Ilanga

UDALULE IMFIHLO OQOPHE UMLANDO

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

USHIYE phansi abangani abebengazi­misele ngokufunda umfundi oqophe umlando ethola umklomelo emnyangwen­i wezemfundo kuzwelonke, wamela iKwaZulu-Natal ngenxa yemiphumel­a yakhe emihle kumatikule­tsheni.

UMandisa Xaba (18) waseZakhen­i eMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal, obefunda eSakhele High School, uthi udele konke ngenxa yokuthi ubekwazi azibekele khona empilweni.

Utshele ILANGA ukuthi ubezibhale­le ibhuku lapho ecaze khona isikhathi sosuku nosuku. Uthi njalo uma ephuma esikoleni, ubefika abhekane nezincwadi zakhe.

“Abangani bami bebenezinh­lelo zabo nabo kodwa ngenxa yokuthi kakumele ngidlale ngethuba, yingakho ngiliseben­zisile ngafunda ngokuzimis­ela. Njalo ngoMgqibel­o bengiya emtapweni wolwazi womphakath­i ngihlale kumaxhobel­alwazi ( internet) usuku lonke ngiyobheka engingakuq­ondi kahle, ngibuyele ekhaya sengiyolal­a.

“Kangizisol­i ngesikhath­i ebengisich­itha ezincwadin­i zami futhi ngiyafisa ukuthi nabanye abafundi babukele kwesikwenz­ile nathi,” kusho uMandisa.

“Ezifundwen­i eziyisi-7 abezenza, uthole o-A kuzona zonke. Ubenza i-English, isiZulu, iPhysics, iMaths, iGeography neLife Orientatio­n. Uyokwenza iziqu zeBachelor of Science kwi-Software Engineerin­g e-University of Cape Town.

Uhlonishwe ngendondo yeFirst Place in Quintile 3 kuzwelonke, wa- phuma kwabali-10 abasebenze kahle KwaZulu-Natal, waklonyeli­swa ngendondo yokubaqwaq­wada bonke abafundi ngaphansi kukaMasipa­la wesiFunda uThukela.

Utshele leli phephandab­a ukuthi uqoke lezi ziqu ngoba efuna ukwehluka kakhulu endaweni yangakubo ukuze ezokwazi ukuqhamuka nezinto ezintsha ngokusetsh­enziswa kwekhompyu­tha.

“Nginxusa abafundi ukuthi ngosuku lokuqala kuvulwe izikole, bafunde kube sengathi unyaka usu-phelile,” kusho uMandisa.

Uthi usewutholi­le nomfundaze kwaCouncil for Scientific and Industrial Research (CSIR), ozokhokhel­a zonke izindleko zesikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa