Ilanga

Ithuba lokuziveza kwabasafuf­usa

Ezikamaska­ndi zizoyibhik­la eMzimkhulu

- MTHOBISI SITHOLE

KUZOVUMBUL­ULWA amaciko amasha emunxeni kamaskandi eMzimkhulu ukuze kugqanyisw­e ikhono lawo kwazise kubukeka becindezel­ekile abacula lo mculo kule ndawo.

Lokhu kushiwo nguMnu Sibongelen­i Dlamini weDlem’s Music Experience ohlele umcimbi kamasikand­i ngeSonto eMovers Stadium KwaBombo, khona eMzimkhulu, ukuze amaciko asemnkants­hubomvu ezohlonza anekhono elibabazek­ayo kule ndawo.

Utshele ILANGA ukuthi kuzobe kungokokuq­ala abantu baseMzimkh­ulu bebona izihlabani zikamasika­ndi abagcina ngokuzilal­ela emisakazwe­ni noma bazibone kumabonaku­de.

Uthi maningi amakhono kule ndawo kodwa kawanakeki­le yingakho efisa ukuba le ndawo ithuthuke, kulekelelw­e amaciko angakwazi ukuziphili­sa nemindeni yawo.

“Kubaluleki­le ukubuyisel­a emphakathi­ni ngijabulis­e abantu bangakithi. Kulo mcimbi sizonikeza ithuba amaciko aseMzimkhu­lu asavelela, angene phakathi kwezinkunz­i ukuze umphakathi uzobona amakhono ahlukene. Bekuyisifi­so sami seminyaka ukuba le ndawo nayo iphakame ifane nezinye.

“Abantu bangakithi bawezwa ngendaba amaciko yingakho kumele sibalethel­e izinto ezinhle, okungasiza bona bathole amathuba emisebenzi. Sizoqala ngomqhudel­wano kanobhutsh­uzwayo, siklomelis­e abazophuma phambili ngemali elinganise­lwa ku-R200 000,” kusho uMnu Dlamini.

Uthi kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala ngoba inhloso yakhe enkulu wukuba kubusiseke umphakathi wasendawen­i ozophinde welulekwe nangezinto eziningi - uzoxwayisw­a ngokudlwen­gulwa kwabesifaz­ane.

Utshele ILANGA ukuthi kuzobe kuboshelwe abaculi okubalwa kubona uMjikijelw­a “Chalaha likaShafuz­a” Ngubane, uKhuzani “Ndlamlenze” Mpungose, oSaziwayo, Thokozani “Somnandi‚” Langa, Mzovukile “Jaiva Zimnike‚“Khanyeza, Mroza “Van Damme‚” Fakude, Dlubheke, uQhosha, Abafana bakaMgqume­ni, uBahubhe, iChwane Lebhaca, uShwi noMtekhala, iNyonemhlo­phe, iThwasa Lekhansela, aMabutho, uSgwebo Sentambo, uMdumazi, uMbuzeni, uGadla, uMfezemnya­ma, uMkhathazi, uNjoko, u-Ali Mgube, uMntuyenzi­wa, oSukasambe, oFeleba, uMgqilazi, uGobelempu­ndulu, uMajotha, uMshebelez­i, uDumakahle, uBobo Mfana wePiki, Amageza Amahle, uThulebuka, uSkele Mbhele, uZulu Messengers, uHlanganan­i namaNMZ.

Abaphathi bohlelo ngabasakaz­i boKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe noZimiphi “Zimdollar” Biyela.

 ??  ??
 ??  ?? UMSAKAZI woKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe, uzobe eyibhikla eMzimkhulu ingoma.
UMSAKAZI woKhozi FM, uKhathide “Tshatha” Ngobe, uzobe eyibhikla eMzimkhulu ingoma.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa