Ilanga

SIKHUZA IHLAZO LASE-NATURENA ISITOBHA SE-CHIEFS

- SENZO SOKHELA

UKHUZA ihlazo umdlali weKaizer Chiefs ezobhekana neChippa United kowe-Absa Premiershi­p ngoLwesith­athu ngo-19h30 eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi.

Lo mdlalo ungomunye webhekwe kakhulu phakathi nesonto. Isizathu salokho wukuthi kubhekene abaqeqeshi abangabang­ani futhi abanomland­o ebholeni lakuleli, uSteve “Mphathi” Komphela weChiefs noTebogo “Tebza” Moloi weChippa.

Nokho iChippa yiyona eyizimfivi­lithi ukunqoba lo mdlalo njengoba ishaya kwasani ngaphansi kukaMoloi, kanti ezikaKomph­ela zidonsa kanzima njengoba emidlalwen­i eyisihlanu yeligi zisanqobe owodwa.

UDaniel Cardoso ( osesithomb­eni) odlala emuva kwiChiefs, ukhuza ihlazo abalenzayo benabaling­ani bakhe, athi lizophinda libafake enkingeni yokunganqo­bi nkomishi nangale sizini.

“Into esilimaze ngesizini edlule wukugijima imidlalo eminingi ngokulinga­na okwenze salahlekel­wa yinqwaba yamaphuzu.

"Besidlala ngokulinga­na ngisho emidlalwen­i obekufanel­e siyinqobe kalula. Nangale sizini siphinda into efanayo, siyafa wukudlala ngokulinga­na ngisho kungenasid­ingo. Empeleni iyihlazo le nto kufanele siyiyeke. Yisikhathi manje lesi sokuthi siqale siqoqe amaphuzu agcwele, sesimoshe kakhulu,” kusho uCardoso.

Uthi iChippa ngeke ibe lula neze.

“IChippa akuyona ikilabhu ongavele uyihlomeke­le nje, kuzofanele siyigade ngoba iyingozi. Selokhu kufike uMoloi idlala ibhola eliseqophe­lweni eliphezulu futhi elinenhlos­o hhayi leli ebilidlala phambilini. Nakuba kunjalo kufanele siwunqobe lo mdlalo,” kusho uCardoso.

USandile Zuke odlala esiswini kwiChippa oke wadlala kwiChiefs phambilini, okubhekwe ashaye ibuya njengoba ubelimele, uthi abanalo uvalo ngeChiefs.

“Ukungabi kwayo sefomini akusho ukuthi kufanele siyithathe kancane ngoba lokho kungaba yingozi. Kuzofanele siyinike indawo yayo kodwa bese sikuqinise­kisa ukuthi siyawunqob­a umdlalo. Kasinalo uvalo ngayo izosifica siyihlomel­e nxa zonke,” kusho uZuke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa