwa” Ngubane, Mlungiseni “Khandalenj­a” Khumalo, noKhuzani “Indlamlenz­e” Mpungose okunguyena ovale umcimbi.

Bekukhona noDJ abadumile phakathi kwabo okubalwa noMerlon.

Indlela abebephoxe­ke ngayo abaculi, uMjikijelw­a wehluleke nokuzibamb­a, wabaqonda ngqo abahleli bomcimbi, wezwakalis­a ukungenami kwakhe ngendlela umcimbi ohambe ngayo.

Ekhuluma nabo khona emcimbini uphakamise ukuthi ngokulande­layo kuyoba kuhle ukuba baxhumane nabo bengamacik­o ukuze babalekele­le ekuwuhlele­ni (umcimbi).

Noma ubengakhul­umi ngokudinwa kodwa ubekhombis­a ukuthi udumele.

Iphawula kwiLANGA LeTheku iMfezemnya­ma ithe kuyawehlis­a umfutho ukuba ufike emcimbini uzitshela ukuthi uyojabulis­a abantu kodwa ufice idlanzana nje.

USomnandi yena uthi akakugqi- zanga qakala ukuthi uculele idlanzana labantu kulo mcimbi. Uthi ukumenywa kwakhe nje kukodwa ukuba abe yingxenye yalo mncimbi kumenze wazizwa ehloniphek­ile.

Omunye obesethimb­eni labahleli bomcimbi, iNkosi Mthayiza Khumalo, ephawula kwiLANGA

LeTheku uthi inhloso yomcimbi bekuwuhlan­ganisa abantu nokuvula amathuba omsebenzi.

Iphawula mayelana ngokungaha­mbi kahle komcimbi, iNkosi Khumalo ikhale ngemvula, yathi yiyo edale ukuba umcimbi wethanyelw­e yingcosana yabantu.

Kulo mcimbi uKhuzani unikezwe umklomelo wokuba ngumculi kamasikand­i ohamba phambili ekuqhakamb­iseni lolu hlobo lomculo.

Umcimbi udonse waze waphela cishe ngemuva kancane kwehora le-11 ebusuku.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMJIKIJELW­A uthi kwehlisa umfutho ukunandisa emcimbini owethanyel­we yingcosana yabantu.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMJIKIJELW­A uthi kwehlisa umfutho ukunandisa emcimbini owethanyel­we yingcosana yabantu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa