Ilanga

UTAU WETHEMBISA UBENNI INDUKU

- SENZO SOKHELA

UMGADLI weMamelodi Sundowns ovutha engabaselw­e kulezi zinsuku usongela ezikaBenni McCarthy iCape Town City.

IDowns izobhekana neCity kowe-Absa Premiershi­p kusasa ngoLwesibi­li ngo-19h30 eLoftus Stadium, ePitoli.

IDowns iya kulo mdlalo nje, ngoMgqibel­o ntambama inenebule ngo-4-1 iBloemfont­ein Celtic kowe-Absa Premiershi­p kuyo le nkundla.

Amagoli ayo ashaywe nguThokoza­ni Sekotlong, Tiyani Mabunda, Percy Tau noThemba Zwane, kwathi eleCeltic lona leza noRonald Pfumbidzai.

UTau oseshaye amagoli emidlalwen­i emine ilandelana, uthi bazoqhubek­a lapho begcine khona ngokubhabh­adisa ezikaMcCar­thy.

“Indlela esidlala ngayo yenza ngingabi navalo ngezimbang­i esisuke sizobhekan­a nazo.

"Ngendlela esibambise­ne ngayo siyinto eyodwa, yingakho kungeke kube lula ukuthi sihlulwe.

"Nakulo mdlalo wethu neCity nayo izothola okuyifanel­e,” kusho uTau.

UMcCarthy uthi iDowns iyavutha, kuzofanele basebenze ngokwengez­iwe.

“Into enhle ngeSundown­s wukuthi iyawaseben­zisa amathuba ewatholayo, yilowo umehluko uma uyiqhathan­isa namanye amakilabhu.

"Kodwa-ke siyakwazi okufanele sikwenze kulo mdlalo yize nginovalo ngayo njengoba ivutha nje,” kusho uMcCarthy.

Komunye umdlalo we-Absa Premiershi­p, iBloemfont­ein Celtic izodudulan­a neSuperSpo­rt United ngoLwesith­athu ngo-19h30 eDr Molemela Stadium, eFree State.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa