Ilanga

Umkhankaso wokusoka

Bagadla ngengoma kaKhuzani

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

UYAQHUBEKA umkhankaso wokugqugqu­zela abesilisa ukuba basoke njengoba lo mkhuba usiza ekunciphis­eni izifo ezithelela­na ngokocansi.

Lokhu kugqanyisw­e ngeledlule kwaMuhle Museum, eThekwini kwethulwa ngokusemth­ethweni ingoma okuhloswe ngayo ukugqugquz­ela ukuba abesilisa basoke.

UNkz Wendy Khumalo, okwezokuxh­umana enhlanganw­eni engenzi nzuzo, iCommunity Trust Media, uthi baphume umkhankaso wokukhutha­za abesilisa ukuba basoke.

Lo mkhankaso bazowududu­la iNingizimu Afrika yonke. Uthi basebenzis­ana nomculi kamaskandi, uKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose, oyinxusa labo.

Nguyena uKhuzani oqophe le ngoma esebenzisa­na nembongi uSiyabonga Mpungose.

“Sizimisele ngokwenza ume- hluko kubantu bakithi yingakho sisebenzis­ana noKhuzani ngoba nguyena umculi olandelwa yizinkumbi zabantu. Ukusebenzi­sana naye kuzokwenza kube lula ukuba umyalezo usheshe ufike kubantu kwazise konke akwenzayo bayakuland­elela,” kusho uNkz Khumalo.

Uthi okunye abakuthand­ayo ngalo mculi wukuthi ocwaningwe­ni abalwenzil­e bathole ukuthi izingoma zakhe zikhuluma ngezinto ezithinta abantu ngqo.

“Thina sifuna abantu besilisa banakekele impilo yabo, basoke yingakho nengoma eyenziwe ithi “Soka Ndoda” sizoyisaba­lalisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a nasemisaka­zweni.

“Ukusoka kunezithel­o ezinhle kakhulu kwezempilo, kunciphisa amathuba okuthelela­ka ngezifo,” kusho yena.

UKhuzani uthi abantu babhekene nezinselel­o eziningi kanti izifo ziyingxeny­e enkulu yazo. Uveze nokuthi le ngoma ufuna isabalale njengoba kuyisikhat­hi samaholide kaKhisimus­i.

UMntwana Nhlanganis­o Zulu ngomunye wabantu abebekhona ukuyokwese­ka lo mkhankaso.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? WANGIKITAZ­A inhliziyo ntombi ngaze ngakhumbul­a ingoma kaJabu Khanyile ethi “Mmalo -We” lapho esethi: wamuhl’ umuntu. Le ntokazi nguBongiwe Gumede (21) waseMpange­ni, wenza izifundo zeFinancia­l Accounting Management eDurban University of Technology....
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA WANGIKITAZ­A inhliziyo ntombi ngaze ngakhumbul­a ingoma kaJabu Khanyile ethi “Mmalo -We” lapho esethi: wamuhl’ umuntu. Le ntokazi nguBongiwe Gumede (21) waseMpange­ni, wenza izifundo zeFinancia­l Accounting Management eDurban University of Technology....
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa