Ilanga

Sekuqalile ukufaka izicelo zokuchibiy­ela

Nabangenza­nga kahle kumatikule­tsheni eminyakeni edlule basengawub­hala

- MTHOBISI SITHOLE

UKUNGENZI kahle kwabanye abafundi ngesikhath­i bechibiyel­a izifundo zabo, sekuholele ekutheni kushintshw­e indlela okuzobhalw­a ngayo kusukela ngonyaka ozayo.

Lokhu kuvezwe ngumQondis­i wezokubhal­wa kwezivivin­yo kwaZulu-Natal, uDkt Bunny Mthembu othi kuyagcina kulo nyaka ukuba kubhalwe izigaba ezintathu zokuchibiy­ela ngenxa yokuthi sekutholak­ele ukuthi abafundi badinga isikhathi esanele ukuze bazilungis­elele.

Uthi abangenzan­ga kahle nabafisa ukuthuthuk­isa imiphumela yabo, bangaqala ngoMsombul­uko bayofaka izicelo kuze kube mhla zili-19 kule nyanga. Bazonikezw­a elinye ithuba lokubhala kusukela mhla zili-19 kuNhlolanj­a (February) kuze kube mhla zingama-23 kuNdasa (March). “Sivule izandla nakulabo abafuna umayihlonz­e uma bengagculi­sekile ngemiphume­la yabo. Bangafaka izicelo zokubuyeke­zwa kwamapheph­a abo ukuze amakwe kabusha. Lokhu kakukhokhe­lwa uma kuwukuthi umfundi ubefunda esikoleni okungakhok­hwa kusona kanti laba abebefunda kwezikhokh­ayo, bakhipha u-R75 kuphela,” kusho uDkt Mthembu.

“Noma ngabe umfundi ubebhekene nezinkinga ezingaphez­u kwamandla akhe ngesikhath­i kubhalwa, kwaba khona izifundo angazibhal­anga, unalo ithuba lokubuyela ayobhala. Sinxusa nothishanh­loko ukuba banikeze laba abafeyilil­e ithuba lokuvuka bazithathe.

"Noma ngabe umuntu wayebhale umatikulet­sheni eminyakeni edlule, usezokwazi ukubhala kuNhlangul­ana nakuLwezi ngoba akekho umfundi okumele avaleleke ngaphandle," kusho uDkt Mthembu. Bheka ekhasini 14

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? UMMQONDISI wezokubhal­wa kwezivivin­yo KwaZulu-Natal, uDkt Bunny Mthembu.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA UMMQONDISI wezokubhal­wa kwezivivin­yo KwaZulu-Natal, uDkt Bunny Mthembu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa