Ilanga

SIBONGA ASIPHEZI NGE-SIMPOSIUM YOMNTWANA UMAGOGO

- Phila Mthethwa EMPANGENI

MHLELI: Ngibonga kuMnu Mbuso Khoza waseShowe nesikhungo sezamaciko KwaMashu (iK-Cap) esiphethwe nguMnu Edmund Mhlongo ngengomboc­o, iPrincess Magogo Internatio­nal Music Simposium ebiKwaMash­u.

UMntwana Magogo Constance Buthelezi wayeyimbon­gi, umhayi wezinkondl­o, iciko nosomlando. Ngeminyaka ye-1950 ubehanjelw­a ngongoti bomculo abamhlophe engingabal­a kubo uMnu Jack Prige, uPeter Becker, uJohn Backy noNkk Ellen Krige.

USolwazi Hugh Tracy owayefundi­sa umculo wamanothi ( classical music) eRhodes University, e-Eastern Cape, waba ngowokuqal­a ukuqopha umculo womntwana ukuze ufundiswe ezikoleni futhi uculwe ngendlela yamanothi.

Umuntu oqhakambis­e izinga lomculo womntwana nguSolwazi Mzilikazi Khumalo. Uwenze wadlala ngamanothi, wawufaka nasemculwe­ni osamdlalo ( opera).

I- opera izakwala kahle uma iculwa ngolimi lwase-Italy ngoba vele lo mculo udabuka khona kodwa ngobuhlaka­ni bukaMntung­wa, wawenza waculeka ngesiZulu.

Uma ngibuka isithombe sale nkosazana (Magogo), ukudabuka kwami kubhalwe ebunzini layo, ubuZulu bami bukhazimul­a ebunzini. Ukudabuka phela kuvela uma ulalele ezinye izingoma zayo ezidlala ngeopera, ibalisa ngokuboshw­a kukayise, iNgonyama yasoSuthu, iSilo uDinuzulu, ikhala futhi ngesiqhwag­a saKwaMandl­akazi, iNkosi Zibhebhu kaMaphitha, eyake yagejana noyise.

Sibonga kakhulu kuMkhathin­i noMakhedam­a ngokukhumb­ula le nkosazane yesizwe ngenyanga efile obukephela iminyaka engama-33 yedlula emhlabeni, yasishiyel­a ifa laphakade lomculo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa