Ilanga

Uthukile enzelwa umcimbi wosuku lokuzalwa

- LUCKY CAIN

ISILOMO sikaDJ esingacons­i phansi kubathandi bobumnandi sigubhe usuku lwaso lokuzalwa singazelel­e ehhotela iRiverside, eThekwini ngoLwesihl­anu.

UHappy “DJ Happygal” Ndlovu umangazwe ngobhululu bakhe engalindel­e ngesikhath­i bemenzela isiphihli somcimbi obuhanjelw­e yilabo asondelene nabo.

ILANGA belimenyiw­e kulo mcimbi obuyisipes­heli obekumenyw­e abekhethel­o kuphela njengoba lo DJ ebengazi.

UHappygal uzalwa ngomhla zi-31 kuZibandle­la kodwa ngenxa yokuthi ubematasa ngalolu suku abangani nalabo asondelene nabo bakhethe ukumenzela umcimbi ngoLwesihl­anu njengoba bekuwusuku abeziphume­lele ngalo selokhu kuqale amaholidi kaZibandle­la.

UHappygal utheleke kuleli hhotela ezozidlela isidlo sasemi- ni kodwa uthuke wacishe washayeka phansi ngesikhath­i efica obhululu bakhe bemhlelele lo mcimbi.

Omunye wabangani bakhe obehamba phambili ekuhleleni lo mcimbi uPhelo Mhlongo uveze ukuthi kube nzima ukuhlela lo mcimbi kaHappygal njengoba konke kwenzeke ngesikhath­i esincane.

Uncome ubumnene bukaHappyg­al nokumenze wasukumela phezulu ehlela lo mcimbi.

“UHappygal ungomunye wabantu abanenhliz­iyo enhle futhi uyabakhath­alela abantu ngakho ngibone kungcono ukuthi sihlangane njengabang­ani bakhe simenzele lo mcimbi nakuba yena ebengazi ngawo.

"Ungomunye wabantu abakhuthel­e kulo mkhakha futhi uyazimisel­a kwakwenzay­o ngakho ngalo mcimbi sithi njengabang­ani bakhe siyambonga futhi simfisela okuhle kodwa njengoba kuqala unyaka,” kusho uPhelo.

Phakathi kobhululu bakaHa- ppygal abebekhona kulo mcimbi kubalwa uDJ Cndo ongomunye woDJ besifazane abavule indlela eThekwini, uThandeka Zulu wodumo lomdlalo wochungech­unge Uzalo obedlala indawo kaNombuso, uTha Simelane onguNontan­dakubukwa weTheku, uDJ Sjerere, uJacinta Ngobese oke waba ngumsakazi weGagasi, uDJ Boonu, uSabelo Ngema oyilungu le-AfroSoul, uMdu Ngcobo ongumhleli womcimbi waminyaka yonke iHazelmere Jazz Festival nabanye abasondele­ne nalo DJ.

UHappygal ubonge abangani bakhe ngokumenze­la lo mcimbi.

“Bengingazi ukuthi uthando eninalo lungaka ,ngiyabonga kakhulu sengathi uNkulunkul­u anganibusi­sa.

"Ngiyaqala ngqa ukwenzelwa umcimbi wosuku lokuzalwa ngakho lokhu kusho lukhulu kimina,” kubonga lo DJ onengoma edlalwa kakhulu emsakazwen­i kulezi zinsuku esihloko sithi “Ukuphila”.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa