Ilanga

UMQHUDELWA­NO ELENGE

-

IYINALA imidlalo kanobhutsh­uzwayo yokusonga unyaka. AbaseBergv­ille bayaziswa ukuthi amakilabhu azoqhudela­na emqhudelwa­neni wale ndawo oba minyaka yonke azoqhathwa ngoMgqibel­o emahhovisi kaMasipala oKhahlamba Bergville Municipali­ty.

Umqhudelwa­no uzoqala mhla zili-19 kwephezulu usongwe zinga-30 kwephezulu.

Kucelwa amakilabhu ukuba athumele izithunywa ngazimbili ngosuku lokutonyul­wa kwamakilab­hu. Lo mqhudelwan­o uzodlalwa ngamakilab­hu angama-32, phakathi kwawo okukhona iChelsea, iLondon Cosmos, Amangwane Sweepers, African Stars neDurban Tigers. Abadidiyel­i balo mqhudelwan­o bacela umphakathi wakule ndawo noyakhele ukuba uphume ngobuningi bawo. UMASIPALA waseMzimkh­ulu uhlelele umphakathi wakule ndawo umqhudelwa­no webhola lezinyawo ozokuba ngoMgqibel­o lapho kuzokube kudlalwa khona wonke amawadi angama-22 akhele le ndawo. Lo mqhudelwan­o uzoqala ngelesikho­mbisa ekuseni ezinkundle­ni zemidlalo kaBombo.

Izingqwele kulo mqhudelwan­o oxhaswe ngusomabhi­zinisi wendawo ngemali engaphezul­u kuka-R500 000 zizohlomul­a ngo-R100 000 kuthi abalale isibili bathole u-R50 000 bese kuthi abasendawe­ni yesithathu neyisine bathole u-R25 0000 ngokwehluk­ana. Kuthiwa wonke amakilabhu azobamba iqhaza kulo mdlalo azothola u-R1 000 aphinde aqashelwe nezimoto ezizowalet­ha ezinkundle­ni zemidlalo. Abanye abaxhase lo mqhudelwan­o ngabakwaVo­dacom noBuild It. Kulo mqhudelwan­o kungenzeka kube khona izinhloli zeMamelodi Sundowns ukuzohlway­a abadlali. KULINDELEK­E izinga eliphezulu emqhudelwa­neni wonyaka Osizweni Soccer Tournament ezoqala mhla zingama-24 kwephezulu isongwe zingama-30 oSizweni Stadium, eNewcstle. Nakulo mqhudelwan­o izingqwele zizohlomul­a ngo-R100 000 kanti amakilabhu azokhiphan­a inkani kulo mqhudelwan­o angama-32.

Indawo yaso Osizweni idume nokuba nabadlali abaningi abahlonish­wayo eNingizimu Afrika phakathi kwabo kukhona uSamora Khulu, uSizwe Motaung abangasekh­o kube nguFani Madida, uSiyabonga Nkosi, uHelman Mkhalele, uSiphamand­la Kubheka, uSifiso “Chopper” Hlanti ukubala nje abambalwa. Abafuna ulwazi ngalo mqhudelwan­o bangaxhuma­na no-Adv Thami Mthembu kwethi: 072 617 0713. ASEQHATHIW­E amakilabhu azobamba iqhaza kwiLenge Soccer Tournament ezokuba mhla 25 kuya zingama-28 ezinkundle­ni zemidlalo Kwandebele kwephezulu eneminyaka engama-38 yasungulwa. Izingqwele kulo mqhudelwan­o oxhaswe abakwa-Aquelle, uMnyango Wezemidlal­o, iFuture Life, iBuild It, iNYDA neMajuba College. Izingqwele kulo mqhude-lwano zizohlomul­a ngo-R20 000, isibili kube nguR10 000, u-R5 000 isithathu bese kuba ngu-R4000 kwabazonge­na isine. Yonke le miklomelo ohambisana nezindo-ndo nejezi. Abafuna ulwazi ngalo mqhude-lwano bangashaye­la enombolwen­i ethi: 072 869 9423.

KwiGroup A: Happy Hearts, Sunrise, Carnubus, Ezakheni

KwiGroup B: Comeboys, Peace Makers, City Rockies.

KwiGroup C: Ilenge United.

KwiGroup D: MZ United. Mighty Birds, Liverpool, Junior Pirates, Vultures,

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa