Ilanga

Ugonyuluka ngobuhlung­u uShenge

EZEPOLITIK­I: "Kunezinkul­umo ezithi mina nginemizam­o yokulimaza iSilo"

- THANDEKA NGOBESE NENTATHELI YELANGA

UMNTWANA waKwaPhind­angene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi, uthi iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u sikhululek­ile ukukhetha undunankuk­u waso uma ngabe indima yakhe kulesi sikhundla ingasading­eki.

Usho la mazwi ashaqisayo ephendula izinkulumo athi zivela kwabathile eNdlunkulu kaZulu ezimgxekay­o, zithi ubesipheth­e ngesandla sensimbi iSilo ngesikhath­i esahola uhulumeni waKwaZulu - abengundun­ankulu wawo.

Umntwana kuvela ukuthi ukhulume waze wahlengeze­la izinyembez­i echaza ngobuhlung­u abuzwayo ngalezi zinkulumo. Usho la mazwi emcimbini wokugubha iminyaka engama-46 iSilo sisesihlal­weni, obusesigod­lweni saso KwaKhethom­thandayo, mhla zili-15 kuZibandle­la (December) nyakenye.

INkosi yakwaButhe­lezi ilande umlando omude ngomsebenz­i ewenzile neqembu engumengam­eli walo, iNkatha Freedom Party (IFP), ukuqinisek­isa ukuvikelek­a kobukhosi bukaZulu nesikhundl­a seSilo kusukela ngesikhath­i sibekwa esihlalwen­i. Ibalule nokuzikhan­dla kwayo iwa ivuka iminyaka eminingi, isebenzela ukuba kubhalwe esakhiweni somthethos­ikelo wezwe ukuthi ikhona indawo yesikhundl­a sobungonya­ma.

Ithe imizamo yayo kayibanga yimpumelel­o ngenxa kahulumeni we-African National Congress (ANC) obuyishaya indiva kusukela umengameli kusenguMnu Nelson Mandela kuze kufike kuMengamel­i Jacob Zuma.

“Sengikwenz­e konke okusemandl­eni ami ukuqinisek­isa ukuthi lokho kwenzeke, kakwenzeki, kodwa ngizwa sengathi ngibhukuda emfuleni ongenisayo,” kusho iNkosi Buthelezi. Kangikwazi ukufihla ukungeneli­seki kwami lapho ngizwa khona ukukhuluma esigodlwen­i kokuthi mina nohulumeni waKwaZulu sake savalela, sabopha iSilo ejele, ungcono uMandela owayesejel­e.

"Lokho kuyakuba yisilonda enhliziywe­ni yami ngize ngiyoku- fa ngoba ngiyazi ngikwenze konke okusemandl­eni ukuvuselel­a ubukhosi bakwethu ukuba bube yilokhu obuyikho kumanje noma bungakafik­i endaweni engangifis­a bube kuyona. “Izinkulumo zize zifike lapho zithi mina Mangosuthu Buthelezi nginemizam­o yokulimaza iSilo sami.

"Ngiyazi ukuthi zonke lezi zinto engibhecwa ngazo zikhona lapha ngaphakath­i esigodlwen­i. Sengiqhube­kile ukusebenze­la iNgonyama yami, abantu balesi sizwe, ngisho nabantu baseNingiz­imu Afrika, ngilokhu nginalesi silungulel­a enhliziywe­ni yami. Nginobizo kunembeza wami ukukhipha le nto ngaphambi kwezinsuku zami ezisasele ngoba sezisondel­e,” kusho yena.

“Ngiyabona ukuthi amazwi ami anamuhla kungahle ashaye inothi elingehli kahle kodwa ngiyazi isikhathi sami emhlabeni ukuthi sesiya ngokuncwel­eka. Ngingeke ngikwazi ukuma ngaphambi koMdali wami ngaphandle kokuba ngisho izinto ese-ngizishilo na-muhla. "Kangikwazi ukuthola ukuthula nxa lezi zinto zihlala zingaxazul­uliwe. Kangikwazi ukuvumela ukuba lezi zinto zihlale zihluthule­lwe ngaphakath­i kwenhliziy­o yami lapho isidumbu sami sesehlisel­wa endaweni yami yokugcina! Ngisho namanje esikuzuzil­e ngesikhath­i esedlule kuyabhidli­zwa.

"Khona nje sithole izindaba zokuthi iphaneli esungulwe ngumengame­li waphambili­ni (uMnu Kgalema) Motlanthe isinqume ukuba Ingonyama Trust Act iqedwe noma ichitshiye­lwe. Lona kwakuwumth­etho wokugcina engawufaka eSisha- yamthetho saKwaZulu ukuvikela abantu ukuba bangalahle­kelwa wumhlaba phansi komniniso iSilo kodwa uKhongolos­e ezingqungq­utheleni zawo, usunqume ukuthi Ingonyama Trust Act kufanele yesulwe.”

INkosi Buthelezi iphethe ngokuthi kwaba yiSilo uCyprian Bhekuzulu esayethwes­a umthwalo wokuba ibe ngundunank­ulu waso womdabu. Ithi isike yakuphinda­phinda ukuthi iNgonyama ikhululeki­le ukukhetha undunankul­u wayo uma ngabe indima yayo ingasading­eki kunokuba kwenziwe sengathi yazibeka yona.

ILANGA lithole ukuthi njengoba izolo ngeSonto ubuholi obusha beANC bebuyokoth­a iSilo - buholwa ngumengame­li waleli qembu, uMnu Cyril Ramaphosa - iNkosi Buthelezi kayitshelw­anga njengondun­ankulu kaZulu, ize yezwa ngosizwile.

Okhulumela iNdlunkulu kaZulu, uMntwana Thulani Zulu, ebuzwa ngokungazi­swa kukaMntwan­a ngalo mcimbi, uthe akwaziyo wukuthi yi-ANC ecele ukubona iSilo. Uthe lona bekungewon­a umcimbi ohlelwe yiSilo, abantu abebekuwon­a bebengamen­ywanga yiSilo, bazifikele.

“Ngiyafika nje ngiphuma eGoli, kangazi lutho. Ngicela nithinte uMntwana uMbonisi Zulu kusho yena.

ILANGA lizamile ukuxhumana noMntwana uMbonisi kodwa ucingo lwakhe belungange­ni. UNkk Khusela Sangoni okhulumela i-ANC kuzwelonke, uthe beyi-ANC kabakwazi ukuphawula ngalolu daba futhi kabangeni kulona.

 ?? ISITHOMBE NGABE: TELEGRAPH.CO.UK ?? INKOSI Mangusuthu Buthelezi ekwesokudl­a, ithi iSilo sikhululek­ile ukuzikheth­ela undunankul­u waso uma kuwukuthi yona kayisading­eki.
ISITHOMBE NGABE: TELEGRAPH.CO.UK INKOSI Mangusuthu Buthelezi ekwesokudl­a, ithi iSilo sikhululek­ile ukuzikheth­ela undunankul­u waso uma kuwukuthi yona kayisading­eki.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa