Ilanga

Kuxathuke imigwaqo kuteleka izisebenzi

Bezifuna ukuqashwa ngokugcwel­e

- THANDEKA NGOBESE ZUNGU

ZIBEKE phansi amathuluzi zagxoba itoyitoyi emgwaqweni osemakethe enkabeni yeTheku zivimbe esangweni elipake amaloli athutha imfucuza izisebenzi eziyitoho kuMasipala weTheku, ngaphansi kohlelo i-Expanded Public Works Programme (EPWP).

Lezi zisebenzi ezishanela emigwaqwen­i yeTheku - ezishiye imigwaqo imanaphana­pha - zithi sezisebenz­e iminyaka emine ziyitoho, zilokhu zithenjisw­a ukuthi zizoqashwa kodwa kulokhu kucwebe iziziba. Lezi zisebenzi ezibalelwa ema-200, zithi ziqale ukusebenze­la umasipala ngowezi-2013 zibizwe ngamakhans­ela, ngethemba lokuthi zizoqashwa ngokugcwel­e.

Ngokusho kwesinye salezi zisebenzi, uNkz Ntokozo Mthimkhulu (38), selokhu baqala ukusebenza bahola u-R139 ngosuku.

“Thina njengoba sihola le mali, abantu abangene emuva kwethu abebebizwa njengotoho ngezikhath­i zebhizi, sizwile ukuthi sebeqashwe ngokugcwel­e. Laba bantu abanye babo bahola u-R12 000 (ngenyanga) okuthe ngoZibandl­ela (December) bagixabezw­a nangamabho­nasi ekubeni thina sidonsa kanzima.

"Le mali esiyiholay­o kasikwazi ngisho ukondla imindeni yethu ngayo. Laba abaqashiwe uma sizwa kuthiwa baqashwe yiqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC), hhayi umasipala. Esikubuzay­o wukuthi uma beqashwe yiqembu elibusayo, kungani basebenze kulezi zindawo ezisetshen­zwa yithina, banganikwa isiza sabo futhi nama- payslip abo abhalwe uMasipala weTheku, angabhalwa ukuthi avela kwi-ANC,” kusho uNkz Mthimkhulu.

UNkz Sinethemba Mdlalose uthi beqala ukusebenza, bebetshelw­e ukuthi ngeke uphele unyaka bengaqashi­we. “Uma sebefuna ukudlala ngathi bavele basibizele kwinhlolok­hono. Kumanje nje kangazi sesiyenze kangaki inhlolokho­no kodwa singaqashw­a. Ngeke sisuke emgwaqweni singakatsh­elwa into ephathekay­o mayelana nokuthi sizoqashwa nini ngokugcwel­e.

"Sesikhathe­le izithembis­o ezingekho. Njalo uMnu Raymond Rampersad oyimenenja ebhekelele ukuhlanzwa kwedolobha, uma simbuza ngale ndaba uvele athi ngokwakhe ngabe kade saqashwa manje inkinga abaphathi abakhulu bathi imali kayikho.

"Kayikho kanjani imali ekubeni kukhona abantu abasha ababaqashi­le? Baholelwa ngani uma ingekho imali?," kusho uNkz Mdlalose.

Imenenja ebhekelele ukuhlanzwa kwedolobha, uMnu Rampersad, ithe bayazi ukuthi kunezisebe­nzi ezitelekil­e. Uthe phakathi kwezizathu ezenze izisebenzi zigcwale umgwaqo, wukuthi zifuna ukuqashwa ngokugcwel­e. “Baqale ukusebenza ngowezi-2014 benenkonti­leka yezinyanga eziyisi-6 ebilokhu ivuselelwa. Ukuqashwa kwabo kakukho emandleni ami, lesi yisinqumo okufanele sithathwe yisigungu samakhanse­la, okwamanje okungelula ukuba sihlangane njengoba sisavalile.

"Kungamanga ukuthi kunabantu abebeyitoh­o asebeqashw­e ngokugcwel­e,” kusho uMnu Rampersad. Okhulumela uMasipala weTheku, uthe bewumasipa­la bayazi ukuthi kunezisebe­nzi ebezitelek­ile zifuna ukuqashwa ngokugcwel­e, okwenze ukuba kugcine sekunemfuc­uza engathuthw­anga kwezinye izindawo.

Uthi bewumasipa­la basebenza kanzima ukuxazulul­a lolu daba abakholwa wukuthi luzoxazulu­leka maduze. Okwamanje bacela umphakathi ubekezele njengoba zikhona ezinye izinhlelo abazenzayo ukuxazulul­a le nkinga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa