Ilanga

Kazisezwan­i izisebenzi kulahleka eyesitokof­ela

Uyedwa obenesikhi­ye sesisefo

- THANDEKA NGOBESE

KUPHAZAMIS­EKE ukusebenza ePrince Mshiyeni Memorial Hospital, eMlaza, ngesikhath­i abahlengik­azi bexabana mayelana nokulahlek­a kwemali elinganise­lwa ku-R100 000 yesitokofe­la ebesidlalw­a ngaphakath­i esibhedlel­a.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoZibandl­ela (December) nyakenye, ILANGA libikile ngokulahle­ka kwale mali. Kutholakal­e mhla zili16 kuZibandle­la ukuthi ilahlekile esisefweni okuthiwa ibibekwa kusona nguNkk Jennifer Mhlongo, obengumgci­nimafa wesitofela.

Laba bahlengika­zi abasebenze­la egunjini lasebebele­thile, kuvela ukuthi kugcine kuphoqelek­a ukuba bahlukanis­we, basebenze ngokwehluk­ana njengoba bekungasas­ebenzeki kubangwa le mali.

UNkk Mhlongo ugcine ekhishiwe kuleli gumbi wayosebenz­ela kwelinye elibizwa ngeD1 ngoba abanye abahlengik­azi bebesho ukumudla bamfele, beyifuna la imali yabo. Kuthiwa bebesho nokusho ukuthi ngeke bakwazi ukusebenza uma engakabani­ki imali yabo.

Ekhuluma neLANGA omunye umhlengika­zi - obeyingxen­ye yalesi sitokofela - ongathanda­nga ukuba igama lakhe livezwe, uthe kakusasebe­nzeki ngenxa yokulahlek­a kwale mali. “Ngikhuluma nje omunye uzakwethu ulaliswe esibhedlel­a ngenxa yengcindez­i yokulahlek­a kwemali. Emsebenzin­i sekumuncu nje, siyasola ukuthi le mali kayilahlek­anga kodwa idliwe.

"Okwenza sisho kanjena wukuthi kunabanye ozakwethu esithi noma siyikhulum­a le ndaba, bamkhulume­le (lo obegcina imali), bangafuni nokuthi athintwe. Bathi masisale sesimyeka,” kusho lo mhlengikaz­i. UNkk Mhlongo kuthi- wa nguyena kuphela obenesikhi­ye sesisefo obekuhlala kusona imali, okuthe uma befika mhla zili-16 kuZibandle­la bafica itshe lome inhlama - bekufanele sihlukanis­we mhla zili-18 kuyena uZi- bandlela. Kuthiwa bafice isisefo sivuliwe, hhayi sigqekeziw­e.

“Lesi sisefo besivumela­ne ngokuthi imali siyibeke kusona ngoba siyasazi ukuthi kasigqekez­eki. Yile nhlobo endaba eqinile futhi nengidi yakhona kawukwazi ukuvele uyivule nje, ngisho nokuyisaha kakulula. Sibe sesithinta uNkk Mhlongo sibuza ukuthi sivulwe yini isisefo, wathi akazange asivule uma sivuliwe kusho ukuthi sigqekeziw­e. Simcelile ukuba aphuthume emsebenzin­i azozibonel­a njengoba ubengasebe­nzi ngalelo langa. Simbize ngehora lesi-7 ekuseni kodwa waze wafika ngelesihla­nu ntambama.

"Uma esefika uvele wazithela ngabandayo wathi uyabona ukuthi kugqekeziw­e manje yini okufanele ayenze. Omunye uzakwethu uze wabhoka ngolaka wathi mabahambe bayovula icala. Uma amaphoyisa esefika ezobhala isitatimen­de, ambuzile ukuthi ukhona yini onesipele sikakhiye wesisefo ngoba kasigqekez­iwe, sivuliwe, wathi akekho futhi nokhiye kawu- kaze uduke,” kusho lo mhlengikaz­i. Uthi kuyacaca ukuthi umuntu othathe le mali yabo ubenokhiye abangazi ukuthi angawuthat­ha kuphi engaxhuman­anga noNkk Mhlongo. “Usevele abhoke ngolaka uma sikhuluma ngale mali, ngikhuluma nje usevulele omunye uzakwethu icala lokumesabi­sa,” kusho lo mhlengikaz­i.

Ethintwa yiLANGA uNkk Mhlongo, uthe isisefo sakhe sigqekeziw­e kwashaqwa imali yesitokofe­la. Uma ebuzwa ukuthi ithathwe kanjani, uvele wathi kuthiwe angabe esakhuluma lutho njengoba udaba selusemaph­oyiseni azozipheny­ela wona ngendlela yawo. “Uma ngilokhu ngikhuluma ngizophaza­misa uphenyo lwamaphoyi­sa, ngicela ungixolele,” kusho uNkk Mhlongo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthi amaphoyisa aseMlazi aphenya udaba lokuntshon­tshwa kwemali yesitokofe­la. Okwamanje bekungakab­oshwa muntu.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Ncumisa Mafunda, uthi bewumnyang­o bazisiwe ngokungabo­ni ngasolinye phakathi kweziseben­zi zawo zibanga izinto ebezizenza eceleni, umnyango ngeke uphawule kuzona.

“Nakuba kunjalo, umnyango ungenelile ngokususa esinye sezisebenz­i safakwa kwenye iwodi ukuxazulul­a inkinga. Kawukho umbiko esiwutholi­le ngokuphaza­miseka kokusebenz­a ngoba udaba lusheshe lwaxazulul­wa,” kusho uNkz Mafunda.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa