Sekuqalile ukufaka izicelo zokuchibiyela
Nabangenzanga kahle kumatikuletsheni eminyakeni edlule basengawubhala
UKUNGENZI kahle kwabanye abafundi ngesikhathi bechibiyela izifundo zabo, sekuholele ekutheni kushintshwe indlela okuzobhalwa ngayo kusukela ngonyaka ozayo.
Lokhu kuvezwe ngumQondisi wezokubhalwa kwezivivinyo kwaZulu-Natal, uDkt Bunny Mthembu othi kuyagcina kulo nyaka ukuba kubhalwe izigaba ezintathu zokuchibiyela ngenxa yokuthi sekutholakele ukuthi abafundi badinga isikhathi esanele ukuze bazilungiselele.
Uthi abangenzanga kahle nabafisa ukuthuthukisa imiphumela yabo, bangaqala ngoMsombuluko bayofaka izicelo kuze kube mhla zili-19 kule nyanga. Bazonikezwa elinye ithuba lokubhala kusukela mhla zili-19 kuNhlolanja (February) kuze kube mhla zingama-23 kuNdasa (March). “Sivule izandla nakulabo abafuna umayihlonze uma bengagculisekile ngemiphumela yabo. Bangafaka izicelo zokubuyekezwa kwamaphepha abo ukuze amakwe kabusha. Lokhu kakukhokhelwa uma kuwukuthi umfundi ubefunda esikoleni okungakhokhwa kusona kanti laba abebefunda kwezikhokhayo, bakhipha u-R75 kuphela,” kusho uDkt Mthembu.
“Noma ngabe umfundi ubebhekene nezinkinga ezingaphezu kwamandla akhe ngesikhathi kubhalwa, kwaba khona izifundo angazibhalanga, unalo ithuba lokubuyela ayobhala. Sinxusa nothishanhloko ukuba banikeze laba abafeyilile ithuba lokuvuka bazithathe.
"Noma ngabe umuntu wayebhale umatikuletsheni eminyakeni edlule, usezokwazi ukubhala kuNhlangulana nakuLwezi ngoba akekho umfundi okumele avaleleke ngaphandle," kusho uDkt Mthembu. Bheka ekhasini 14