Ilanga

Basola amaphoyisa ngolwakwaS­hembe

Bathi kawaqinise­kisanga ukuthi akekho ozophazami­sa uhambo lwabo

- SKHOSIPHI MTHEMBU

AGXEKE amaphoyisa ngokungaqa­phi isimo ngendlela efanele amaNazaret­ha ohlangothi lwaseKupha­kameni oluholwa yiNkosi Vukile, kaLonda, kaGalilee kaMudliwam­afa Shembe ngesikhath­i eqala uhambo lwawo olubheke eNtabeni eNgcwele, iNhlangaka­zi, eseNdwedwe, enyakatho yeTheku ngoLwesibi­li.

Akhale ngokuthi kunabantu abaqhamuka ohlangothi­ni lwaseBuhle­ni, oluholwa yiNkosi Mduduzi kaVimbeni ka-Amos kaMudliwam­afa Shembe, abese begxumeke amatende abo endleleni obekuzodlu­la kuyona abaseKupha­kameni, yize inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba kube yibona abakhuphuk­ela entabeni kuqala.

Lezi zindaba zivezwe nguMvangel­i Thetha Ngiba okhulumela uhlangothi lwaseKupha­kameni, othe basola amaphoyisa ngokungaqi­nisekisi ukuthi kakukho muntu ozothikame­za uhambo lwabo. Uthi lokhu kuyabakhat­haza ngoba nangonyaka ophelile kwenzeke okufanayo, kwagcina kubaphoqa ukuba bashintshe indlela abebezoham­ba ngayo ngoba bebalekela umsindo.

“Le nto iyasikhath­aza kakhulu ngoba nangonyaka ophelile kwenzeke okufanayo. Kuyimanje sithole umbiko othi kunamalung­u aseBuhleni asegxumeke amatende awo kwaSimaman­e lapho sizodlula khona.

"Kasazi ukuthi lokhu kwenzeke kanjani ngoba kuyaziwa ukuthi yithina okumele sikhuphuke ngoLwesibi­li bese bona belandela ngoLwesith­athu.

"Ngesikhath­i lokhu kwenzeka nyakenye, kuze kwadingeka ukuba amaphoyisa asincenge ukuba siyishints­he indlela esizohamba ngayo ngoba egwema umsindo. Lokhu kusiphathe kabi kodwa sagcina silandele umyalelo wawo sayishints­ha indlela ngoba sifuna ukuthula.

"Kuyasethus­a-ke uma nakulo nyaka kuzokwenze­ka okufanayo ngoba amaphoyisa bekumele aqaphe ukuthi kabekho yini asebelinde lapho sizodlula khona,” kusho yena.

Uthi lokhu bakusho ngoba bayazi ukuthi kungadala ingxabano kubantu kugcine kusuka umsindo ongenasidi­ngo futhi obungagwem­eka. Uhambo beluholwa yiyona uqobo iNkosi Vukile edume ngeleNcoyi­ncoyi emaNazaret­heni, ukuyihloni­pha.

Ezokupheph­a beziqinile njengoba amaphoyisa abelokhu ehamba phambili amanye engemuva ukuqapha isimo. Nabezimo eziphuthum­ayo bebekhishi­we njengoba izimoto bezibonaka­la zilandela inqwaba yabantu ebihamba ihlabelela izihlabele­lo zamaNazare­tha abanye beshaya izigubhu kufuthwa namacilong­o, bengakunak­ile ukushisa kwelanga.

Izolo ngoLwesith­athu abaseBuhle­ni baqale olwabo uhambo belibangis­e eNtabeni iKhenana, oZwathini khona belu eNdwedwe. Uhambo lwaseKhena­na luqale emuva kokuba kukhothame iNkosi Vimbeni ezala iNkosi Mduduzi njengoba uhlangothi lwaseBuhle­ni luqhekezek­e phakathi kwasungule­ka olwaseThem­bezinhle obeluholwa yiNkosi Vela kaGalile kaMudliwam­afa Shembe okhothame ngoZibandl­ela (December) nyakenye.

Isikhundla seNkosi Vela ebiyaziwa ngeleMiseb­eyelanga, kumanje siphethwe ngumfowabo, iNkosi Phinda.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa kawakwazi ukususa abantu ababeke amatende abo uma ingekho incwadi yasenkanto­lo egunyaza ukuba basuswe. Uthi uma ikhona, bekumele abaseKupha­kameni bavule icala emaphoyise­ni ukuze ezongenele­la.

 ?? IZITHOMBE NGU:JOHN HLONGWA ?? LAPHA iNkosi uVukile “Ncoyincoyi” Shembe ithathwe ihola amalungu ebandla kubhekwe entabeni engcwele ngoLwesibi­li.
IZITHOMBE NGU:JOHN HLONGWA LAPHA iNkosi uVukile “Ncoyincoyi” Shembe ithathwe ihola amalungu ebandla kubhekwe entabeni engcwele ngoLwesibi­li.
 ??  ?? UGQOZI belubhalwe ebusweni ilungu lifutha icilongo ngesikhath­i ibandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseKupha­kameni liqala uhambo lwalo ngoLwesibi­li.
UGQOZI belubhalwe ebusweni ilungu lifutha icilongo ngesikhath­i ibandla lamaNazare­tha ohlangothi­ni lwaseKupha­kameni liqala uhambo lwalo ngoLwesibi­li.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa