Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA?

-

ITHEMBA liyakuphil­isa kakhulu empilweni yakho. Noma yini oyenzayo kuzomele uyenze ngomdlandl­a nokuzimise­la ukuze uzophumele­la kahle. Ukuhloniph­a abanye abantu kungakwakh­ela ugazi.

ARIES (March 21-April 19)

UNGUMUNTU ohlale enamaqhing­a amaningi. Isibindi onaso njengamanj­e sikwenza uhlale unethemba. Uzobuka ikusasa kunokuba ubuke isimo esenzeka manje.

TAURUS (April 20-May 20)

UYAQONDA ukuthi kukhona ukungaboni ngasolinye nabathile. Lokho okholelwa kukhona ungalinge ugudluke kukho. Ungalinge uhlehlise imisebenzi okumele uyenze manje.

GEMINI (May 21-June 21)

UYAZIGQAJA ngalokhu okuzuzile. Ziningi izidingo ozokwazi ukuzifeza manje ezibhekene nawe ngqo. Phikelela namaqhinga okwakha umnotho nenzuzo ethe xaxa.

CANCER (June 21-July 22)

ABANYE babuye bangakuqon­di ngoba uhlale uguquka njalo. Kumele uzikhombis­e izimpawu zokuthi ungumholi kuyona yonke imikhakha obekwe kuyona. Abanye kumele babone impilo yakho iyisibonel­o kubona.

LEO (July 23-August 22)

IZINGA lokucabang­a kwakho nokwenza izinto lizothuthu­ka kakhulu. Unemizwa ethile ngomunye onobulili obuhlukile. Zikhona izinto obuye uzenze kodwa unembeza wakho ukuphikise.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

KAKUMELE ucabange ukuthi abanye kabakwazi ukusebenzi­sa umqondo njengawe. Ubuholi obuqotho buhambisan­a nokuhlonip­ha imibono nokucabang­a kwabanye abantu.

LIBRA (Sept 23-Oct 22)

LUBEKE eceleni uvalo uma wenza izinhlelo zakho. Uzokwazi ukubona okukulunge­le nokungakul­ungele. Ungalinge udlale ngezinto okungadlal­wa ngazo ngoba zizokulima­za ekugcineni.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

UYAQONDA ukuthi okunye okubambeze­la izinhlelo zakho wukuvilaph­a kwakho. Kunezinto ezibuye zingakusiz­i ngalutho kodwa othanda ukugxila kuzona okumele uzigweme.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

YISIKHATHI esimatasa kakhulu lesi kuwena ngezinto eziningi ezahlukene. Ukuba matasa kwakho ekugcineni kuzoba nomvuzo omuhle. Ukusebenzi­sa ikhono lakho kuzokubeka kwelinye izinga.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

KAWUGUDLUK­I kalula ezinkolelw­eni zakho. Uyathanda ukwenza izinto ezizokuthu­thukisa zikubeke ezingeni eliphakeme. Gada ulimi lwakho ukuze unganyathe­li abanye amakhona.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

AMANYE amaphutha ongena kuwona adalwa wubudedeng­u bakho. Uzokulwela ukubuyisa isithunzi sakho kwabakubuk­ela phansi. Umfutho obunawo uyehla.

PISCES (Feb 19-March 20)

KUNEZINTO okumele ukhethe abantu uma uzikhuluma hhayi ukuzikhulu­ma budedengu. Unemibono eminingi emihle kodwa ugcina ungasalale­lwanga ngenxa yenkani yakho nokusebenz­isa ulaka.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa