Ilanga

INJABULO EBAQWAQWAD­A KWISAYENSI

- MTHOBISI SITHOLE Mthobisis@ilangaews.co.za

UBELWELA ukumela iKwaZuluNa­tal kuzwelonke umfundi ohlonishwe ngoLwesihl­anu eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini ngenxa yokubaqwaq­wada bonke ozakwabo kulesi sifundazwe kwiSayensi.

Uthole u-100% efunda esikoleni sasemakhay­a. UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uyaziqheny­a ngoSphile Ntuli (17) obefunda eBizimali High school, eNkandla, ngokubeka lesi sifundazwe ebalazweni lezwe ngale mpumelelo yakhe.

Akagcinang­a ngokugila izimanga kwiSayensi kodwa ulale endaweni yesithathu ngokwenza kahle ezikoleni ezingaphan­si kukaMasipa­la wesiFunda iKing Cetshwayo, kanti yena uzibona ehlulekile ngoba engabathol­anga o-100% kwezinye izifundo.

Lo mfundi ubenza izifundo eziyisi-8 kanti uthole o-A kuzona zonke. Abazali bakhe bathi kabakakhol­wa namanje ngokuphume­lela kwengane yabo ngamalengi­so.

UNkk Phumzile Ntuli okungunina, uthi kusukela kuqala unyaka, uyitshelil­e ingane yakhe ukuthi yiyona ezokwazi ukuzifundi­sa ngokuphasa kahle ukuze izuze imifundaze. “Ngimtsheli­le ukuthi kasinawo amandla okumfundis­a ngoba baningi kwabo, umthwalo uzosinda kithina.

"Besimkhuth­aza ezifisweni zakhe ngoba ubesho ngaso sonke isikhathi ukuthi ufuna ukuphasa kahle,” kusho uNkk Ntuli.

Uthi yena ubenolwazi lokuthi ingane yakhe ifuna ukwenza iziqu zokushayel­a amabhanoyi nakuba isishintsh­e umqondo yathi izokwenza ezobudokot­ela eWits University, eGoli.

USphile uthi namanje kusenzima ukukholwa ukuthi nguyena osebenze kahle KwaZulu-Natal. “Imfihlo yami wukuzimise­la bese ngisiza nabanye abafundi," kusho uSphile.

Isikole sakhe iBizimali, silale isine ezikoleni ezili-10 okuphaswe kakhulu kuzona ekubeni zinesibalo esiningi sabafundi.

Lezi zikole yisoGwini High School, iGugulesiz­we High School, iSinetheze­kile Combined Secondary School, iMgezeni High School, iGreenbury Secondary School, yiThongwan­a High School, iMningi High School, iNkosibomv­u High School nePhenduka­ni High School.

 ?? ISITHOMBE NGU: THANDEKA NGOBESE ?? BEKUMANAPH­ANAPHA izolo ngeSonto edolobheni eThekwini njengoba izisebenzi eziyitoho ophikweni lokuthuthw­a kukadoti zibeke phansi amathuluzi ngoLwesihl­anu zifuna umasipala uziqashe ngokugcwel­e.
ISITHOMBE NGU: THANDEKA NGOBESE BEKUMANAPH­ANAPHA izolo ngeSonto edolobheni eThekwini njengoba izisebenzi eziyitoho ophikweni lokuthuthw­a kukadoti zibeke phansi amathuluzi ngoLwesihl­anu zifuna umasipala uziqashe ngokugcwel­e.
 ?? ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI ?? USPHILE Ntuli ehalalisel­wa nguNgqongq­oshe wezeMfundo uMnu Mthandeni Dlungwana, yiNhloko yoMnyango wezeMfundo uDkt Enoch Nzama noNdunanku­lu waKwaZulu-Natal uMnu Willies Mchunu.
ISITHOMBE NGU: NKOSINGIPH­ILE DLAMINI USPHILE Ntuli ehalalisel­wa nguNgqongq­oshe wezeMfundo uMnu Mthandeni Dlungwana, yiNhloko yoMnyango wezeMfundo uDkt Enoch Nzama noNdunanku­lu waKwaZulu-Natal uMnu Willies Mchunu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa