Izinqumo ze-ANC zinomthelela emnothweni
UKUVELA kwezindaba zokuthi kunezithunywa ezingamawuwa engqungqutheleni yeAfrican National Congress (ANC) yokukhetha ubuholi eseNasrec, eGoli - kusukela ngoMgqibelo kuya ngoLwesithathu - kushayisa ngovalo. Yize indaba yenkohlakalo eyamaniswa nezithunywa ezingamawuwa ibiyindaba egudwini KwaZuluNatal nakwezinye izifundazwe, bekunethemba lokuthi leli qembu lizolulungisa lolu daba kodwa sekucacile ukuthi akekho obezimisele ngokunqanda lo mdlavuza.
Okusikhathaza kakhulu - yize indaba yenkohlakalo kubaholi baleli qembu ihlale ibikwa - wukuthi umake i-ANC ephethe izwe ikwazi ukugolimana yodwa, bayini-ke abantukazana baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi bamaqembu aphikisayo? Abantu abakwazi ukukhohlisana ngento ebaluleke kangaka ekusaseni lezwe, ubethemba kanjani ukuthi bangahola izwe ngobuqotho?
Kakusikhona ukuthi yonke i-ANC inezikhohlakali kodwa ukwanda kwazo kwenza ukuba kube nzima nokuhlonza labo abasenonembeza. Kunjalo nje bayaye bacindezelwe ngamaqabane abo asuke econsela amathe izikhundla ukuze akwazi ukuyokwenza ukukhohlakala kuhulumeni. Ngaphandle nje kokuklwebhana, leli qembu lizowiswa bhu phansi yile mikhuba emibi ebikwayo ngalo.
Kusukela kudala leli qembu lisungulwa ngowe-1912, beliyithemba labantu abampisholo eNingizimu Afrika kwazise belinabaholi abanesibindi, abakhaliphile, abebengahambisani nezinto ezizolehlisa isithunzi. Sekucacile ukuthi manje amakhoba asemaningi kunamabele.
Okufike kube yihlaya, wukuthi kuyona yonke into embi ebikwayo ngaleli qembu - okuningi kugcina butholakele ubuqiniso bakho - abaholi balo bavele bahlasele abezindaba. Izolo ekuseni uMnu Collen Maine ongumengameli we-ANC Youth League (ANCYL) kuthe exinwa ngemibuzo yizintatheli zeeNCA, mayelana nezinqumo zikaMengameli Jacob Zuma - kubalwa kuzona indaba yesiphehlo senuzi okuthiwa siyodla izigidi ngezigidi zezigidi zamarandi, iNingizimu Afrika engenazo - esikhundleni sokuphendula imibuzo uvele wahlasela abezindaba.
Kuye kube njalo-ke kumuntu osuke evalelwe yisilo ekhoneni, ugcina esesiphula ngisho utshani ethi uyagadla kusona. UMnu Maine indlela akhulume ngayo yenza sibone ukuthi yingakho lolu phiko lwentsha ye-ANC lungasathathwa nothisi, kuyacaca ukuthi esikhundleni sokubheka izindaba eziphathelene nentsha yaleli qembu neyezwe nje lilonke, uchitha isikhathi egxekana nabezindaba - bona laba avumayo uma bemumema.
Uma phela abezindaba engabafuni, makangayi uma bembiza, enze njengoba abaholi be-Economic Freedom Fighters (EFF) benza uma kukhona umthombo wezindaba abangawufuni. Kuzona zonke lezi zinto ezibikwayo ngengqungquthela ye-ANC, sifisa into eyodwa nje, ukuba leli qembu liphume kuyona libumbene, kungakhathalekile ukuthi ngubani onqobile noma-ke kuthiwa liphuma lingasakhethanga njengoba kubikwa ezamawuwa nje.
Ukubumbana kwe-ANC kuyosho ukuthula eNingizimu Afrika. Iqiniso nje elimile wukuthi i-ANC iyiningi futhi isemandleni, ukuxokozela kuyona kungadala izinkinga eziningi kuleli, okubalwa kuzona nokuchitheka kwegazi.
Kulele kubaholi baleli qembu, kungakhathalekile ukuthi beseka uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma noma uMnu Cyril Ramaphosa - kwesokwengamela i-ANC - ukuthi babeke impilo yabantu baseNingizimu Afrika phambili kule ngqungquthela ngoba kwazona izinqumo ezizothathwa khona ziyosho lukhulu emandleni erandi nomnotho nje uwonke.
Uma phela abezindaba...