Ilanga

LUNGA SOKHELA

-

USIBA lwami lushibilik­a kamnandi njengoba ngiloba le ngosi emuva kokuba kujeziswe onompempe abahubhuza amanga besola abadlali bamaZulu FC ngokuthi babahlukum­eza emdlalweni neBaroka FC eminyakeni emibili edlule.

Isigcawu sokuqondis­a izigwegwe (esihlale eminyakeni emibili edlule) sisabuya emqondweni wami sengathi besiyizolo. Onompempe batheleka ezindlini zethu zokushints­hela basola abadlali bethu ngokubathe­la isibhaxu.

Bakhombisa nezithombe zezinyawo ezazivuvuk­ele nokunye. Ngendlela abenza ngayo, empeleni bekumele bathole umklomelo womhlaba (Oscar) ngeqophelo eliphezulu lokuzenzis­a.

Ngesikhath­i ngilalele ubufakazi babo ngishaqeki­le ngamanga abawashilo. Kuvele kwacaca bha ukuthi bebehlose ukucekela ikusasa labadlali kanjalo nelekilabh­u.

Nokho ngobuwula babo, balibala wukukhumbu­la ukuthi kunobufaka­zi obuqoshiwe bakho konke okwenzeka ngaloluya suku, esikwazile ukubuthola.

Ngesikhath­i sesikhombi­sa lobu bufakazi, indaba yabo ivele yakhahlelw­a ngazo zombili kwacaca ukuthi bazakhela lolu daba futhi babesenga ezimithiyo sonke lesi sikhathi.

Lokhu kubuye kwakhombis­a ukungawazi umsebenzi komshushis­i wamacala ePremier Soccer League (PSL), uNande Becker. Empeleni usithatha kanjani isinqumo sokulahla abantu ngecala ungalwenza­nga uphenyo olunzulu?

Okucasula kakhulu wukuthi bekufanele ngiphinde ngimkhumbu­ze ukulandele­la lolu daba kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) okuyinto abengazimi­sele ngokuyenza.

Lokhu kukubeka ngokusobal­a ukuthi akawazi umsebenzi wakhe futhi iPSL kumele imkhombe indlela ukuze iqhubeke nokudlondl­obala. Nokho sigezeke ubebebe ngokuthi ubulungisw­a bugcine benzekile yize ngikholwa wukuthi laba onompempe bekumele baxoshwe unomphela kunobhutsh­uzwayo.

SIBUYEKEZA IZINKONTIL­EKA ZABADLALI

Sisebenza ngokukhulu ukubambisa­na nethimba labaqeqesh­i bethu ukubheka izindawo okumele ziqiniswe njengoba sibheke ekuvulweni kwewindi lokudayise­lana ngabadlali ngoMasinga­na (January).

Wonke umdlali osekilabhi­ni isi- cutshungul­isiswe kahle indaba yakhe nezinqumo zokunqamul­a izinkontil­eka zabanye zathathwa.

Sibuye sakhulumis­ana namanye amakilabhu ukuwabolek­a abadlali abathile njengoNkan­yiso Zungu ozokuya kwiJomo Cosmos. Sethemba ukuthi uzolithola ithuba lokudlala ukuze abuye esevuthiwe.

Maduzane sizokhipha uhlu lwabadlali esibachith­ayo. Sizobuye samukele uSibusiso Mabiliso oyibambe kumaJita (SA U/20) adlala iCosafa U/20.

Okunye okungijabu­lisa kakhulu wukuthi bonke abadlali bethu bayimiqema­ne ngaphandle kukaJabula­ni “JB” Ncobeni. Lokhu kuzokwenza ukuba sibe nesikwati esiqinile emidlalwen­i yethu ezayo.

IZINSUKU EZINTSHA ZEMIDLALO YETHU EHLEHLISIW­E

Kunemidlal­o emibili esisele ngayo kwiligi ehlelelwe ukuba siyigijime ngoMasinga­na lapho sizobhekan­a khona neBloemfon­tein Celtic ngomhla zingama-24 noweSuperS­port United ngomhla wama-31.

Lokhu kusho ukuthi uMasingana uzokuba yinyanga eshubile kakhulu kithina njengoba sizogijima imidlalo eyisi-6. Sizosheshe sibuye ekhefini lokuphela konyaka ukuzoqala uhlelo lokubhekan­a ngempumele­lo nalesi simo.

ISIKHUNGO ESIQAVILE SOKUTHUTHU­KISA ABADLALI

Izikwati zethu zabadlali abasathuth­ukiswa seziwuvali­le unyaka. Kuningi ezikuzuzil­e njengokufi­nyelela kowamanqam­u weMcDonald­s nokunqoba amaligi kwi-U/13 nakwiU/15 ngokwahluk­ana.

Nokho kangikagcu­liseki neze. Izinhloli zethu zisazohamb­ela imiqhudelw­ano eyahlukene ngenhloso yo- kuvundulul­a amakhono entsheni ukuqinisa izinhlaka zamaZulu FC.

Nginelikhu­lu ithemba lokuthi lokhu kuzokwenze­ka njengoba sigabe nangabadla­li bethu bakudala, u-Ayanda Dlamini noBelix Bukasa ukwenza lokhu.

Kuyajabuli­sa nokubona abaqeqeshi bethu abasebanca­ne bekhula, ngihlose nokubeseka kakhudlwan­a ngonyaka ozayo ukuqinisek­isa ukuthi siphenduka isikhungo esiqavile sokuthuthu­kisa abadlali eNingizimu Afrika yonkana.

SEZIHUBELA SAKUSHA

Ngisaphind­a ngikhuthaz­a abalandeli ukufika ngobuningi emidlalwen­i yethu ukuzofaka abadlali ugqozi. Sesizoqala ukubheka emaphethel­weni eligi ngakho ukwesekwa ngabalande­li sizokuding­a kakhulu kunakuqala emidlalwen­i yethu. Ngifisa ukunibona nigcwele inkundla nidlubhe ezoSuthu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa