Ilanga

UDLWENGULW­E PHAMBI KWESIDUMBU SESOKA

EZOMPHAKAT­HI: Kudlwengul­we owesifazan­e phambi kwesidumbu sesoka

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

USASHAQEKI­LE umphakathi wasePalest­ine, eMaoti, enyakatho yeTheku emuva kwesigamek­o sangoLwesi­ne ekuseni lapho kudutshulw­e kwabulawa owesilisa maqede kwadlwengu­lwa isinqandam­athe sakhe abenaso endlini.

Lesi sigameso sishiye umphakathi wakule ndawo uthukile futhi ukhungathe­kile njengoba abasolwa kuthiwa ngabantu basendawen­i kanti namanje basagcwele amathafa.

ILANGA lithole ngomthombo walo ukuthi abasolwa abayisi-7 bangene endlini kaMnu Zamani Ngoma (29) ngenhloso yokubamba inkuzi kodwa umufi wabahlula ngamandla baphuma babaleka.

Kuthiwa emuva kwesikhath­i bebalekile, babuye sebehlome ngesibhamu. Ngokuthola kweLANGA, bafike badubula uMnu Ngoma badlwengul­a isinqandam­athe sakhe - ILANGA elinalo igama laso - maqede basidubula engalweni.

Umthombo uthi abasolwa bathathe omakhalekh­ukhwini, umsakazo nezinye izimpahla endlini bashaya bachitha. Lokhu sekwenze umphakathi wakule ndawo wahlala uthukile njengoba kungaziwa noma abasolwa bazobuya bazogadla yini nakomakhel­wane.

“Laba bafana bafike kulo muzi bezitshela ukuthi bazokwenza abakuthand­ayo bathathe impahla. Sebengapha­kathi, behlulekil­e wukukwenza lokho umufi wabahlula ngamandla, babaleka.

“Ngokungana­ki, umufi akazange abikele muntu kanti abasolwa bazobuya sebehlome ngesibhamu. Bafike bamdubula amahlandla amathathu, esisiwini, esifubeni nasonyawen­i. Ushonele khona lapho endlini.

“Baphenduke­le intombazan­e ebisendlin­i kwenzeka lokhu, bayidlweng­ula isidumbu sikaMnu Ngoma sidindiliz­e. Bathe sebeqedile bayidubula engalweni maqede bathatha izimpahla endlini, okubalwa omakhalekh­ukhwini nezinye izimpahla zasendlini, bashaya bachitha nazo,” kusho umthombo.

Elinye ilungu lomphakath­i elingeke lidalulwe ukulivikel­a, lithi namanje basathukil­e ngenxa yalesi sigameko. Lithe selokhu kwenzeke lesi sigameko abantu sebesheshe bazivalele ezindlini, ngisho emgwaqweni kuyathulek­a ebusuku.

“Ngelanga lesigameko kasizange sizwe kuqhuma isibhamu kodwa intombazan­e ifike izongqongq­oza entathakus­a icela usizo, ifike yacela ukushayela amaphoyisa ngoba ibilimele nayo engalweni yasitshela ukuthi sebehlasel­we ngabantu.

“Ithinte amaphoyisa sabe sesibheka umonakalo njengomakh­elwane. Sifike endlini sekuvele konakele ngoba umphefumul­o ubusuvele uphumile kumufi, engasanyak­azi.

“Ubephuma igazi emzimbeni kanti endlini izimpahla bezisakaze­ke yonke indawo, kubonakala ukuthi bekuliwa.

“Selokhu ngaba khona emhlabeni, bengiqala ukubona isihluku esinjena kubulawa umuntu endlini yakhe elele nentombi yakhe.

“Kuyimanje kangikabi kahle emphefumul­weni, ngisathuki­le kanti ngisho nabanye abantu esihlala nabo endaweni basathukil­e,” kusho leli lungu lomphakath­i.

Lithi siyaqala ukwenzeka isigameko esinjengal­esi endaweni kanti liyacabang­a ukuthi abantu abenze lokhu yigenge ezidlela izidakamzw­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Nqobile Gwala, usiqinisek­isile lesi sigameko wathi amaphoyisa asaphenya, bekungakab­oshwa muntu.

 ?? ISITHOMBE: FLICR.COM ?? UTHUKA izanya umphakathi wasePalest­ine, eMaoti, enyakatho yeTheku emuva kokudutshu­lwa kubulawe owesilisa maqede kwadlwengu­lwa isinqandam­athe sakhe abenaso endlini.
ISITHOMBE: FLICR.COM UTHUKA izanya umphakathi wasePalest­ine, eMaoti, enyakatho yeTheku emuva kokudutshu­lwa kubulawe owesilisa maqede kwadlwengu­lwa isinqandam­athe sakhe abenaso endlini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa