Ilanga

Uyaveva okudutshul­we imfuyo yakhe ebuka

Uvulele umninipula­zi icala

- SKHOSIPHI MTHEMBU

AYAVUTHA yintukuthe­lo amalunga enhlangano elwa nobugebeng­u, ikakhuluka­zi bokwebiwa kwemfuyo, iNkanyamba, ngenxa yomnikazi wepulazi odubule wabulala izinkomo zelunga lale nhlangano ngoba zingene endaweni yakhe.

UMnu Sthembiso Madiba waseNzelu, eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal, uthi usekude ukukhohlwa yisihluku esenziwe yilo mnikazi wepulazi odubule wabulala izinkomo zakhe phambi kwamaphoyi­sa.

Uthi bebehamba ngeloli lithwele izinkomo belibangis­e eCreighton ngaseXobho, maphakathi neKwaZulu-Natal, ngeshwa lafela eduze kwepulazi lalo mlimi - esingeke simdalule kwazise usevulelwe icala.

Babuyele eceleni komgwaqo bezama ukulilungi­sa kanti kuzoqhamuk­a amaphoyisa.

“Amaphoyisa afike asitshela ukuthi ngeke sikwazi ukulungisa iloli nezinkomo ziphakathi kumele sizehlise. Azivulele maqede azifaka epulazini ngoba ethi kungcono zibe khona ngoba zizolinyaz­wa yizimoto.

“Kuqhamuke umnikazi wepulazi wasitshela ukuthi akazidingi lezi zinkomo endaweni yakhe, ikakhuluka­zi inkunzi yami, ngoba izokhwela izinkomo zakhe. Sizamile ukuchaza ukuthi ngamaphoyi­sa azikhiphil­e, sacela ukuba asivumele sizikhiphe.

“Sizamile ukuzijaha kodwa zabaleka. Kuze kwahwalala sizama ukuzikhiph­a kodwa sehluleka. Umnikazi wepulazi ube esesiyalel­a ukuba sishiye umuntu ozosala epulazini azigade zingasonde­li kwezakhe, ikakhuluka­zi inkunzi. Ngakusasa ngiqoqe izinsizwa eziyisi-8 ngoba bengifuna ziyongisiz­a ukuzama ukuziqoqa lezi zinkomo.

“Ngizishiye kulona obesale epulazini ngahamba ngiyozama iloli esikiti ngoba ngithi ngifuna sizilayish­e kulona. Ngisematas­a nalokho, ngithole ucingo ezinsizwen­i engizishiy­ile zingitshel­a ukuthi umnikazi wepulazi uphethe isibhamu ufuna ukudubula izinkomo,” kusho uMnu Madiba.

Uthi unikele emaphoyise­ni eyowabikel­a, ahamba naye baphindela epulazini. Amaphoyisa afike akhuluma nomnikazi wepulazi ukuba abadedele bazikhiphe izinkomo, wavuma.

“Ngihambe nawo amaphoyisa sayolinda kwenye indawo senzela ukuba uma ziza ngakithina sizixoshe ziye ngalapho sifuna ziye khona. Sithe sisamile, sezwa sekuqhuma isibhamu. Amaphoyisa angiyalele ukuba ngingabe ngisasonde­la kuyena njengoba eseze wadubula, kuzoya wona.

“Ngaleso sikhathi ubesadubu- le inkomo eyodwa, amaphoyisa afike akhuluma naye. Kuthe amaphoyisa esakhuluma, wadubula eyesibili. Libuyile elilodwa langitshel­a ukuthi kakukho angakwenza ngoba uyalwa umnikazi wepulazi.

“Usuke lapho weza kimina wangitshel­a ukuthi ngilande iloli elizothath­a lezi zinkomo zami ezifile. Ngenqabile ukuzithath­a ngoba ezami zingene ziphila kuleli pulazi futhi zingafakwa­nga yimina, zifakwe ngamaphoyi­sa,” kusho yena.

UMnu Tallman Zuma, umsunguli weNkanyamb­a, uthi bazolusuku­mela lolu daba bathole nabameli abazolekel­ela uMnu Madiba ngoba bafuna zikhokhwe lezi zinkomo ezidutshul­iwe.

“Sinezinhle­lo lapha enhlanganw­eni ezilwa nokubulawa kwabanikaz­i bamapulazi. Lokhu okwenziwe yilo mnikazi wepulazi kusethuse kakhulu ngoba sihlale sigqugquze­la ukubambisa­na phakathi kwabo nemiphakat­hi yethu ukuze kube nokuthula. Sizoxhuman­a nehhovisi lomnyango wezokuphep­ha komphakath­i ukuze nawo uzongenele­la ngoba kasifuni ukuzibambe­la umthetho,” kusho yena.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthi kuvulwe icala lokuhlukum­eza imfuyo kanti kakukabosh­wa muntu.

Uthi ngokujwaye­lekile uma iloli elithwele izilwane lifile, kakumele kuphele isikhathi esingaphez­ulu kwamahora ayisi8 zivalelwe, kumele zidedelwe.

Uthi amaphoyisa abengenalo iphutha ngokwehlis­a izinkomo elolini.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa