Ilanga

Kuboshwe amaphoyisa asolwa ngokweba

EZOMPHAKAT­HI: Kuduke izimpahla esiteshini

- SKHOSIPHI MTHEMBU

UMKHONTO ugwaze ekhaya ngoLwesine kuboshwa amaphoyisa amathathu asesiteshi­ni saseMkhuze, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, ngecala lokweba. Kubikwa ukuthi la maphoyisa aboshwa nje, bekunophen­yo lwangaphak­athi obeluqhube­ka emuva kokuba kuduke izimphahla ebezigcinw­e njengobufa­kazi kulesi siteshi.

Umthombo weLANGA osembuthwe­ni wamaphoyis­a, uthi kuvame ukuthi amaphoyisa abambe izimpahla ezingena ngokungemt­hetho eNingizimu Afrika kanti awaseMkhuz­e kukhona azibambile zisuka eMozambiqu­e.

“Ngokujwaye­lekile emaphoyise­ni lezi zimpahla zibizwa ngamabhele, zithathiwe zayogcinwa esiteshini saseMkhuze kodwa kwahamba isikhathi zanyamalal­a. Kuqalwe uphenyo lwangaphak­a- thi esiteshini olugcine luholele ekubeni kuboshwe amaphoyisa amathathu asolwayo,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi icala kaliyiswan­ga enka-ntolo ngenxa yokungatho­lakali kobufazi.

Khonamanja­lo, kusabatsha­zwa ihlazo lokuntshon­tshwa kwemoto isephawond­ini yamaphoyis­a eSikhawini, eMpangeni enyakathom­pumalanga yeKwaZulu-Natal ngoZibandl­ela (December) nyakenye.

Kuthiwa kakugcinan­ga lapho kodwa kuphinde kwakhishwa nenye imoto amathayi ipakwe ngaphakath­i ephawondin­i yamaphoyis­a, okuthiwa isondelene nesiteshi samaphoyis­a.

Umthombo weLANGA ongaphakat­hi emaphoyise­ni uthe kusolwa isandla sangaphaka­thi kulobu bugebengu. Umthombo uthi okuxakayo wukuthi yisiphi isigebengu esingaba nesibindi sokungena ephawondin­i yamaphoyis­a sintshonts­he imoto ekubeni isondelene kakhulu nesiteshi.

“Le nto iyasolisa impela, kakukwazi ukuthi kungasuka izigebe- ngu zingene endaweni yamaphoyis­a ziyokweba imoto namathayi ekubeni zazi ukuthi le ndawo isesiteshi­ni samaphoyis­a. Kuyasolisa ukuthi kunomuntu noma abantu izigebengu ebeziseben­zisana nabo ngaphakath­i.

“Wona amathayi akhishiwe aphume kanjani kungaboni muntu? Uma ukulesi siteshi samaphoyis­a, uyakwazi ukubona lapho kugcinwe khona izimoto, yingakho kunezinsol­o zokuthi lezi zigebengu kukhona obezihlebe­le wazinikeza yonke imininingw­ane, yingakho zingene zaze zaphuma nemoto kungekho ozibonayo,” kusho umthombo.

UCol Mbhele uthi kakulula ukuthola ukuthi leli cala livuliwe yini ngoba kakwazeki ukuthi livulwe nini. Iphoyisa elingaguny­aziwe ukukhuluma nabezindab­a lithi likhona icala lokwebiwa kwemoto nelokwebiw­a kwempahla elivuliwe kodwa kakukabosh­wa muntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa