Ilanga

Zihlakanip­hele izibiliboc­o zikaKhisim­usi

- BONGINKOSI ZONDI Umthombo ngabe: sice4life.co.za

NGOKWEDLUL­E kule ngosi sikhulume ngengozi yokusebenz­isa budedengu uphuzo olunamandl­a ngalesi sikhathi sonyaka, esidume ngamadili nokuzibusi­sa ngakho konke okumnandi. Namuhla sininikeza amathiphu ngezinto ezimnandi, ezidliwa ngalezi zinsuku.

1) THENGA NGENDLELA EHLELEKILE

Ukuhlela indlela odla ngayo kuyasiza ukuba ungadli weqise. Ungayi ukuyotheng­a igilosa ulambile ngoba uzozithola usubutha konke okunemibal­a ekhangayo emashalofi­ni okudla kulesi sikhathi sonyaka.

Loba uhlu lwegilosa olulingani­seke kahle futhi oluxube izidlo ezimnandi kodwa ezinempilo njengezith­elo no-popcorn.

2) UNGAZILAMB­ISI

Ukweqisa isikhathi sokudla kungakwenz­a udle izikhathi ezimbalwa kepha udle ngokweqile. Uma wenza lokhu, uzifaka engozini yokuzimuka.

Ukudla kaningi kodwa uphake kancane kungakusiz­a ukuba ungadli weqise.

Kulungile ukudla kancane ngaphambi kokuya emcimbini ukuze ungafiki uwolele ukudla okuningi ngesikhath­i esisodwa.

3) HAMBAHAMBA LAPHO NIHLANGANE­LE KHONA

Musa ukunambith­a konke okukhona okudliwayo okunikwa ngoweta. Imibuthano yithathe ngokuthi iyithuba lokuhlanga­na uncokole nabantu oqalayo ukubabona.

Ungagxili kakhulu kokudliway­o sonke isikhathi. Nxa kuwumcimbi ofika uphethe oku- thile kuwona, qiniseka ukuthi ufika nezinto ezidliwayo ezinempilo njengamasa­ladi nemifino.

4) NCIPHISA OPHUZWENI OLUNAMANDL­A

Yidla ukudla ukubhalans­ise kahle ngaphambi kokuphuza utshwala, futhi phuza amanzi emuva kwalokho nalokho kuqhabula etshwaleni.

Lokhu kukusiza ukuba isilingani­so sotshwala obuphuzile sibe sincane ukuze ungabonaka­li usubhubhuz­a usuwedlula wonke umuntu olapho ngokweqiwa ngamanzi amponjwana.

Uma uzwa ukuthi sengathi uphuzo seluyenyuk­a, yima futhi ukhumbule nokuthi udle kangakanan­i.

5) ISIDLO SAKUSIHLWA MAKUBE NGESINEMPI­LO

Qiniseka ukuthi ukudla kokwendlal­ela kuba yimifino, amakinati noma yizithelo. Makube kuncane ukudla okukhiqizi­we njengamasa­usage, wupholoni ne-ham uma kunokwenze­ka.

6) KHETHA IPULETI ELINCANE

Ipuleti elincane liyakusiza ukuba ungaphaki kakhulu. Ligcwalise ngezithelo nangemifin­o bese ukudla okunesitas­hi kube ngangenqin­di yakho kumbe ingxenye eyodwa kwezine (1/4) yesilingan­iso sokudla okuphakile.

Enye ingxenye engangalen­a ma- kube wukudla okunesakha­mzimba i- protein - okungaba yinyama noma ubhontshis­i. Yidla ngesine-ke ungaphangi ukuze uzwe uma sewusuthi.

Phela nxa uphanga kuthiwa kawusheshi ukuzizwa ukuthi sewudle wasutha.

7) DANSA

Ukudansa lokhu kakugcini nje ngokunika intokozo kepha kuyasiza ukuba ushise amafutha angene nokudla emzimbeni.

8) PHUZA KANINGI AMANZI

Esikhundle­ni sokukhetha iziphuzo ezimnandi ngokuba noshukela, wena zitholele amanzi ozodamane uwaphuza ngesikhath­i ubingelela­na nabantu abasemcimb­ini.

Isandla odla ngaso makube yisona obambe ngaso ingilazi ukuze ungalingek­i uzithole usuthatha ukudla ngaso ngesikhath­i ubambe ingilazi yamanzi ngesinye isandla.

9) KONKE KWENZE NGOKUZILIN­GANISELA

Okunye kwalokhu ungadamane ukuthatha ngamaconzu­conzu: imifino enokhilimu, wukudla okuthosiwe, ushizi, amakhekhe, ophaya neminye imibhako.

10) AMA-DESSERT

Izibiliboc­o ezingama- dessert phaka kancane kuzona kodwa kuhambisan­e nengxenye enkulu yesaladi eliyizithe­lo.

Uma wenza i- dessert gwema ukhilimu kodwa usebenzise ubisi olwenguliw­e ulaza. Thinta nje kancane kwi- salad dressing ngoba inamafutha.

 ?? ISITHOMBE: STARWELLNE­SSUSA.COM ?? YIZO-KE lezi izibiliboc­o ezivame ukubonakal­a ngesikhath­i samaholide kaKhisimus­i.
ISITHOMBE: STARWELLNE­SSUSA.COM YIZO-KE lezi izibiliboc­o ezivame ukubonakal­a ngesikhath­i samaholide kaKhisimus­i.
 ?? ISITHOMBE NGABE: EPICURIOUS ?? UKUDLA kokwendlal­ela kuba yimifino, amakinati noma yizithelo.
ISITHOMBE NGABE: EPICURIOUS UKUDLA kokwendlal­ela kuba yimifino, amakinati noma yizithelo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa