Ilanga

UZOKHUCULU­LA INSILA UMQEQESHI WE-PIRATES

- SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin “Micho” Sredojevic uthi lizogaya ngomunye umhlathi kule kilabhu ngonyaka ozayo njengoba ezimisele ngokukhucu­lula insila embi.

IBucs iwuvale kabi unyaka iguqiswe ngo-2-1 yiFree State Stars kowe-Absa Premiershi­p ngoMgqibel­o kusihlwa eGoble Park Stadium, eBethlehem.

Amagoli okuguqe ngawo iBucs kube wumkhonto ogwaze ekhaya ka-Abbubaker Mobara nelikaSine­themba Jantjie, kwathi eleBucs lona lashaywa nguThabiso Kutumela.

“Indlela esihlulwe ngayo ayingigcul­isanga neze ngoba umdlalo besiwuthwe­le kodwa senza into efanayo ukushweba amathuba.

"Kodwa-ke lizogaya ngomunye umhlathi ngonyaka ozayo, liyavulwa iwindi kuzofanele kuhlungeke bese kuhleleka kahle izinto.

"Noma kanjani kufanele singene emakethe ukuze kuzonyuka amasokisa nakulaba abawehlisi­le,” kusho uSredojevi­c.

ULuc Eymael ololonga iFree State uthi uzogcina emelwe yinhliziyo ngendlela abadlali bakhe abashweba ngayo amathuba.

“Ngiyopholi­sa ikhanda iviki lonke eGoli. Ngiyakudin­ga ukuphumula.

"Ngendlela abafana bami abashweba ngayo ngiyabona ukuthi ngizogcina ngimelwe yinhliziyo.

"Phela mina sengimdala, iminyaka ihambile angiyiding­i le nto.

"Kodwa-ke ngijabule ngendlela esisonge ngayo, sinqobe imidlalo yethu yomibili yokugcina,” kusho u-Eymael.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa