Izinsolo zoqhekeko eqenjini le-AIC
Kuxoshwe umgcinimafa ngecala lezimali
SEKUQUBULE ukungabhekani kahle phakathi kwamalunga eqembu lezepolitiki elinezimpande eMatatiele, e-Eastern Cape, i-African Independent Congress (AIC), ukukhonjwa indlela kukaMnu Thompson Maqhashalala obengumgcinimafa waleli qembu.
Amanye amalunga asola ukuthi kudlalwa ipolitiki ngoba nakhu sekusondela ingungquthela yaleli qembu ekule nyanga eGoli.
Uxoshwe kuleli qembu ngoLwesibili olwedlule emuva kokutholwa enecala lokuziholela imali ebalelwa ku-R 25 000 esikhundleni sika-R3 000.
Lokhu sekudale ukuba amanye amagatsha aleli qembu aphumele obala ngokungahambisani nobuholi bukamengameli walo, uMnu Mandla Galo.
Kubikwa ukuthi ama-40% emagatsheni ali-102 kuzwelonke, asekubeke kwacaca ukuthi azobuchitha ubuholi bukaMnu Galo eGoli.
Akhala ngokuthi wenza umathanda eqenjini nokuthi uhlalele ngembazo abamphikisayo.
Nokho ama-60% amagatsha ahambisana noMnu Galo, kuthiwa kukhona nalabo abesabayo ukuziveza ukuthi kabahambisani naye ngenxa yokwesaba imbazo.
Kuthiwa selokhu kwande izihlalo ze-AIC ephalamende ngonyaka wezi-2014 - zande ngezimbili ephalamende nasesiShayamthetho sase-Eastern Cape, kwaphinde kwakhula nesibalo samakhansela komasipala - kakuzange kuphinde kubekhona ukucwaningwa ngokukhululeka kwamabhuku aleli qembu.
Yize zandile izihlalo - okuchaza ukunyuka kwemali eyabelwa amaqembu ngokwamazinga awo - kodwa i-AIC iqale ukubhekana nezinkinga lapho ngesinye isikha- thi ibihluleka ngisho wukukhokha irenti yamahhovisi, kungakhokhelwa kahle nezisebenzi.
UMnu Maqhashalala uyihole le mali (R25 000) izinyanga eziyisi-9 emuva kwesivumelwano nekomidi lezemali eqenjini, elihlakazwe ngenxa yalesi sinqumo.
Kuthiwa izingxoxo ngekusasa lakhe ziqale emuva kokuphuma kwakhe ebukhanseleni ngowezi-2016 lapho amanye amalunga ebone kulungile ukuba aholelwe le mali ngoba ubebambe lesi sikhundla sokuba ngumgcinimafa eqenjini isikhathi eside engaholelwa - eholela ubukhansela kuphela kuMasipala waseMatatiele. Wale waphetha ukukhuluma neLANGA ngalolu daba wathi selu- kubameli bakhe.
Nokho abanye ngaphakathi eqenjini bakholwa wukuthi bekungafanele axoshwe ngoba zikhona ezinye izindlela zokumexwayisa kumbe akhokhe le mali okuthiwa uyithole ngokungemthetho.
Okhulumela i-IAC, uMnu Aubrey Mhlongo, uthe empeleni zikhona izimpawu zokungaboni ngasolinye eqenjini njengamanye kodwa wathi lezo yizinkinga nje ezilawulekayo.
Uvumile ukuthi akhona amalunga aphakamise igama lephini likaMnu Galo, uMnu Lulama Ntshayisa, ukuba ligaqele isikhundla sokwengamela iqembu engqungqutheleni.
Wale waphetha ukuphawula ngodaba lokuthi kunabaholi iqembu abaliphathise okwezibaya zezinkomo zabo.
“Ngeke ngikwazi ukukhuluma ngezinsolo ezinjalo kodwa engingakusho wukuthi zikhona izinkinga ngaphakathi eqenjini njengoba sibheke engqungqutheleni.
Lezi yizinkinga ezifana neza- manye amaqembu kodwa lona iqembu liyaphila futhi liyakhula,” kusho uMnu Mhlongo.
UMnu Galo akatholakalanga ocingweni njengoba nomqhafazo awuthunyelelwe uthe makukhulunywe nonobhala-jikelele weqembu, uMnu Mahlubi Jafta naye ongatholakalanga.