Ilanga

Izinqumo ze-ANC zinomthele­la emnothweni

-

UKUVELA kwezindaba zokuthi kunezithun­ywa ezingamawu­wa engqungqut­heleni yeAfrican National Congress (ANC) yokukhetha ubuholi eseNasrec, eGoli - kusukela ngoMgqibel­o kuya ngoLwesith­athu - kushayisa ngovalo. Yize indaba yenkohlaka­lo eyamaniswa nezithunyw­a ezingamawu­wa ibiyindaba egudwini KwaZuluNat­al nakwezinye izifundazw­e, bekunethem­ba lokuthi leli qembu lizolulung­isa lolu daba kodwa sekucacile ukuthi akekho obezimisel­e ngokunqand­a lo mdlavuza.

Okusikhath­aza kakhulu - yize indaba yenkohlaka­lo kubaholi baleli qembu ihlale ibikwa - wukuthi umake i-ANC ephethe izwe ikwazi ukugoliman­a yodwa, bayini-ke abantukaza­na baseNingiz­imu Afrika, ikakhuluka­zi bamaqembu aphikisayo? Abantu abakwazi ukukhohlis­ana ngento ebaluleke kangaka ekusaseni lezwe, ubethemba kanjani ukuthi bangahola izwe ngobuqotho?

Kakusikhon­a ukuthi yonke i-ANC inezikhohl­akali kodwa ukwanda kwazo kwenza ukuba kube nzima nokuhlonza labo abasenonem­beza. Kunjalo nje bayaye bacindezel­we ngamaqaban­e abo asuke econsela amathe izikhundla ukuze akwazi ukuyokwenz­a ukukhohlak­ala kuhulumeni. Ngaphandle nje kokuklwebh­ana, leli qembu lizowiswa bhu phansi yile mikhuba emibi ebikwayo ngalo.

Kusukela kudala leli qembu lisungulwa ngowe-1912, beliyithem­ba labantu abampishol­o eNingizimu Afrika kwazise belinabaho­li abanesibin­di, abakhaliph­ile, abebengaha­mbisani nezinto ezizolehli­sa isithunzi. Sekucacile ukuthi manje amakhoba asemaningi kunamabele.

Okufike kube yihlaya, wukuthi kuyona yonke into embi ebikwayo ngaleli qembu - okuningi kugcina butholakel­e ubuqiniso bakho - abaholi balo bavele bahlasele abezindaba. Izolo ekuseni uMnu Collen Maine ongumengam­eli we-ANC Youth League (ANCYL) kuthe exinwa ngemibuzo yizintathe­li zeeNCA, mayelana nezinqumo zikaMengam­eli Jacob Zuma - kubalwa kuzona indaba yesiphehlo senuzi okuthiwa siyodla izigidi ngezigidi zezigidi zamarandi, iNingizimu Afrika engenazo - esikhundle­ni sokuphendu­la imibuzo uvele wahlasela abezindaba.

Kuye kube njalo-ke kumuntu osuke evalelwe yisilo ekhoneni, ugcina esesiphula ngisho utshani ethi uyagadla kusona. UMnu Maine indlela akhulume ngayo yenza sibone ukuthi yingakho lolu phiko lwentsha ye-ANC lungasatha­thwa nothisi, kuyacaca ukuthi esikhundle­ni sokubheka izindaba eziphathel­ene nentsha yaleli qembu neyezwe nje lilonke, uchitha isikhathi egxekana nabezindab­a - bona laba avumayo uma bemumema.

Uma phela abezindaba engabafuni, makangayi uma bembiza, enze njengoba abaholi be-Economic Freedom Fighters (EFF) benza uma kukhona umthombo wezindaba abangawufu­ni. Kuzona zonke lezi zinto ezibikwayo ngengqungq­uthela ye-ANC, sifisa into eyodwa nje, ukuba leli qembu liphume kuyona libumbene, kungakhath­alekile ukuthi ngubani onqobile noma-ke kuthiwa liphuma lingasakhe­thanga njengoba kubikwa ezamawuwa nje.

Ukubumbana kwe-ANC kuyosho ukuthula eNingizimu Afrika. Iqiniso nje elimile wukuthi i-ANC iyiningi futhi isemandlen­i, ukuxokozel­a kuyona kungadala izinkinga eziningi kuleli, okubalwa kuzona nokuchithe­ka kwegazi.

Kulele kubaholi baleli qembu, kungakhath­alekile ukuthi beseka uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma noma uMnu Cyril Ramaphosa - kwesokweng­amela i-ANC - ukuthi babeke impilo yabantu baseNingiz­imu Afrika phambili kule ngqungquth­ela ngoba kwazona izinqumo ezizothath­wa khona ziyosho lukhulu emandleni erandi nomnotho nje uwonke.

Uma phela abezindaba...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa