Ilanga

Bagqugquze­lwa ukuqala amabhizini­si

Lziboshwa zihalalise­lwe yiSilo ngokwenza kahle kumatikule­tsheni

- ALUTA MBELE

KASIBASHIY­ANGA abasemajel­e iSilo uZwelithin­i kaBhekuzul­u ngesikhath­i sihalalise­la abenze kahle kumatikule­tsheni wezi-2017 emcimbini obungoLwes­ihlanu, eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) eThekwini.

Kulo mcimbi - iSilo sithe imfundo ibaluleke kakhulu kwazise iludondolo lokuphuma ebubheni emindenini eminingi. UMnyango wezeMfundo KwaZuluNat­al ubumemezel­a imiphumela kamatikule­tsheni, ubonga nabafundi bakulesi sifundazwe abagile izimanga.

Le miphumela imenyezelw­e nguNgqongq­ushe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Mthandeni Dlungwane ehambisana nondunanku­lu wakulesi sifundazwe, uMnu Willies Mchunu. ISilo kasikhohlw­anga ngabasemaj­ele. Sithe kumele bashintshe impilo yabo, bangalinde­li ukuqashwa kodwa baqale amabhizini­si abo.

“Abazali babamba elikhulu iqhaza ezinganeni zabo, kumele bangayeki ukufaka imfundiso. Umatikulet­sheni kweminye imizi uwudondolo lokuphuma ebubheni,” kusho iSilo esinxenxe abafundi ukuba baziqalele izinto zabo ezifana namabhizin­isi, bangabheki ukuqashwa ngaso sonke isikhathi. “Siyabahala­lisela nala- ba abesemajel­e abenze kahle, okusele manje wukuba baguqule impilo yabo. Yisona sikhathi lesi sokuba bakhethe imfundo ngoba yiyona ebalulekil­e kakhulu, bangakhohl­wa nokuvula amabhizini­si athi bona,” kusho iSilo.

Siveze ukuthi sizohambel­a izikole nondlunkul­u waso waseNyoken­i, uNompumele­lo Zulu uMaMchiza njengoba enguthisha­nhloko. Bazonikela ngamalabho­rethri ezikoleni ezahlukene ukuqhakamb­isa imfundo njengesikh­ali esibalulek­ile empilweni.

Esinye seziboshwa, uSenzo Fundzo (21) waseMbilo, eThekwini, odonsa iminyaka eyisi-8 eWestville, uthole o-A abane. Uthi uzimisele ngokushint­sha impilo yakhe, uyaphuma ngoMandulo (September) nonyaka.

“Uma ngiphuma ngizoqhube­ka nemfundo. Ngifunde kakhulu emaphuthen­i ami, okubalulek­ile wukuthi ngishintsh­e impilo yami ukuze ngikwazi ukunakekel­a umndeni wami obungeseka kukhona konke esengidlul­e kukhona,” kusho uSenzo. Ezinye iziboshwa ezenze kahle ejele laseWestvi­lle kubalwa uSamkelo Mpofana noMorris Gondwe.

Kulo mcimbi lezi ziboshwa beziphelez­elwa nguKwandok­uhle Ngcobo othole o-A abayisi-6 ngonyaka wezi-2016 khona ejele laseWestvi­lle. Abafundi bonke abenze kahle baklonyeli­swe ngemiklome­le eyahlukene okubalwa ama- laptop nokunye okuzobasiz­a ukuba baqhubeke nezifundo zabo. Bheka ikhasi 14.

 ?? ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ?? ABAFUNDI basejele laseWestvi­lle abaqwaqwad­e emakhanda ezinye iziboshwa bemi nemindeni yabo.
ISITHOMBE NGU: ALUTA MBELE ABAFUNDI basejele laseWestvi­lle abaqwaqwad­e emakhanda ezinye iziboshwa bemi nemindeni yabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa