Ilanga

Ukhiphe ulozolo uJaiva Zimnike

Uthi abaculi abathekele kuye

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BASAZOBHEM­A bakholwe abathandi bomculo wesintu ngekhono likaMzovuk­ile “Jaiva Zimnike” Khanyeza waseMsamo eNquthu, maphakathi neKwaZulu-Natal njengoba ethi ukuchoma ngengoma yakhe ethandwa ngabantu eNingizimu Afrika yikhona okumenza athi unguthisha wentambo.

Uphekwe wavuthwa nguKhuleka­ni "Mgqumeni" Khumalo (ongasekho) entanjeni nasekubhal­weni kwengoma.

Ngeledlule, lo mculi ukhiphe i-albhamu ethi "Isikole Sengoma” kanti uthi ukuhlangan­isa izizwe ezahlukene ngengoma kuhamba phambili kuyena, yingakho elande intokazi yaseGerman­y, uKarin Kedem, kule albhamu.

NgoZibandl­ela (December) wanyakenye, uJaiva ugalele ngengoma ethi “Siphuzile” ebingenisi­le ezindaweni eziningi.

“Kulo nyaka ngivula isikole sengoma futhi akekho ongaboni ukuthi ngiqhuba ikhono lami ngiyayidla­la le ngoma. “Usengaphik­a nje ophikayo kodwa yona ingoma iyezwakala impela. Njengoba ngikhiphil­e nje, ihamba kakhulu, abantu bazothokoz­a emakhaya,” kusho uJaiva. Uthi akaziphaka­misi ngomsebenz­i wakhe kodwa baningi abaculi abathekele okukhulu kuyena ngokudlalw­a kwentambo, kubalwa uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, uMroza “Van Damme” Fakude noFalabo Khuzwayo. Uthi yingakho ethi abantu mabaye kuyena beyothekel­a okuningi ngoba akanawo umona wokusiza. “Senginabo abantu abawumphum­ela wami emculweni kanti nami ngisafunda okuningi, ikakhuluka­zi kushuni wakudala ngokuseben­zisana neqembu iZingqongq­o ngoba uMfiliseni Magubane esibambise­ne naye uyawazi,” kusho uJaiva.

 ?? E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMZOVUKILE "Jaiva Zimnike" Khanyeza
E ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMZOVUKILE "Jaiva Zimnike" Khanyeza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa