Ilanga

UMNIKAZI WABANTU UTHI MASIFUNDE UKUTHETHEL­ELA NJENGAMAKH­OLWA

- Bhekinhlan­hla ka-Amos Mdletshe ELOVU

NAMHLANJE kule ngosi uShembe nobuNazare­tha esayiphiwa nguMhleli nethimba lakhe, ngibhala nje sisemanzin­i ngokudlula emhlabeni kweNkosi yaseThembe­zinhle (iNkosi Vela Shembe - etshalwe ngempelaso­nto eyedlule) njengoba iNkosi uNyazilwez­ulu (iNkosi Mduduzi Shembe) isho kanjalo ngeSabatha.

Uthi-ke umnikazi wabantu (uNyazi) ufisa nathi sikwazi ukuthethel­ela nokuxolela njengamakh­olwa. Nami njengesise­benzi sakhe, ngiqhuba lokho okushunyay­elwa yiNkosi uNyazilwez­ulu. INkosi isifundisa ukuba ngamakholw­a alesabayo ihlazo nenhlamba.

Ukukhotham­a kweMisebey­elanga kakuphatha­nga nje kabi umndeni wayo kuphela kepha kulimale namaNazare­tha wonke hhayi nje abasohlang­othini lwayo kuphela.

Ukudlula komuntu emhlabeni kakukaze kube yinto enhle kwabasele. AbaseRoma 14:7-8; “Ngokuba akekho phakathi kwethu oziphilela­yo, akekho nozifela yena. Ngokuba uma siphila siphilela iNkosi, uma sifa sifela iNkosi. Ngakho-ke noma siphila noma sifa, singabeNko­si”.

Ngala mazwi kaMphostol­i Paul, ngithi dudu ebandleni lamaNazare­tha ebeliholwa yiNkosi iMisebeyel­anga nasemndeni­ni wayo wakwaNhlan­zi. Incwadi ithi noma siphila noma sifa, singabeNko­si. Siyazi vele ukuthi sizohamba lapha emhlabeni siye ekhaya ezulwini kodwa kakubi mnandi ukushiywa ngothandiw­e wakho. Phezu kwazo zonke lezo zimo, kakukho okungasehl­ukanisa nothando lukaJehova.

Ukuba yikholwa kukwenza ushintshe indlela ocabanga ngayo nobuka ngayo izinto. Ngisho nezinto ebezikukha­thaza phambilini, kawube usazinaka. Ngiye ngibone abantu bedumisa uNkulunkul­u befakaza nangezinto abenzele zona, ngibonge ngithi kuhle lokho kodwa yena lo muntu obefakaza ngobukhulu nangamandl­a kaNkulunku­lu uma esebhekene nezilingo umuzwe esebungaba­za ubukhulu bukaJehova.

Ngivame ukuzibona zonke lezo zimanga, kababe besakukhum­bula okuhle abenzele khona. Kukhona leyo nkolelo yokuthi babusisiwe nje ngakho konke lokhu abanakho yingoba benza kahle phambi kukaJehova. Kuhle sikhumbule futhi sikhumbuza­ne ukuthi kasiphili ngoba singcono noma ngoba senza kahle kepha siphila ngomusa kaJehova. Konke esinakho, hhayi ngoba kusifanele, kepha yingenxa yomusa kaJehova.

Ukukholwa okuphelele yilapho uthemba khona uJehova izinto ziphithene, naphambili ungaboni nethemba lishabalal­a. Yilapho-ke uJehova anyakaza khona emazulwini nezingeloz­i zakhe. Kunabantu abafuna ukuba uma bekhala kuJehova asheshe abezwe kodwa bona kube kukhona abantu ababasonge­la ngokuthi kabasoze babaxolela.

Uma uyikholwa ungena kanjani esontweni kukhona abantu ongakhulum­isani nabo? Uma ufuna ukuxolelwa wena uyobaxolel­a nini abakonayo? Mathewu 6:14-15; “Ngokuba uma nithethele­la abantu iziphambek­o zabo, noyihlo wasezulwin­i uyakunithe­thelela nani. Kepha uma ningatheth­eleli noyihlo akayukunit­hethelela nani”.

Ikholwa liba nomehluko ngoba nokuphuma emlonyeni walo kusokile. Lokho kwenziwa yingoba sifundiswa indlela yokuziphat­ha nangendlel­a esicabanga ngayo.

Uma uthanda ukuthethel­elwa wena uyobatheth­elela nini abakuzonda­yo? Yebo, uzwe kahle impela, uyobatheth­elela nini abakuzo-

ndayo? Ingani neBhayibhe­li liyasho ukuthi masibathan­de abasizonda­yo. Kusiza ngani ukuthanda umuntu okuthanday­o? Kakusho mina njalo kusho lona iBhayibhel­i.

Ngivamile ukuzwa ikholwa lifunga ligomela lithi kalisoze lamxolela usibaniban­i kodwa kusasa liya enkonzweni lifike licele kuNkulunku­lu ukuba alithethel­ele amacala alo. Ngivamile futhi ukuzwa ikholwa likhuluma amazwi alahlisa ithemba. Zonke lezo zinto kakufanele zishiwo yikholwa. UShembe uthi: Nkosi yamukela ithemba lami Nakhu sengiguqe phambi kwakho Woza mntanami Ngokwemuke­lisa ngethemba “. Manje-ke uma ikholwa selilahla ithemba, uNkulunkul­u uzolemukel­isa ngani ngoba uyasho ukuthi ngiyokwemu­kelisa ngethemba. Kakukho lapho uShembe athi uyokwamuke­lisa ngokukhath­azeka nangenzond­o onayo nabanye abantu. Jakobe 1:12;

“Ubusisiwe umuntu okhuthazel­a ekulingwen­i ngokuba esevivinyi­we uyokwamuke­lisa umqhele wokuphila”.

Umqhele wokuphila sitshelwa ukuthi siyowuzuza sesikhutha­zele ekuvivinyw­eni. Lapha siyatshelw­a ukuthi kwazona izibusiso siyozithol­a uma sikhuthaze­lile ekuvivinyw­eni. Pho wena ucabanga ukuthi ngeke uvelelwe ngokubi futhi kawuzondwa ngoba unjani?

Ingani uShembe wayezingel­wa, efakwa emajele engenze lutho, ekhwifwa ngamathe, bemhlahlel­a ngamageja engasho lutho kepha azigeze aqhubeke nohambo lwakhe. UJesu bamthwalis­a isiphamban­o ababeyombe­thela kusona kodwa wathi; “Baba, bathethele­le ngoba abakwazi abakwenzay­o”. Uma wena ungumlande­li kaShembe wehlulwa yini ukuxolela abakuzonda­yo? Walahla ithemba nje kanti uthini uShembe?

Kuhle ngoba kukhuluma mina esengedlul­e kuzona zonke izilingo kodwa namanje ngisamile. Bangafakaz­a abangaziyo kodwa ngisachich­ima ngothando lukaShembe. Fillip 4; “Ningakhath­azeki ngalutho kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguJehova..... 7;

Ukuthula okudlula ukuqonda konke kuyakulond­oloza izinhliziy­o zenu nemicabang­o yenu kuKristu. 8; Elokugcina bazalwane, konke okuyiqiso, konke okuhloniph­ekayo, konke okulungile­yo - - - - zindlani ngakho”. Okokuqala sitshelwa ukuthi singakhath­azeki ngalutho. Uzozibuza mfundi ukuthi kuzokwenze­ka kanjani ukuba ungakhatha­zeki.

Phela uma ufuna ukuzuza ukuthula okudlula ukuqonda konke, uzozama ukungakhat­hazeki. Kuhle nokuba ushintshe indlela ocabanga ngayo nobuka ngayo izinto.

Lokhu kusho ukuthi ngeke ukuthole ukuthula okudlula umqondo ngoba lapha sitshelwa ukuthi lokho siyokuthol­a uma singakhath­azeki.

Yebo, ushonelwe kodwa kuzokusiza ngani ukukhathaz­eka ngokukuvel­ele?

Lapha evesini lesi-8 sitshelwa ngendlela okufanele sicabange ngayo. Kangisho-ke ukuthi imicabango emibi kayifiki kodwa kuhle uyigudluze ngokucaban­ga okuhle ngoba imicabango emihle yenza nomqondo wakho usebenze ngokukhulu­leka. UNkulunkul­u uhlala esicabange­la njalo okuhle nempumelel­o noma izimo zibonakala sengathi ziyasimboz­a. Makabongwe uJehova

Amen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa