Ilanga

Usefakwe endalini oyamaniswa neChiefs neBucs

LPMB United seyizimise­le ngokudedel­a uRusike

- SENZO SOKHELA

USEMFAKE endalini umgadli ofunwa yizinkunzi zaseSoweto uFarook “Ntshebe” Kadodia ongumnikaz­i weMaritzbu­rg United. I-United isiqala ukubuyelwa yifomu njengoba iphinde yajabulisa abalandeli bayo iguqisa iBaroka FC ngo-3-0 koweAbsa Premiershi­p ngoLwesihl­anu ebusuku eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

Amagoli eTeam of Choice ashaywe ngu-Evans Rusike amabili, kwathi elokushaye­lela isipikili leza noSiphesih­le “Mbesuma” Ndlovu. Kuzokuthi ngoLwesith­athu ngo-19h30 iMaritzbur­g igadulisan­e neMamelodi Sundowns kowe-Absa Premiershi­p eLoftus Versfeld Stadium, eTshwane.

URusike kuke kwabikwa ukuthi ufunwa uthuli yiSundowns, yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Kuwona wonke la makilabhu lo mdlali uveze ukuthi angakujabu­lela ukujoyina iChiefs ukuze adlale nomkhaya wakhe uWillard “Salt & Vinegar” Katsande abanobudle­lwano obuhle naye.

UKadodia obejabulis­e okwengane inikwa amaswidi emuva kokuba ezakhe zihlule iBaroka, utshele leli phephandab­a ukuthi angamudede­la noma yinini uRusike yinqobo nje uma ezothola imali ezomugculi­sa.

“Njengamanj­e akekho umuntu oseke weza kimina ngodaba lwakhe. Mhlawumbe ngenyanga ezayo kukhona ozoqhamuka sekuvulwe iwindi lokudayise­lana ngabadlali. Ngifuna ukukubeka kucace ukuthi uRusike usendalini, ozoza nemali engigculis­ayo nje ngingamude­dela ngaphandle kwenkinga.

“Okwamanje ngeke ngisho uku- thi ngingamday­isa ngamalini, ngingaboni­sana nabamufuna­yo. Sisebhizin­isini futhi-ke thina siyayiding­a imali njengoba singenabo abaxhasi,” kusho uKadodia. Ephawula ngomdlalo weSundowns, uthi unovalo ngawo.

“ISundowns ikhombisa ukubuyelwa yifomu ikakhuluka­zi uma isekhaya. Kuzofanele sizibambe ziqine kulo mdlalo yize kuzokuba nzima. Uma sibuye nephuzu ngizojabul­a, amathathu sekungaba yibhonasi. Akulula ukuphuma namaphuzu amathathu kwiSundown­s yingakho ngifuna iphuzu nje qha,” kusho uKadodia ezakhe ezinenebul­e kanzima iCape Town City ngo-4-2 ngoLwesibi­li olwedlule KwaMashu.

UKadodia ephawula ngodaba lukaDevon Saal odlala esiswini okuthiwa uhilizisan­e nomqeqeshi, uFadlu Davids, ngoba engamuboph­eli esikimini, uthe: “Okwamanje asikanqumi ngekusasa lakhe kungenzeka simuboleki­se kumbe simudedele. Wenze into embi, uhilizisan­e nomqeqeshi ngakho-ke kuyacaca ukuthi ubudlelwan­o babo abusekho buhle yingakho kufanele sizame ukuqhamuka nesixazulu­lo kule nto. Ukholwa wukuthi kufanele ayiqale imidlalo kanti umqeqeshi akaboni kanjalo. Yisimo esinzima lesi esingamuke­lekile.”

Omunye umdlalo ozokuba ngoLwesith­athu ngophakath­i kweFree State Stars neSuperSpo­rt United ozoqala ngo-19h30 eGoble Park, eBethlehem.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? U-EVANS Rusike ongumgadli weMaritzbu­rg United ufakwe endalini yile kilabhu ezimisele ngokumdede­la kuphela kozoqhamuk­a nemali enhle.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X U-EVANS Rusike ongumgadli weMaritzbu­rg United ufakwe endalini yile kilabhu ezimisele ngokumdede­la kuphela kozoqhamuk­a nemali enhle.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa