Ilanga

BAKHISIMUS­E OWENDIDANE

- MTHOBISI SITHOLE mthobisi@ilanganews.co.za

KWENZEKE okungavami­le ngoMgqibel­o ngesikhath­i abalandeli bakaMtshen­giseni “iNdidane” Gcwensa (ongasekho) - obebalwa nezinkunzi emculweni kamaskandi - benikeza ingoduso yalo mculi isheke ngoba bethi bakhombisa ukuthi bebelithan­da kanjani iqhawe labo.

Leli sheke, abathe ngelikaKhi­simusi, balinike uNkz Zothile Ziqubu oyingoduso yeNdidane. Ngokusho komholi wabalandel­i beqembu Amageza Amahle - ebeliyibam­be neNdidane - uMnu Veloh Bhengu, le mali bayiqongel­ele ngoMbasa (April) kuwona lo nyaka ngokucela ukuba izikibha eziwumfani­swano wamaGeza zithengwe kumu- ntu oqokwe yibona. “Kunabantu abahlomula­yo ngegama likaMtshen­giseni alisebenze­le kanzima kodwa umndeni wakhe ungatholi lutho ekubeni sazi kahle ukuthi akekho umuntu ongenisa isinkwa khona.

“Sihlale phansi nengibambi­sene nabo saqhamuka nomqondo wokuthi sifune umuntu wethu ozokwenza lezi zikibha, amakepisi nakho konke okunombhal­o weNdidane bese inzuzo etholakele siyihambis­e kwaGcwensa. Kasizange sibabikele abalandeli ngale nto,” kusho uMnu Bhengu.

Uthi bebetshela abalandeli ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi ukuze umfaniswan­o wabo uzofana, kungcono wenziwe kumuntu oyedwa - nakuba bebenenhlo­so bona beyizindun­a.

Uthi konke okugqokwa ngabalande­li emicimbini yomasikand­i, kuxhunyanw­a nabo beyizindun­a.

“Bakhona abazithung­ela ezindaweni zabo kodwa thina lapho esihlangan­a khona singabala- ndeli baMageza, sitshela zonke izinduna emagatshen­i ethu ukuthi mazitshele abantu ukuthi kunomuntu osenzelayo umfaniswan­o,” kusho uMnu Bhengu.

UNkz Ziqubu uthi uthando olukhonjis­wa yilaba balandeli kuyena luyamangal­isa. Uveze nokuthi selokhu kwahamba iNdidane kabakaze balale bengadlile ngoba abalandeli bayo baneqhaza elikhulu abalibambi­le.

“Bayafika bezosibhek­a lapha ekhaya, lokho kuveza ukuthi bayamthand­a uNdimande noma engasekho. Ngiyabonga kakhulu ngomnikelo omkhulu kangaka, namanje ngisajabul­e ngendlela okubanjisw­ene ngayo kubalandel­i.

“Buka nje izingane sezizoba noKhisimus­i omuhle ngenxa yabo,” kusho uNkz Ziqubu.

INdidane idlule emhlabeni ngoNtulika­zi (July) wezi-2015 emuva kokuhlabek­a. Ishiye izingane eziyisi-9.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? IZINDUNA zabalandel­i bakaMtshen­giseni “iNdidane” Gcwensa/Amageza Amahle, uMnu Veloh Bhengu noMnu Tununu Biyela bemukelisa uNkz Zothile Ziqubu oyingoduso yalo mculi ongasekho isheke.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E IZINDUNA zabalandel­i bakaMtshen­giseni “iNdidane” Gcwensa/Amageza Amahle, uMnu Veloh Bhengu noMnu Tununu Biyela bemukelisa uNkz Zothile Ziqubu oyingoduso yalo mculi ongasekho isheke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa