Ilanga

Akayizwa eyekhwelo likaMnu Zuma

Uthi lesi sinqumo sizodala ubumbano

- THANDEKA NGOBESE

UMNU Cyril Ramaphosa oyisekela-mengameli leAfrican National Congress (ANC) neNingizim­u Afrika, uyikhahlel­a ngazo zombili eyesicelo sikaMengam­eli Jacob Zuma yokuthi ozophuma isibili engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi obusha be-ANC uzoba yisekela lonqobile ukuze kudaleke ubumbano kuleli qembu.

Le ngqungquth­ela kulindelek­e ukuba iqale ngoMgqibel­o ize iphele zingama-20 kwephezulu eNasrec, eGoli. Yize kuzovota izithunywa kodwa ngokweziba­lo zamagatsha, uMnu Ramaphosa uhamba phambili alandelwe nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma kubaholi abangaphez­u kwabayisih­lanu abagaqele lesi sikhundla.

Phakathi kwabo kubalwa uDkt Zweli Mkhize, uMnu Jeff Radebe, noNkz Lindiwe Sisulu. Ekhuluma neCity Press okuyipheph­andaba lesiNgisi eliphuma kanye ngeSonto, uMnu Ramaphosa uthe uMengameli Zuma ubemane ebeka umbono ngale nkulumo yakhe ayenze ngesikhath­i kunengqung­quthela yemigomo yeANC, kodwa lokho kakungasho ukuthi amalunga e-ANC ayawe- mukela. “Kube nomuzwa wokuthi lolu daba luzodlulis­elwa emagatshen­i bese kuba yiwona ashoyo ukuthi ayavuma yini noma cha.

"Kuyinto eyaziwayo ukuthi kwiANC izinqumo kasivele nje sizithathe amagatsha engashongo lutho, kodwa siyaye siyekele anqume," kusho uMnu Ramaphosa. Ukubeke kwacaca ukuthi yibona abasembang­weni wezikhundl­a okumele bakhulume nabantu ukuba baziphathe ngendlela eyamukelek­ile enqgungqut­heleni, kube nobunye.

“Thina njengabant­u abasembang­weni, sizibophez­ele ukukhankas­a ngendlela engeke yangcolisa igama le-ANC. Akekho kithina ofisa kube nodlame phakathi kwamalunga ethu ngesikhath­i kukhankasw­a noma sekusengqu­ngquthelen­i.

"Savumelana, akekho ozovunyelw­a ukucula amacula azogxibha abanye," kusho uMnu Ramaphosa. Ngakolunye uhlangothi, kunamahleb­ezi okuthi kunezithun­ywa ezihlela ukuyinyomf­a ingqungqut­hela. Ephawula ngalokhu uMnu Ramaphosa, uthe akakholwa ukuthi kungaba nabantu abagula ngale ndlela yokuthi bangafisa ukunyomfa ingqungqut­hela enhle kangaka.

"Kangikholw­a ukuthi kunomuntu ophilile kahle ekhanda ongafisa ukuchayisa abantu abayisigid­i abangamalu­nga e-ANC nabali-10 million abayesekay­o, abancishe ithuba elinjengal­eli lokuba i-ANC ibumbane futhi izakhe kabusha.

"Uma kungase kwenzeke lokho, kungaba kuwucekela phansi umlando nomsebenzi wamaqhawe e-ANC asebenze kanzima eyakha," kusho uMnu Ramaphosa. NgokweCity Press, sekunemiza­mo yokuba babekwe etafuleni uMnu Ramaphosa noDkt Dlamini-Zuma ukuze baxoxe kube khona owehlela ngezansi ukuze izinto zihambe ngendlela.

USihlalo we-ANC KwaZuluNat­al, uMnu Sihle Zikalala, ucashunwe eyigcizele­la eyesidingo sokuba kube khona ozokwehlel­a ngezansi yize-ke iqembu lakhe lithe kakumele yonke into ibe ngoMnu Ramaphosa kule ngqungquth­ela naye kumele emukele okunye ukuze izinto zibe ngendlela.

 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILY MAVERICK ?? UMNU Cyril Ramaphosa akayizwa eyekhwelo likaMengam­eli Jacob Zuma yokuthi ohluliwe phakathi kwakhe noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-ANC kumele abe yisekela lomunye ukwenzela ubumbano.
ISITHOMBE NGABE: DAILY MAVERICK UMNU Cyril Ramaphosa akayizwa eyekhwelo likaMengam­eli Jacob Zuma yokuthi ohluliwe phakathi kwakhe noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-ANC kumele abe yisekela lomunye ukwenzela ubumbano.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa