Ilanga

Kushubile kumasipala owephucwe izimoto

Imfucuza ayisathuth­wa

- THANDEKA NGOBESE thandeka.ngobese@ilanganews. co.za

ZIMAPEKETW­ANE izinto kuMasipala waseDumbe, enyakatho yeKwaZulu-Natal emuva kokuphucwa izimoto eziyi-6 ebeziqashi­we yilo masipala enkampanin­i ezimele ngenxa yokuthi bezingasak­hokhelwa.

Lezi zimoto okubalwa kuzona amaloli athutha imfucuza namaveni abesebenza eminyangwe­ni eyahlukene kulo masipala, zithathwe ngoZibandl­ela (December) nyakanye.

Selokhu zithathiwe, idolobha laseDumbe linuka phu wukungcola. Esinye isakhamuzi saseDumbe, uMnu Sibusiso Mkhabela, sithi sebeze bamba imigodi emagcekeni lapho beshisa khona imfucuza kwazise umasipala kawusayi nhlobo ukuyolanda udoti emalokishi­ni.

“Abakwamasi­pala kabakaze futhi beze kithina ukuzosicha­zela ukuthi kungani bengasezi ukuzolanda imfucuza, sibona ukuthi yingoba kabanandab­a nabantu baseDumbe.

“Edolobheni ngoKhisimu­si udoti ubusuthuth­wa ngumnikazi wegalaji ngeveni lakhe ayowulahla. Lo mnikazi wegalaji kuhambe naye wakhathala njengoba ebengathol­i ngisho indibilish­i ngokusiza umasipala.

“Sicela uNgqongqos­he Nomusa Dube-Ncube angenelele, kungenjalo iDumbe izofa fi. Kwamanje sifile wukuthi amahhovisi asavuliwe, kawakavalw­a,” kusho uMnu Mkhabela.

Lo masipala kuzokhumbu­leka ukuthi ILANGA like labika ngawo ukuthi zonke izimoto obunazo ebezili-18 ngaleso sikhathi ubuziqashi­le, uzikhokhel­a u-R380 000 ngenyanga kodwa okuthe sewuxakwa wukushoda kwemali, ezili-12 zaphindise­lwa emuva kwasala ezi- yisi-6 ebesezikho­khelwa u-R163 000 ngenyanga.

Ikhuluma neLANGA iMeya yaseDumbe, uMnu Majuba Mavuso, ithe kuyiqiniso ukuthi izimoto zabo zithathiwe. Uthi ngokwesivu­melwano abebenaso nenkampani ebibaqashi­sela ngezimoto, bebekhokha mhla zintathu njalo ngenyanga kodwa kuthe lulunye babona sekungena abantu beyolanda lezi zimoto.

“Sithe sithi sizama ukukhuluma nabo bathi kabazimise­le ukukhuluma nathi, masibayise enkantolo uma sithanda. Icala lizongena ngoNhlolan­ja (February) ngenyanga ezayo.

“Sisola ukuthi kukhona abantu abadlala ipolitiki kulolu daba njenjoba ngosuku ezithathwe ngalo, abashayeli bethu babuye nezimoto bengalival­a ibhuku lazo, bashiya okhiye ezimotweni bagoduka, into engakaze yenzeke nakwamadal­a eJudeni.

Nakuba kunjalo, sikwazile ukuthola iloli elilodwa elinikelwe wumnyango wezokuthut­ha okuyilo esiliseben­zisayo njengamanj­e. Yize lingenele kodwa liyawenza umehluko,” kusho uMnu Mavuso.

Edolobheni ngoKhisimu­si udoti ubusuthuth­wa ngumnikazi wegalaji...

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? UMNU Musa Mseleku uthi isithembu kungenwa kusona ngothando kuphela hhayi ngoba kuyoqedwa usizi njengoba ethi kunabesifa­zane abaningi abazitshel­a ukuthi amadoda athatha isithembu angama-
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA UMNU Musa Mseleku uthi isithembu kungenwa kusona ngothando kuphela hhayi ngoba kuyoqedwa usizi njengoba ethi kunabesifa­zane abaningi abazitshel­a ukuthi amadoda athatha isithembu angama-

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa