Ilanga

ILANGA LIHLABENE NGOQWEQWE

- INTATHELI YELANGA

USEQOKELWE kwesokuba nguMhleli Omkhulu weLANGA, uMnu Philani Mgwaba, osemnkants­hubomvu kwezokuhle­lwa kwamapheph­andaba.

Ephawula ngokubekwa kwakhe uthe ujabula kakhulu ukuthola ithuba lokubamba iqhaza kuleli phephandab­a elasungulw­a nguDkt John Langalibal­ele “Mafukuzela” Dube ngowe-1903.

“Lona wumlando omuhle kakhulu okufanele siziqhenye ngawo njengabant­u baKwaZulu-Natal nabaseNing­izimu Afrika yonkana,” kusho uMnu Mgwaba.

Lo makadebona emkhakheni wezindaba, ube ngumhleli wokuqala wephephand­aba lesiZulu, iSolezwe ngowezi-2002. Uthembisa ukuthi kunezinguq­uko ezizokwenz­iwa ezizojabul­isa abafundi beLANGA.

“Emuva kweminyaka embalwa ngisebenze­la eGoli, ngiyajabul­a ukubuyela ekhaya ngibambe iqhaza ekufukulen­i abantu besifundaz­we engisikhon­ze kakhulu,” kusho yena.

UMnu Mgwaba uke waphatha la maphephand­aba alandelayo njengomhle­li: iPretoria News, iSunday Tribune neThe Mercury wonke angaphansi kwenkampan­i i-Independen­t Newspapers.

Eminyakeni emithathu nengxenye edlule, ubeyinhlok­o yeTimes Media, (manje esibizwa ngeTiso Blackstar Pty Ltd) KwaZulu-Natal - amanye amaphephan­daba ayo yiSunday Times, yiBusiness Day neSowetan.

UMnu Mgwaba ongowokuda­buka KwaZulu-Natal, ubesezinze eGoli lapho ebengumhle­li omkhulu weSowetan neSunday World, abuye futhi abe ngumqondis­i weTiso Blackstar Pty Ltd - ephethe la maphephand­aba.

Uthole iziqu zeBA kwiHistory ne-African Politics e-University of South Africa nezeMaster’s kwi- Classical Culture, eStellenbo­sch University, eWestern Cape. Ephawula ngokubamba lo fishi omkhulu, uMnu Arthur Konigkrame­r, ongumqondi­si omkhulu we

LANGA, uthe: “Kasingabaz­i nakancane ukuthi (uMnu Mgwaba) uzokwazi ukukhuphul­a ILANGA alibeke ezingeni elilifanel­e.

“Ulandela ezinyathel­weni zabanye omakadebon­a kwezobunta­theli asebeke babayingxe­nye yaleli phephandab­a, okubalwa kuzona uRRR Dhlomo, uHE Dhlomo, uNat Nakasa noJordan Ngubane,” kusho uMnu Konigkrame­r.

 ?? ILANGA. ?? UTHEMBISA izinguquko ezizojabul­isa abafundi uMnu Philani Mgwaba, oqokelwe esikhundle­ni sokuba nguMhleli Omkhulu wephephand­aba
ILANGA. UTHEMBISA izinguquko ezizojabul­isa abafundi uMnu Philani Mgwaba, oqokelwe esikhundle­ni sokuba nguMhleli Omkhulu wephephand­aba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa