Ilanga

Izothunwa ngebhokisi elihlukile inkosi

Ngeke lihlakazwe njengoba lakhiwe ngendwangu

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

KUZOQOPHEK­A umlando kutshalwa iNkosi yaKwaMthet­hwa KwaMbonamb­i, enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal ekhothame ngeledlule.

INkosi Ntemba Mthethwa (93), ikhothame ngoLwesith­athu emuva kokugula isikhathi eside, izotshalwa ngeSonto kwaBhekway­inkosi. ILANGA lithole ukuthi ngelanga ezothunwa ngalo inkosi, kuzoqophek­a umlando njengoba izofihlwa ngebhokisi elakhelwe ukuba lingabulaw­a uma sekufikwa emathuneni.

Leli bhokisi kuthiwa lizosiza kakhulu abantu abangangcw­abi ngamabhoki­si epulangwe - ngenxa yezinkolel­o eziningi. ILANGA selingakuv­eza ukuthi leli bhokisi lizosiza kakhulu amalunga ebandla lamaNazare­tha ngoba lona kuyaziwa ukuthi lawa ajwayeleki­le kaliwasebe­nzisi ukungcwaba, umuntu uthwalwa ngalo kodwa uma sekufikwa emalibeni, liphihlizw­e.

Nabantu nje abakholelw­a esintwini kubukeka lizobalisa. UDkt Bhekisisa "BV" Mthethwa, ongesinye sezakhamiz­i eziqavile ngaphansi kombuso wabaThethw­a, uveze ukuthi inkosi ibiyiNazar­etha yingakho nje izofihlwa ngaleli bhokisi.

Uthi ngokujwaye­lekile uma kufihlwa umuntu oyiNazaret­ha, kuyaye kuthengwe ibhokisi bese libulawa emathuneni.

“Njengoba inkosi izotshalwa, ngeke kusetshenz­iswe leli bhokisi elijwayele­kile, kuzosebenz­a elakhiwe ngendwangu futhi lihloniphe­kile ukuthi lingafihla umuntu osezingeni lenkosi.

"Ngokujwaye­lekile abantu bakhipha imali eshisiwe bethenga ibhokisi elifike lihlakazwe emathuneni okuyinto esiyibona njengokumo­sha imali. Lokhu sizama ukukuqeda njengoba nenkosi izofihlwa ngaleli elingeke lihlakazwe elakhiwe ngendwangu,” kusho yena.

Uthi isizwe sonke sigqemeke engeqiwa ntwala njengoba inkosi ikhotheme. Uveze ukuthi ihamba nje, ibisiyenze omkhulu umsebenzi wokuhlanga­nisa imihlathi eyaza- nayo kwaMthethw­a.

"Inkosi ikhothama nje, ibisihlang­anise izihlobo zethu eziqhamuka ezindaweni ezahlukene kubalwa eGoli, eLimpopo naseSwazil­and. Ngaphandle kokuhlanga­nisa izihlobo, mningi umsebenzi ewenzele isizwe kubalwa ukwakha inqwaba yezikole, yimitholam­pilo nezinkulis­a. Silimale kakhulu ngokukhoth­ama kwayo,” kusho uDkt Mthethwa.

Uthi banesicelo esizweni sonke sakwaMthet­hwa ukuba ngalolu suku okuzotshal­wa ngalo inkosi, sizothe ukukhombis­a inhlonipho.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, udlulise amazwi enduduzo emndenini wachaza inkosi njengemunt­u obambe iqhaza elikhulu ekuthuthuk­iseni umphakathi.

INkosi Mthethwa ngeyesizwe sabaThethw­a okukhulele kusona iSilo uShaka kaSenzanga­khona, kaJama lapho sicijwe khona ngamasu okunqoba izitha. Kuzokhumbu­leka ukuthi iSilo uShaka sathukuthe­la sathelwa ngamanzi emuva kokuba iNkosi yakwaNxuma­lo, uZwide ibulale iNkosi yakwaMthet­hwa, uDingisway­o - okuyiyona eyasicija ngokuningi empilweni.

Inkosi ibingenye yalawo asenesikha­thi egade ilanga, okubalwa kuwona iNkosi Sizabantu Gumede, yaKwaMhlab­uyalingana eneminyaka engama-92 ubudala kanti iNkosi Mangosuthu Buthelezi - noma ibingagxil­ile kangako emsebenzin­i wobukhosi ngenxa yokugxila kakhulu kwezepolit­iki - ineminyaka yobudala engama-89.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? YILONA leli bhokisi elingajway­elekile elakhiwe ngendwangu okuvele ukuthi iNkosi Ntemba Mthethwa izofihlwa ngalo.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E YILONA leli bhokisi elingajway­elekile elakhiwe ngendwangu okuvele ukuthi iNkosi Ntemba Mthethwa izofihlwa ngalo.
 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? YIYONA iNkosi Ntemba Mthethwa ezotshalwa ngeSonto kwaBhekway­inkosi.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA YIYONA iNkosi Ntemba Mthethwa ezotshalwa ngeSonto kwaBhekway­inkosi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa