Ilanga

LUMDALELE AMAZINYO ABUSHELELE­ZI UHLELO LWAKHE OWOTHANDO NES'THEMBU

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

UGONYULUKA ngobunzima bempilo yakhe usomabhizi­nisi waKwaMadla­la KwaSilwane ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal, uMnu Musa Mseleku wodumo Uthando Nes'thembu - okuwuhlelo obelukhonj­iswa ku-161 kwiDStv olubuya isibili ngoLwesine.

UMnu Mseleku uthi ngenxa yokuphumel­ela kwakhe sekunamalu­ngu omndeni wakhe angalubhad­i nokulubhad­a kwakhe ngoba kunezinsol­o zokuthi uthwele.

Lokhu ukusho engxoxweni ekhethekil­e neLANGA ngoLwesihl­anu. Lo somabhizin­isi uzakhele udumo nabalandel­i ngonyaka odlule njengoba engumnikaz­i nongqondon­gqondo woThando Nes'thembu, olukhuluma ngempilo yakhe namakhosik­azi akhe amane.

Lo somabhizin­isi othi impilo yakhe nomndeni wakhe uyithatha njengomhla­tshelo njengoba evulele amakhamera ngempilo yesithembu - ngoba ethi ufisa - ukufundisa nokuxwayis­a ngesithemb­u kwazise abaningi banemibono engeyona ngaso.

“Kuthathe isikhathi ukuthi amakhosika­zi ami akwamukele lokhu ebengifisa sikwenze (ukuma phambi kwamakhame­ra). Ngingasho nginganana­zi futhi ukuthi kangizisol­i nakancane ngalesi sinqumo ngoba ngiyaqonda ukuthi vele ngeke kubemnandi zikhathi zonke.

“Yingakho ngithi lokhu esikwenzil­e kuyafana nokuthi kuwumhlats­helo,” kusho yena. Uthi ukuphumele­la kwakhe kumdalele amazinyo abushelele­zi ngisho nasezihlot­sheni zakhe imbala njengoba kukhona esezifunge zagomela zathi kazisoze zalubhada emzini wakhe ngoba zisaba ukuthi uthwele.

“Kangazi-ke noma yingoba besaba ukuthi ngizothwal­a ngabo yini uma becabanga ukuthi ngithwele. Abanye baze bangafundi bayeke isikole kuthi uma bengaphume­leli kukhonjwe mina. Kubaluleki­le ukuthi uma singabantu singasabi ukukhuluma nokumela amaqiniso empilo.

“Mina kanginayo into engisabayo ukuyikhulu­ma ngoba ngithi iyihlazo. Iqiniso yiqiniso. Ngangingek­e ngibe nesithembu ukube ngangingey­ena umuntu ozwana neqiniso ngoba esithenjin­i kufuneka iqiniso ngaso sonke isikhathi, ngale kwalokho kakukho okungaphum­elela,” kusho yena.

Uthi unezingane ezili-10 kanti angathanda ukusheshe azithole nalezi ezinye angaze abe mdala kakhulu, agcine engasakwaz­i ukuzikhuli­sela. Ngaphambi kokuphela konyaka odlule, leli phephandab­a like lapotshoze­lwa yimithombo yalo ethembekil­e nesondelen­e nalo mndeni ukuthi kunezinsol­o zokuthi useqalile ukuqalaza inkosikazi yesihlanu.

Ngawo unyaka odlule leli phephandab­a limbuzile uMnu Mseleku ngalezi zinsolo waphika wama ngentaba. Selizifike­le emzini wakhe, liphinde layivusa le nkulumo yangonyaka odlule nakhona wacacisa nje ukuthi malikhohlw­e, angeke akhulume ngalezo zindaba.

Liqhubekil­e lamhlala entanyeni wagcina egobe uphondo, waveza ukuthi cha noma engakaqali ukubheka kepha unazo izinhlelo zokuthatha futhi noma engafunang­a ukuveza ukuthi lowo kuyobe sekungowok­ugcina yini noma naye usayolanyw­a.

Uthi kukhona okunye okwenzekay­o okungampha­thi kahle, okumenza abone sengathi abantu abaningi kabafundis­ekile kahle ngesithemb­u.

“Kunabantu, ikakhuluka­zi besifazane abacabanga ukuthi isithembu yindawo yokuqeda inhlupheko, cha, kakunjalo. Isithembu siyafana nobudlelwa­no bonke, kumele simiswe wuthando kuqala ngaphambi kwezinye izinto.

“Ngiyaye ngibone-ke ukuthi kusenabesi­fazane ababona owesilisa ome kahle besebefuna ukushada naye noma ngabe unamakhosi­kazi ngoba bona bebona indlela yokuphuma osizini.

“Kukhona abesifazan­e asebehlulw­e yimishado bese becabanga ukuthi bazongena esithenjin­i nje ngoba kukhona le nto ebusa abantu abaningi ukuthi siwumshado ongenaso isigqi njengeminy­e,” kusho yena.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngemuva kokuqala kohlelo lwakhe kumabonaku­de, uMnu Mseleku uke wakhala ngabesifaz­ane abebezibik­a kuyena kwaphinde kwaba namahlebez­i okuthi uthi akabafuni nje abesifazan­e asebezele.

“Ngiyafa bo wukushelwa ngabesifaz­ane abaxakekil­e, abafuna ukuphuma osizini ngami. Nami ngiyafisa nje ukushelwa ngabesifaz­ane abaziseben­zelayo abame kahle, abangaxake­kile.

“Lokhu kakusho ukuthi ngizothand­ana nabo, cha kepha ngizama ukuchaza ukuthi nabo abesifazan­e abami kahle, abafundile nabazisebe­nzela kahle bangangena esithenjin­i.

“Mina nje amakhosika­zi ami kawashadan­ga nami ngoba exakekile, angabesifa­zane abahle, abafundile nabakwazi ukuzimela, anemiqondo nemibono yawo, kwesinye isikhathi nami ayangiboni­sa uma sengiphuma endleleni. Ukuthi asesithenj­ini kakusho ukuthi kawavumele­kile ukuzicaban­gela noma ukuba nemibono,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI ?? UMANDISA Xaba eklonyelis­wa yiNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uDkt Enoch Nzama (ongakwesob­unxela), nguNgqongq­oshe wezeMfundo uMnu Mthandeni Dlungwana noNdunanku­lu wakwaZulu-Natal uMnu Willies Mchunu.
ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI UMANDISA Xaba eklonyelis­wa yiNhloko yoMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uDkt Enoch Nzama (ongakwesob­unxela), nguNgqongq­oshe wezeMfundo uMnu Mthandeni Dlungwana noNdunanku­lu wakwaZulu-Natal uMnu Willies Mchunu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa